Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 12:41 - Contemporary Zulu Bible 2024

41 Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle, ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona; bhekani, lapha kukhona omkhulu kunoJona.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

41 Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle; ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona; bhekani, kukhona lapha okukhulu kunoJona.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

41 Amadoda aseNineve ayakuma kanye nalesi sizukulwane ekwahlulelweni, asilahle ngecala, ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona. Lapha kukhona okukhulu kunoJona.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

41 Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle, ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona; bhekani, lapha kukhona omkhulu kunoJona.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 12:41
20 Referans Kwoze  

Indlovukazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, isilahle; ngokuba yavela emikhawulweni yomhlaba izokuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni; futhi bhekani, lapha kukhona omkhulu kunoSolomoni.


Ngokukholwa uNowa, exwayisiwe nguNkulunkulu ngezinto ebezingakabonwa, ngokwesaba wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe; ngalo walahla umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okungokukholwa.


Nongasokile ngokwemvelo, uma egcina umthetho, uyakukwahlulela wena oweqa umthetho ngokomthetho nokusoka na?


Ovela phezulu uphezu kwabo bonke; ongowomhlaba ungowomhlaba, futhi ukhuluma okomhlaba;


Kepha ngithi kini: Kukhona lapha omkhulu kunethempeli.


Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemeze ngawo; ngoba ububi babo bukhuphukele phambi kwami.


UJehova wathi kimi: “U-Israyeli ohlubukayo wazibonakalisa elungile kunoJuda ongathembekile.


Wena umkhulu yini kunobaba uJakobe owasinika lo mthombo, waphuza kuwo yena, nabantwana bakhe, nezinkomo zakhe, na?


Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle; ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona; bhekani, lapha kukhona omkhulu kunoJona.


Ngiqinisile ngithi kini: Konke lokhu kuyakufika phezu kwalesi sizukulwane.


UJesu waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani na? koze kube nini nginibekezelela? mletheni lapha kimi.


Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso; futhi kasiyikunikwa sibonakaliso, ngaphandle kwesibonakaliso sikaJona umprofethi. Wabashiya, wahamba.


Khona uyahamba uthabathe kanye nabanye omoya abayisikhombisa ababi kunaye, bangene bahlale khona; Kuyakuba njalo nakulesi sizukulwane esibi.


Kodwa waphendula wathi kubo: Isizukulwana esibi lesiphingayo sifuna isibonakaliso; futhi kasiyikunikwa sibonakaliso, ngaphandle kwesibonakaliso sikaJona umprofethi.


Asikho isikhali esenzelwa wena esiyophumelela; nalo lonke ulimi olukuvukelayo ekwahluleleni kumelwe ululahle. Leli yifa lezinceku zikaJehova, nokulunga kwazo okuvela kimi,” usho uJehova.


UJona waqala ukungena emzini, uhambo losuku, wamemeza wathi: Kusezakuba yizinsuku ezingamashumi amane, beselichithwa iNineve.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite