Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 15:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe. Uma impumputhe ihola impumputhe, ziyakuyela emgodini zombili.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe; kepha nxa impumputhe ihola impumputhe, ziyakuyela emgodini zombili.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe. Kepha uma impumputhe ihola enye impumputhe, zombili ziyakukhalakathela emgodini.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe. Uma impumputhe ihola impumputhe, ziyakuyela emgodini zombili.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 15:14
19 Referans Kwoze  

Wasebatshela umfanekiso wokuthi: Isiphofu ingahola impumputhe na? Kabayikuwela emgodini bobabili yini?


Abalindi bakhe bayizimpumputhe, bonke abanalwazi, bonke bayizinja eziyizimungulu, azikwazi ukukhonkotha; lala, qamba amanga, uthanda ukulala.


Kodwa naphambuka endleleni; nikhubekise abaningi emthethweni; nichithile isivumelwano sikaLevi,” usho uJehova Sebawoti.


Ngokuba abaholi balaba bantu babayeke baduke; futhi labo abaholwa yibo bayabhujiswa.


Kepha kwakukhona nabaprofethi bamanga phakathi kwabantu, njengokuba naphakathi kwenu kuyakuba khona abafundisi bamanga abazakungenisa ngasese izifundiso ezibhubhisayo, bephika neNkosi eyabathengayo, bezilethela ukubhujiswa okusheshayo.


Abaprofethi baprofetha amanga, nabapristi babusa ngezandla zabo; futhi abantu bami bangathanda kanjalo; futhi uyokwenzani ekupheleni kwakho?


Ngubani oyimpumputhe ngaphandle kwenceku yami na? noma isithulu, njengesithunywa sami engisithumayo? Ngubani oyimpumputhe njengopheleleyo, oyimpumputhe njengenceku kaJehova na?


Ngokuba ngaphandle kukhona izinja, nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nawabenzayo amanga.


Sabanjwa isilo, kanye naso nomprofethi wamanga owenza izibonakaliso phambi kwaso, adukisa ngazo labo abamukela uphawu lwesilo, nabakhuleka emfanekisweni waso. Laba bobabili baphonswa besezwa echibini lomlilo elivutha isibabule.


Laba bayimithombo engenamanzi, amafu aqhutshwa yisiphepho; abagcinelwe inkungu yobumnyama kuze kube phakade.


Imibango ehlanekezelayo yabantu abangqondo eyonakeleyo, abaswele iqiniso, bethi inzuzo ingukumesaba uNkulunkulu;


U-Efrayimi uhlangene nezithombe; makasukume.


Baba namahloni ngokwenza izinengiso na? yebo, ababanga namahloni nakancane futhi bengenakuba namahloni; ngakho-ke bayakuwa phakathi kwalabo abawayo; ngesikhathi sokuhanjelwa kwabo bayakuwa, usho uJehova.


Baba namahloni lapho benza izinengiso na? yebo, ababanga namahloni nakancane futhi bengenakuba namahloni; ngakho-ke bayakuwa phakathi kwalabo abawayo; ngesikhathi engibahambela ngaso, bayakuwa, usho uJehova.


AbaseGibithe bangabantu, abasiye uNkulunkulu; namahhashi abo ayinyama, awawona umoya. Uma uJehova eselula isandla sakhe, abasizayo bayakuwa, nabasizwayo bayakuwa, bahluleke kanyekanye.


UJesu wasesithi: Mina ngizele ukwahlulela kulumhlaba, ukuze abangaboniyo babone; nokuthi ababonayo babe yizimpumputhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite