Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Kwabase-Efesu 4:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 Yena owehlayo nguye laye owenyukela kakhulu phezu kwamazulu wonke, ukuze agcwalise zonke izinto.)

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Owehlayo nguyena owenyukela futhi ngaphezu kwamazulu onke, ukuze agcwalise konke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Lowo owehlayo, nguYena owenyukela phezu kwamazulu wonke, ukuze akuphelelise konke.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Yena owehlayo nguye laye owenyukela kakhulu phezu kwamazulu wonke, ukuze agcwalise zonke izinto.)

Gade chapit la Kopi




Kwabase-Efesu 4:10
24 Referans Kwoze  

Ngokuba umpristi omkhulu onjalo usifanele, ongcwele, ongenacala, ongenabala, owahlukanisiwe nezoni, ophakanyiswe ngaphezu kwamazulu;


Ngakho lokhu silompristi omkhulu odabule emazulwini, uJesu iNdodana kaNkulunkulu, masibambe isivumo sethu.


Ngokuba kuhlezi kuye ukugcwala konke kobuNkulunkulu ngokomzimba.


Ngokuba kwamthokozisa uBaba ukuthi ukugcwala konke kuhlale kuye;


Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula, kungakenzeki konke lokhu.


Futhi ngokungangabazeki inkulu imfihlakalo yokumesaba uNkulunkulu: UNkulunkulu wabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa kwabezizwe, wakholeka emhlabeni, wemukelwa enkazimulweni.


Nokwazi uthando lukaKristu oludlula ukwazi, ukuze nigcwaliswe ngakho konke ukugcwala kukaNkulunkulu.


Esetshilo lezizinto, bekhangele wakhutshulwa; ifu lamsusa emehlweni abo.


Nansi-ke ingqikithi yalokhu esesikushilo: Sinompristi omkhulu onjalo ohlezi ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini;


Kodwa lokho uNkulunkulu akumemezela ngaphambili ngomlomo wabaprofethi bakhe bonke ukuthi uKristu wayezakuhlupheka, ukugcwalisile ngokunjalo.


Ngakho-ke ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, ukuchithile lokhu enikubonayo nenikuzwayo manje.


Athi futhi: Madoda aseGalile, nimeleni nigqolozele ezulwini na? UJesu lo, onyuswe kini enyuselwa ezulwini, uyakuza kanjalo njengalokho nimbonile eya ezulwini.


Ngoba lezizinto zenziwa ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: Akuyikuphulwa thambo lakhe.


Emva kwalokho uJesu ekwazi ukuthi zonke izinto seziphelile, ukuze kugcwaliseke umbhalo, wathi: Ngomile.


Basebekhulumisana besithi: Kasingasidabuli, kodwa kasisenzele inkatho ukuthi sizakuba ngekabani; ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: Babelana izembatho zami, lesambatho sami benza inkatho yokuphosa. Akwenza-ke lokho amasosha.


Ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa.


Wathi kubo: Lawa angamazwi engawakhuluma kini ngisenani, ukuthi kumele kugcwaliseke konke okulotshiweyo emlayweni kaMozisi, lakubaprofethi, lemahutsheni, mina.


Ngazi umuntu okuKristu eminyakeni eyishumi nane edlule (noma wayesemzimbeni angazi, noma wayengaphandle komzimba, angazi, uNkulunkulu uyazi), onjalo wahlwithwa wayiswa kwelesithathu izulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite