Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 16:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 UJesu waphendula wathi kuye: “Ubusisiwe wena Simoni kaJona, ngokuba inyama negazi akukwambulelanga lokhu, kodwa uBaba osezulwini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 UJesu waphendula, wathi kuye: “Ubusisiwe wena Simoni kaJona, ngokuba inyama negazi akukwambulelanga lokhu kodwa uBaba osezulwini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 UJesu waphendula, wathi kuye: “Ubusisiwe wena Simoni kaJona, ngokuba inyama negazi akukwambulelanga lokhu, kodwa uBaba osezulwini.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 UJesu waphendula wathi kuye: “Ubusisiwe wena Simoni kaJona, ngokuba inyama negazi akukwambulelanga lokhu, kodwa uBaba osezulwini.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 16:17
25 Referans Kwoze  

Kulotshiwe kubaprofethi ukuthi: Futhi bonke bayakuba ngabafundiswe nguNkulunkulu. Ngakho wonke umuntu ozwile kuBaba wafunda kuBaba uyeza kimi.


Siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda, ukuze simazi oqinisileyo, sikuye oweqiniso, eNdodaneni yakhe uJesu Kristu. Lona unguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.


ukwembula iNdodana yakhe kimi, ukuze ngiyishumayele phakathi kwabezizwe; masinyane angibuzanga lutho ngenyama negazi.


Kepha ngisho lokhu, bazalwane, ukuthi inyama negazi akunakulidla ifa lombuso kaNkulunkulu; nokubola akulidli ifa lokungonakali.


Okwathi kwezinye izikhathi okungakaziswanga kubantwana babantu, njengalokhu sekubonakalisiwe kubaphostoli bakhe abangcwele labaprofethi ngoMoya;


Futhi bonke abantwana bakho bayofundiswa uJehova; futhi ukuthula kwabantwana bakho kuyakuba kukhulu.


Ovumayo ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, uNkulunkulu uhlala kuye, naye kuNkulunkulu.


Amalunga aphakathi kwenu ngiyabakhuthaza, mina engimdala, nofakazi wezinhlupheko zikaKristu, nomhlanganyeli enkazimulweni ezakwambulwa;


Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu;


Yamletha kuJesu. UJesu embuka wathi: “Wena unguSimoni kaJona;


Ngakho lokhu abantwana bahlanganyela igazi lenyama, laye uqobo wahlanganyela khona lokho; ukuze ngokufa ambhubhise lowo owayenamandla okufa, okungukuthi, uSathane;


Ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi balobu bumnyama bomhlaba, nobubi bomoya ezindaweni eziphakemeyo.


Kepha mina ngikukhulekele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli; wena-ke, nxa usuphendukile, uqinise abafowenu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite