Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 16:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kwathi uJesu esefikile emikhawulweni yeKesariya yeFiliphi, wabuza abafundi bakhe, wathi: Abantu bathi mina iNdodana yomuntu ngingubani?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 UJesu esefikile emaphandleni aseKesariya Filipi wababuza abafundi bakhe, wathi: “Abantu basho ukuthi iNdodana yomuntu ingubani na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 UJesu esefikile esifundeni saseKhesariya Filiphi wababuza abafundi bakhe, wathi: “Abantu bathi iNdodana yomuntu ingubani na?”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Kwathi uJesu esefikile emikhawulweni yeKesariya yeFiliphi, wabuza abafundi bakhe, wathi: Abantu bathi mina iNdodana yomuntu ngingubani?

Gade chapit la Kopi




Mathewu 16:13
23 Referans Kwoze  

Ngabona emibonweni yasebusuku, bheka, kwafika onjengeNdodana yomuntu namafu ezulu, weza koMdala Wezinsuku, bamsondeza phambi kwakhe.


Uyinikile amandla okwahlulela, ngokuba iyiNdodana yomuntu.


Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla emhlabeni okuthethelela izono,” wayesethi kofe uhlangothi: “Sukuma, uthabathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.


Wasephendula wathi kubo: Ohlanyela inhlanyelo enhle yiNdodana yomuntu;


Ngokuba iNdodana yomuntu iyiNkosi yosuku lwesabatha.


UJesu wathi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke; kodwa iNdodana yomuntu kayilalapho engaqamelisa khona ikhanda.


Ukuthi uNkulunkulu wamgcoba kanjani uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamandla, owahamba enza okuhle, ephulukisa bonke ababecindezelwe nguSathane; ngoba uNkulunkulu wayelaye.


Wathi: “Bheka, ngibona amazulu evulekile, neNdodana yomuntu imi ngakwesokunene sikaNkulunkulu.


Isixuku samphendula sathi: “Sizwile emthethweni ukuthi uKristu uhlala phakade; usho kanjani ukuthi: INdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa na? ingubani le Ndodana yomuntu na?


Ngokuba neNdodana yomuntu ayizanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.


Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuba namahloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esifebayo nesonayo; nayo iNdodana yomuntu iyakuba namahloni ngaye, lapho iza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi ezingcwele.


Nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo sobukhosi.


Wamuka lapho uJesu, waya emikhawulweni yaseTire naseSidoni.


INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo, nabenza okubi;


Nalowo okhuluma izwi elibi ngeNdodana yomuntu uyakuthethelelwa;


Njengokuba uMose waphakamisa inyoka ehlane, kanjalo iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa;


Wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakubona izulu livulekile, nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka zehla phezu kweNdodana yomuntu.


Ngokuba njengalokho uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu; kanjalo iNdodana yomuntu iyakuba senhliziyweni yomhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.


Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.


Ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze bayibone iNdodana yomuntu iza embusweni wayo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite