Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 14:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Inkosi yadabuka, nokho ngenxa yesifungo nangalabo ababehlezi nayo ekudleni yayala ukuba inikwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Inkosi yadabuka, kepha ngenxa yezifungo zayo nangenxa yababehlezi nayo ekudleni yayaleza ukuba inikwe,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Lokho kwayephula umoya inkosi, kepha ngenxa yezifungo eyayizenzile, nangenxa yababehleli nayo esidlweni, yayaleza ukuba inikwe.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Inkosi yadabuka, nokho ngenxa yesifungo nangalabo ababehlezi nayo ekudleni yayala ukuba inikwe.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 14:9
27 Referans Kwoze  

Wathi kubo: “Hambani niyitshele leyo mpungushe ukuthi: ‘Bheka, ngikhipha amademoni, ngiphulukisa abantu namuhla nakusasa, kuthi ngosuku lwesithathu ngipheleliswe.


Inkosi yadabuka kakhulu; nokho ngenxa yesifungo sakhe nangenxa yabahlezi naye, akathandanga ukumlahla.


Ngokuba uHerode wayemesaba uJohane emazi ukuthi uyindoda elungileyo engcwele, wamgcina; kwathi emuzwa, wenza izinto eziningi, wamuzwa ngokuthokoza.


Inkosi uHerode yasizwa ngaye; (ngokuba igama lakhe laduma) wathi: “UJohane uMbhapathizi uvukile kwabafileyo, ngakho-ke imisebenzi yamandla iyabonakala kuye.


Kwathi esefuna ukumbulala, wesaba isixuku, ngokuba babethi ungumprofethi.


Ngalesosikhathi uHerodi umtetrarki wezwa indumela kaJesu.


Ungasheshi ngomlomo wakho, futhi inhliziyo yakho mayingasheshi ukukhuluma phambi kukaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu usezulwini, wena usemhlabeni; ngakho-ke amazwi akho kufanele abe mancane.


USawule wafunga kuye uJehova, wathi: “Kuphila kukaJehova, awuyikwehlelwa isijeziso ngale ndaba.”


UNkulunkulu uyakwenza lokhu futhi enezele ezitheni zikaDavide, uma ngithungela odongeni konke okwakhe ekuseni;


Yaphendula enye yamadoda, yathi: “Uyihlo ubaxwayisile kakhulu abantu, wathi: ‘Uqalekisiwe umuntu odla utho namuhla. Abantu baphela amandla.


Abantu bakwa-Israyeli bacindezelwa ngalolo suku, ngokuba uSawule wabayala abantu, wathi: “Makaqalekiswe umuntu odla noma yini kuze kuhlwe, ukuze ngiziphindiselele ezitheni zami. Ngakho kakho ebantwini owanambitha ukudla.


Abantu bakwa-Israyeli bafunga eMispa, bathi: “Makungabikho kithina oyakunikela ngendodakazi yakhe kuBenjamini, ibe ngumkakho.”


Kwathi ekupheleni kwezinyanga ezimbili yabuyela kuyise, owenza kuyo njengesithembiso sakhe asithembisayo; futhi wayengazi muntu. Futhi kwaba umkhuba kwa-Israyeli,


Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Nina nawomkenu nikhulumile ngemilomo yenu, nakugcwalisa ngezandla zenu, nathi: ‘Siyakugcwalisa nokugcwalisa izithembiso zethu esizenzileyo zokushisela inkosikazi yezulu impepho nokuyithululela iminikelo yokuphuzwa.’ Qinisani nokuqinisa izithembiso zenu, nigcwalise nokugcwalisa izithembiso zenu.


Yayisiyaliwe ngunina yathi: Nginike lapha ngoqwembe ikhanda likaJohane uMbhapathizi.


Wasethuma wamquma uJohane ikhanda entolongweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite