Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Kwabase-Efesu 4:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 (Manje lokhu ukuthi wenyuka, kuyini, ngaphandle kokuthi wehlela ezindaweni eziphansi zomhlaba na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Kepha lokhu ukuthi wenyuka, kuthini, uma kungesikho ukuthi wake wehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Kusho ukuthini ukuthi wenyuka, uma kungesikho ukuthi wehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi na?

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 (Manje lokhu ukuthi wenyuka, kuyini, ngaphandle kokuthi wehlela ezindaweni eziphansi zomhlaba na?

Gade chapit la Kopi




Kwabase-Efesu 4:9
22 Referans Kwoze  

Akakho nowenyukele ezulwini, kuphela yena owehla ezulwini, iNdodana yomuntu esezulwini.


Ngokuba njengalokho uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu; kanjalo iNdodana yomuntu iyakuba senhliziyweni yomhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.


Ngokuba isinkwa sikaNkulunkulu singuye owehla ezulwini, onika izwe ukuphila.


Ubani owenyukela ezulwini noma owehla na? ngubani owabutha umoya ngezandla zakhe na? ngubani owabophela amanzi engutsheni na? ngubani omise imikhawulo yonke yomhlaba? Ngubani igama lakhe, futhi ngubani igama lendodana yakhe, uma ulazi?


Kodwa labo abafuna umphefumulo wami ukuwubhubhisa bayongena ezindaweni eziphansi zomhlaba.


Kepha siyambona owenziwe waba mncinyane isikhashana kunezingelosi, uJesu ethweswe umqhele wenkazimulo nodumo ngenxa yokuhlupheka kokufa; ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yawo wonke umuntu.


UJesu wathi kuye: “Ungangithinti; ngoba kangikenyukeli kuBaba; kodwa hamba uye kubafowethu, uthi kubo: Ngenyukela kuBaba loYihlo; nakuNkulunkulu wami, noNkulunkulu wenu.


Ngokuba wamenza waba mncinyane kancane kunezingelosi, wamthwesa umqhele wenkazimulo nodumo.


UJehova wehla ukuze abone umuzi nombhoshongo abantwana babantu ababewakhile.


Wamenza waba mncinyane kunezingelosi; wamthwesa umqhele wenkazimulo nodumo, wammisa phezu kwemisebenzi yezandla zakho;


UJesu waphendula, wathi kubo: “Noma ngizifakazela mina, ubufakazi bami buqinisile, ngokuba ngiyazi lapho ngavela khona nokuthi ngiyaphi; kodwa lina kalikwazi lapho engivela khona lalapho engiya khona.


Kuyini-ke nxa libona iNdodana yomuntu yenyukela lapho eyayikhona kuqala?


Leso yisinkwa esehla ezulwini, kungenjengalokho oyihlo badla imana, bafa; odla lesi sinkwa uyakuphila phakade.


Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehle ezulwini; uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila phakade;


AmaJuda akhonona ngaye, ngokuba wathi: “Mina ngiyisinkwa esehla ezulwini.


Ngoba ngehle ezulwini, kungeyisikho ukuthi ngenze intando yami, kodwa intando yalowo ongithumileyo.


Hlabelelani nina mazulu! ngokuba uJehova ukwenzile; thokozani nina zingxenye eziphansi zomhlaba. Jabulani nina zintaba, hlathi, nemithi yonke ekulo, ngokuba uJehova umhlengile uJakobe, wamkhazimulisa kwa-Israyeli.


Impahla yami yayingafihlekile kuwe, lapho ngenziwa ekusithekeni, ngenziwa ngokumangalisayo ezindaweni eziphansi kakhulu zomhlaba.


UJehova wehlela phezu kwentaba yaseSinayi esiqongweni sentaba, uJehova wambiza uMose ukuba eze esiqongweni sentaba; uMose wakhuphuka.


Ukuze kungabikho nesisodwa esihlahleni esisemanzini esiziphakamisayo, singaphumi isihloko saso phakathi kwamagatsha aminyene, nemithi yaso ingemi ekuphakameni kwayo, yonke ephuza amanzi; ngokuba bonke banikelwe ekufeni, ezindaweni eziphansi zomhlaba, phakathi kwabantwana babantu, kanye nabehlela egodini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite