Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 11:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Izimpumputhe ziyabona, nezinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, nezithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, nabampofu bayashunyayezwa ivangeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayezwa ivangeli;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, nabampofu bashunyayezwa ivangeli.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Izimpumputhe ziyabona, nezinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, nezithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, nabampofu bayashunyayezwa ivangeli.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 11:5
41 Referans Kwoze  

UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu; ingithumile ukuba ngiphulukise abadabukileyo, ngishumayele ukukhululwa kwabathunjwa, nokubona kwabayizimpumputhe, ngikhulule abachotshoziweyo;


Ngalolosuku izithulu ziyakuzwa amazwi encwadi, namehlo ezimpumputhe azobona ebumnyameni nasebumnyameni.


Lalelani, bazalwane bami abathandekayo: UNkulunkulu kabakhethanga yini abampofu balumhlaba ukuba bacebe ekukholweni, lezindlalifa zombuso awuthembisayo abamthandayo?


Kwase kufika kuye izimpumputhe nezinyonga ethempelini; wasebasilisa.


Kepha uma ngiyenza, nakuba ningakholwa yimi, kholwani yimisebenzi, ukuze nazi, nikholwe ukuthi uBaba ukimi, nami ngikuye.


UJesu wabaphendula wathi: “Nginitshelile, kepha anikholwanga; imisebenzi engiyenzayo egameni likaBaba yiyona efakaza ngami.


Kepha mina nginobufakazi obukhulu kunobukaJohane, ngokuba imisebenzi uBaba anginike yona ukuba ngiyifeze, yona le misebenzi engiyenzayo, iyangifakazela ukuthi uBaba ungithumile.


Yena weza kuJesu ebusuku, wathi kuye: “Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovela kuNkulunkulu, ngokuba akakho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo wena, uma uNkulunkulu engenaye.


Kwathi eseJerusalema ngePhasika emkhosini, abaningi bakholwa egameni lakhe bebona izibonakaliso zakhe azenzayo.


UJesu ebona ukuthi isixuku sigijima kanyekanye, wawukhuza umoya ongcolileyo, wathi kuwo: “Wena moya oyisimungulu nesithulu, ngiyakuyala: phuma kuye, ungabe usangena kuye.


Basebemangala kakhulukazi, besithi: Wenze kuhle konke; uzenza izithulu zizwe, lezimungulu zikhulume.


Phulisani abagulayo, nihlambulule abanochoko, nivuse abafileyo, nikhiphe amademoni;


Asevuleka amehlo abo; uJesu wazilaya kakhulu, wathi: Qaphelani kungaziwa muntu.


Ngokuba zonke lezi zinto zenziwe yisandla sami, futhi zonke lezi zinto zenzekile, kusho uJehova; kepha lo ngiyakumbheka ompofu nobuthakathaka emoyeni, othuthumela ngezwi lami.


Khipha izimpumputhe ezinamehlo nezithulu ezinezindlebe.


UJehova uvula amehlo ezimpumputhe; uJehova uyabavusa abathotshisiweyo; uJehova uthanda olungileyo.


Abathobekileyo bazakudla basuthe; bayakumdumisa uJehova abamfunayo; inhliziyo yakho iyophila phakade.


Wehla, wabhapathizwa kasikhombisa eJordani njengezwi lomuntu kaNkulunkulu; inyama yakhe yabuya yaba njengenyama yomntwana omncane, wayesehlambulukile.


Kwathi inkosi yakwaIsrayeli iyifunda incwadi, yaklebhula izingubo zayo, yathi: “NginguNkulunkulu yini ukuba ngibulale futhi ngiphilise, ukuthi lo muntu athumele kimi ukuba ngiphilise umuntu ochokweni lwakhe.”? ngalokho qaphelani nibone ukuthi ufuna ukuxabana nami.


Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo.


Madoda akwa-Israyeli, yizwani lawa mazwi; UJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phakathi kwenu ngemisebenzi yamandla, nangezimangaliso, nangezibonakaliso, uNkulunkulu azenza ngayo phakathi kwenu, njengokuba nazi nani ngokwenu;


Ngiyakwalusa izimvu ezihlatshiwe, nina enimpofu yezimvu. Ngazithathela izinduku ezimbili; enye ngayibiza ngokuthi nguBuhle, nenye ngayibiza ngokuthi iZibopho; ngase ngizalusa izimvu.


INkosi yasisithi kuye: Ngubani owenza umlomo womuntu? Ngubani owenza isimungulu noma isithulu noma obonayo noma oyimpumputhe? Anginayo iNkosi na?


Futhi abathobekileyo bayokwandisa injabulo yabo kuJehova, futhi abampofu phakathi kwabantu bayojabula ngoNgcwele ka-Israyeli.


UJesu waphendula, wathi kubo: Hambani nimtshele uJohane lokho enikuzwayo nenikubonayo;


Wasesithi endodeni: Yelula isandla sakho. Wayeseselula; kwasekusindiswa kwaba kuhle njengenye.


Wathi kuyo: “Hamba ugeze echibini laseSilowama,” okungukuthi ngokuhunyushwa oThunyiweyo. Wahamba-ke, wageza, weza ebona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite