Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Kwabase-Efesu 4:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 ukuze abangcwele bapheleliswe, umsebenzi wenkonzo, ukwakhiwa komzimba kaKristu;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 ukuze abangcwele bapheleliselwe umsebenzi wokukhonza, kwakhiwe umzimba kaKristu,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 ukuze bahlomisele abangcwele umsebenzi wokukhonza, kwakhiwe umzimba kaKhristu;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 ukuze abangcwele bapheleliswe, umsebenzi wenkonzo, ukwakhiwa komzimba kaKristu;

Gade chapit la Kopi




Kwabase-Efesu 4:12
45 Referans Kwoze  

okuvela kuye ukuthi umzimba wonke uhlanganiswe ngokufaneleyo, ubumbane, ngalokho okunikezwa yilelo nalelolunga, ngokokusebenza esilinganisweni sazo zonke izitho, ukhulisa umzimba kuze kuzakheka othandweni.


Nina-ke ningumzimba kaKristu, nezitho ngabanye.


Nami-ke ngiyaqiniseka ngani, bazalwane bami, ukuthi nani nigcwele ukulunga, nigcwaliswe ngokwazi konke, ninamandla futhi nokuyalana.


Kunjani-ke, bazalwane? Lapho nibuthana, yilowo nalowo unehubo, noma isifundiso, unolimi, noma isambulo, unokuhumusha. Konke makwenziwe kube ngukwakha.


Ngakho-ke kasilandeleni izinto eziletha ukuthula lezinto esingakhana ngazo.


Ngiyambonga ongenzele amandla, uKristu Jesu iNkosi yethu, ngokuba wathi ngikholekile, engimisa enkonzweni;


Kanjalo nani, lokhu nishisekela iziphiwo zomoya, funani ukuba nibe nabengeziwe, kwakhiwe ibandla.


Lalelani abaniholayo, nibathobele;


Ngakho-ke masiyeke iziqondiso zesifundiso sikaKristu, siqhubekele ekupheleleni; singabeki futhi isisekelo sokuphenduka emisebenzini efileyo, lokukholwa kuNkulunkulu;


Singakhubekisi ngalutho, ukuze inkonzo ingasoleki;


Zonke izinto zivela kuNkulunkulu, owasenza ukuba sibuyisane naye ngoKristu, wasinika inkonzo yokubuyisana;


Kepha mina ngikukhulekele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli; wena-ke, nxa usuphendukile, uqinise abafowenu.


Kodwa wena qaphela ezintweni zonke, ubekezele ezinhluphekweni, wenze umsebenzi womvangeli, ugcwalise inkonzo yakho.


Lithi ku-Arkiphu: Qaphela inkonzo oyitholile eNkosini, ukuze uyifeze.


esimshumayelayo, sixwayisa wonke umuntu, sifundisa wonke umuntu ngakho konke ukuhlakanipha; ukuze sethule wonke umuntu ephelele kuKristu Jesu;


engithokozayo khathesi ekuhluphekeni kwami ngenxa yenu, njalo enyameni yami ngigcwalisa okusilele kwezinhlupheko zikaKristu ngenxa yomzimba wakhe, oyibandla;


Ongumzimba wakhe, ukugcwala kwakhe ogcwalisa konke kukho konke.


Futhi nithi siyazithethelela kini na? sikhuluma phambi kukaNkulunkulu sikuKristu, kepha konke sikwenzela ukwakhiwa kwenu, bathandekayo.


Ngakho-ke, lokhu sinalezi zithembiso, bathandekayo, masizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelisa ubungcwele ngokwesaba uNkulunkulu.


Ngakho lokhu sinale nkonzo, njengokuba sihawukelwe, asidangali;


Inkonzo kaMoya ayiyikuba nenkazimulo kakhulu na?


Ngokuba uma ngikhuleka ngezilimi, kukhuleka umoya wami, kepha ingqondo yami ayinasithelo.


Kodwa ngiyazi ukuthi nxa ngiza kini, ngizakuza ngilesibusiso esigcweleyo sevangeli likaKristu.


Yilowo nalowo kithi makajabulise umakhelwane kube kuhle, akheke.


Noma inkonzo, masihlale enkonzweni yethu;


Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeke kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe ngababonisi bokwelusa ibandla likaNkulunkulu azithengele lona ngegazi lakhe.


Kepha akukho kwalokhu okunginyakazisayo, futhi ukuphila kwami angikuthathi njengokubalulekile kimi, ukuze ngiqede inkambo yami ngentokozo, nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ivangeli lomusa kaNkulunkulu.


Owathi efika, esewubonile umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabakhuthaza bonke ukuthi banamathele eNkosini ngokuzimisela kwenhliziyo.


Khona ibandla lathola ukuphumula kulo lonke elaseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lisakheka. Behamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele.


Ukuze athathe ingxenye yalenkonzo lobupostoli, uJudasi aphambuka kukho, ukuze aye endaweni yakhe.


Ngokuba wayebalwa nathi, wazuza ingxenye yalo msebenzi.


NguLuka yedwa onami. Thatha uMarku, uze naye, ngokuba uyasiza kimi enkonzweni.


Makungaphumi nkulumo eyonakele emlonyeni wenu, kodwa kube kuhle kube kuhle kube nokwakhayo, ukuze kube umusa kwabezwayo.


Munye umzimba, munye uMoya, njengalokho nabizelwa ethembeni linye lokubizwa kwenu;


Ngokuba siyajabula, nxa thina sibuthakathaka, nina ninamandla;


Kodwana yilowo nalowo uphiwa ukubonakalisa kukaMoya kube yinzuzo kubo bonke.


Kanjalo thina esibaningi singumzimba munye kuKristu, futhi wonke amalungu omunye komunye.


Ekugcineni, bazalwane, salani kahle. Niphelele, niduduzeke, nibe nhliziyonye, nihlale ngokuthula; futhi uNkulunkulu wothando nokuthula uyakuba nani.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite