Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Kwabase-Efesu 3:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 okungalokho, nxa nifunda, nibe nokuqonda ukwazi kwami emfihlakalweni kaKristu;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 okungakho, nxa nikufunda, ningaqonda ukwazi kwami ngemfihlakalo kaKristu,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 okuyothi uma niyifunda niqonde ukwazi kwami ngemfihlakalo kaKhristu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 okungalokho, nxa nifunda, nibe nokuqonda ukwazi kwami emfihlakalweni kaKristu;

Gade chapit la Kopi




Kwabase-Efesu 3:4
19 Referans Kwoze  

nisikhulekele nathi, ukuba uNkulunkulu asivulele umnyango wenkulumo, ukuba sikhulume imfihlakalo kaKristu, engiboshiwe ngenxa yayo;


Umuntu makasibheke kanjalo njengezikhonzi zikaKristu nabaphathi bezimfihlakalo zikaNkulunkulu.


Kepha noma ngiyisihlakani ekukhulumeni, nokho hhayi olwazini; kodwa sibonakaliswe phakathi kwenu ezintweni zonke.


Futhi ngokungangabazeki inkulu imfihlakalo yokumesaba uNkulunkulu: UNkulunkulu wabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa kwabezizwe, wakholeka emhlabeni, wemukelwa enkazimulweni.


ukuze izinhliziyo zabo ziduduzeke, behlanganiswe othandweni, nakuyo yonke ingcebo yesiqinisekiso esigcwele sokuqonda, ekwazini imfihlakalo kaNkulunkulu, nekaYise, nekaKristu;


Nakimi, ukuze ngiphiwe izwi, ukuze ngivule umlomo wami ngesibindi, ukuze ngenze yaziwe imfihlakalo yevangeli;


Le yimfihlakalo enkulu, kepha ngikhuluma ngoKristu nebandla.


esesazisile imfihlo yentando yakhe, njengokufisa kwakhe okuhle akuhlosileyo kuye;


Wathi: “Niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu, kepha kwabanye ngemifanekiso; ukuze bebona bangaboni, lokuzwa bangaqedisisi.


nibambe imfihlakalo yokukholwa kunembeza omhlophe.


Noma nginesiphiwo sokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke; noma nginokukholwa konke, ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.


Waphendula, wathi kubo: “Ngokuba niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu, kepha bona kabakuphiwanga.


Ngokuba angithandi, bazalwane, ukuba ningayazi le mfihlakalo, funa nizishaye abahlakaniphileyo; ukuthi ukuphuphutheka kwehlele uIsrayeli ngokwengxenye, kuze kungene ukugcwala kwabezizwe.


Kuye onamandla okuniqinisa ngokwevangeli lami nentshumayelo kaJesu Kristu ngokokwambulwa kwemfihlakalo ebifihliwe kwasekuqaleni;


ukuthi wangazisa imfihlakalo ngesambulo; (njengoba ngibhale ngaphambili ngamagama ambalwa),


nokwenza bonke babone ukuthi iyini inhlanganyelo yemfihlakalo ebifihliwe kuNkulunkulu kusukela kwasekuqaleni, owadala izinto zonke ngoJesu Kristu;


ngitsho imfihlakalo ebifihliwe kusukela kudala lezizukulwaneni, kodwa khathesi ibonakalisiwe kwabangcwele bakhe;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite