Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Mathewu 11:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngiqinisile ngithi kini: Kwabazelwe ngabesifazane akuvelanga omkhulu kunoJohane uMbhapathizi; kepha omncane embusweni wezulu mkhulu kunaye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 “Ngiqinisile ngithi kini: Kwabazelwe ngabesifazane akuvelanga omkhulu kunoJohane uMbhapathizi; kepha omncane embusweni wezulu mkhulu kunaye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 “Ngiqinisile ngithi kini: akukho namunye osewake wavela kwabazelwe ngabesifazane omkhulu kunoJohane uMbhabhadisi; kodwa omncane embusweni wezulu, mkhulu kunaye.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Ngiqinisile ngithi kini: Kwabazelwe ngabesifazane akuvelanga omkhulu kunoJohane uMbhapathizi; kepha omncane embusweni wezulu mkhulu kunaye.

Gade chapit la Kopi




Mathewu 11:11
31 Referans Kwoze  

Ngokuba ngithi kini: Kwabazelwe ngabesifazane akakho umprofethi omkhulu kunoJohane uMbhapathizi, kepha omncinyane embusweni kaNkulunkulu mkhulu kunaye.


Mina engingomncinyane kunomncinyane kubo bonke abangcwele, ngiphiwe lomusa, ukuthi ngitshumayele phakathi kwabezizwe ingcebo kaKristu engaphenyisisekiyo;


UJohane wafakaza ngaye, wamemeza wathi: “Nguyena lo ebengisho ngaye ukuthi: ‘Lowo ozayo emva kwami mkhulu kunami, ngokuba wayekhona kuqala kunami.


Ngakho oweqa owodwa kule miyalo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu.


Mina nginibhapathiza ngamanzi kukho ukuphenduka; kepha ozayo emva kwami unamandla kunami, engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe;


Wathi kubo: “Yilowo nalowo owamukela lo mntwana egameni lami uyangamukela mina;


Okuyinsindiso abaprofethi abayifunisisa, bayihlolisisa, abaprofetha ngomusa owawuzakuza kini;


UNkulunkulu esesimisele okuthile okungcono kakhulu, ukuze bona bangapheleliswa ngaphandle kwethu.


Ngokuba mina ngingomncinyane kubaphostoli, engingafanele ukubizwa ngomphostoli, ngokuba ngazingela ibandla likaNkulunkulu.


Ngakho-ke uma ninezahlulelo zalokhu kuphila, nibabeke abehluleli abancane ebandleni.


Abaningi beza kuye, bathi: “UJohane akenzanga sibonakaliso, kepha konke uJohane akushoyo ngalo muntu kwakuyiqiniso.


Yena umelwe ukukhula, kepha mina nginciphe.


Bheka, ngabunjwa ebubini; futhi umama wangamukela esonweni.


Uyini umuntu ukuba abe mhlophe? nozelwe ngowesifazane ukuba abe ngolungileyo na?


Ngubani ongakhipha okuhlambulukileyo kokungcolile na? hhayi noyedwa.


Umuntu ozelwe ngowesifazane imihla yakhe mifushane, igcwele usizi.


Yena wayeyisibani esivuthayo nesikhanyayo, nina-ke nathanda ukuthokoza isikhashana ekukhanyeni kwakhe.


nguye oza emva kwami, omi phambi kwami, engingafanele ukuthukulula umchilo wesicathulo sakhe.


Ngalolo suku uJehova uyobavikela abakhileyo eJerusalema; obuthakathaka phakathi kwabo ngalolo suku uyakuba njengoDavide; indlu kaDavide ibe njengoNkulunkulu, njengengelosi kaJehova phambi kwabo.


(Kepha lokhu wakusho ngoMoya ababezakwamukeliswa abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, ngokuba uJesu wayengakakhazinyuliswa.)


Ukukhanya kwenyanga kuyakuba njengokukhanya kwelanga, nokukhanya kwelanga kuphindwe kasikhombisa njengokukhanya kwezinsuku eziyisikhombisa, mhla uJehova ebopha uqhekeko lwabantu bakhe, ephulukisa umvimbo yesilonda sabo.


Pho umuntu angalungisiswa kanjani nguNkulunkulu? Ozelwe ngowesifazane angaba msulwa kanjani na?


Ngalokho usho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Ngishilo nokusho ukuthi indlu yakho nendlu kayihlo iyakuhamba phambi kwami kuze kube phakade; kepha Jehova muntu, makube kude nami; Ngokuba abangidumisayo ngiyakubadumisa, nabangidelelayo bayakuba-delelekile.


Esasihamba phakathi kwabo sonke ezikhathini ezidlule ngezinkanuko zenyama yethu, sifeza izinkanuko zenyama nezengqondo; futhi ngemvelo sasingabantwana bolaka njengabanye.


Kodwa khathesi sibonakalisiwe ngokubonakala koMsindisi wethu uJesu Kristu, osechithile ukufa, waseveza ekukhanyeni ukuphila lokungabhubhi ngevangeli;


Ngokuba uyakuba mkhulu phambi kweNkosi, angaphuzi wayini naphuzo oludakayo; futhi uyogcwaliswa ngoMoya oNgcwele kusukela esizalweni sikanina.


Ngalezo zinsuku kwafika uJohane uMbhapathizi, eshumayela ehlane laseJudiya,


Ngoba lo nguye okulotshwe ngaye ukuthi: Khangela, mina ngiyathuma isithunywa sami phambi kobuso bakho, esizalungisa indlela yakho phambi kwakho.


Kusukela emihleni kaJohane uMbhapathizi kuze kube manje umbuso wezulu uyafuzula, nabafuzulayo bayawuthatha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite