Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Kwabase-Efesu 2:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngakho khumbulani ukuthi nina enikade ningabezizwe enyameni, ababizwa ngokuthi abangakasoki ngalokho okuthiwa ngabasokile enyameni okwenziwa ngezandla;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngakho khumbulani ukuthi nina enanikade ningabezizwe ngokwenyama, ababizwa ngokuthi abangasoki yilabo ababizwa ngokuthi abokusoka, okwenziwa ngezandla enyameni,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Ngakho-ke khumbulani ukuthi nanikade ningabezizwe ngokwenyama, nibizwa ngokuthi ningabangasokile yilabo abaziwa ngokuthi basokile, okwenziwa ngezandla enyameni,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Ngakho khumbulani ukuthi nina enikade ningabezizwe enyameni, ababizwa ngokuthi abangakasoki ngalokho okuthiwa ngabasokile enyameni okwenziwa ngezandla;

Gade chapit la Kopi




Kwabase-Efesu 2:11
29 Referans Kwoze  

Enisokwa kuye futhi ngokusoka okwenziwa ngaphandle kwezandla, ngokukhumula umzimba wezono zenyama ngokusoka kukaKristu.


Nani enifile ezonweni zenu nokungasoki kwenyama yenu, uniphilise kanye naye, esenithethelele zonke iziphambeko;


lapho kungekho khona umGreki nomJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe, umSkithe, isigqila noma okhululekile, kepha uKristu uyikho konke, ukubo bonke.


Nani enakade nahlukanisiwe futhi niyizitha engqondweni yenu ngemisebenzi emibi, nokho manje usenibuyise ukubuyisana.


Ngokuba singabokusoka thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizibonga kuKristu Jesu, singathembi enyameni.


Ngokuba nanikade nibubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya;


Bonke abafuna ukubonakala bebahle enyameni, yibona abanicindezela ukuba nisokwe; kuphela funa bazingelwe ngenxa yesiphambano sikaKristu.


Niyazi ukuthi naholwa ningabezizwe, nayiswa kuzo izithombe eziyizimungulu.


Babenjalo abanye kini, kepha senagezwa, senangcweliswa, senalungisiswa egameni leNkosi uJesu Kristu nangoMoya kaNkulunkulu wethu.


UDavide wakhuluma kubantu ababemi ngakuye, wathi: “Kwenziwani kumuntu obulala lo mFilisti, asuse ihlazo lika-Israyeli na? Ngokuba ungubani lo mFilisti ongasokile ukuba edelele imiyalo kaNkulunkulu ophilayo na?


Kumelwe ukhumbule ukuthi wawuyisigqila eGibhithe; futhi kufanele nigcine futhi nenze lezi zimiso.


Kumelwe ukhumbule ukuthi wawuyisigqila ezweni laseGibhithe, futhi uJehova uNkulunkulu wakho wakuhlenga; ngalokho ngiyakuyala lokhu namuhla.


Khumbula, ungakhohlwa ukuthi wamthukuthelisa uJehova uNkulunkulu wakho ehlane; kusukela osukwini owaphuma ngalo ezweni laseGibithe, waze wafika kule ndawo, nahlubuka uJehova.


Woyikhumbula yonke indlela uJehova uNkulunkulu wakho akuholile ngayo le minyaka engamashumi amane ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, azi okusenhliziyweni yakho, uma uthanda ukugcina imiyalo yakhe noma qha.


Thina esingabaJuda ngemvelo, singezona izoni kwabezizwe;


Niyakukhumbula izindlela zenu ezimbi nezenzo zenu ebezingezinhle, ninengeke emehlweni enu ngenxa yobubi benu nangenxa yezinengiso zenu.


Khumbula ukuthi wawuyinceku ezweni laseGibithe nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha kulo ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo; ngalokho uJehova uNkulunkulu wakho wakuyala ukuba ugcine usuku lwesabatha.


Kumelwe nicabange lapho izindlela zenu nazo zonke izenzo zenu eningcoliswe ngazo; lizanengeka emehlweni enu ngabo bonke ububi benu elibenzileyo.


Inceku yakho ibulele kokubili ingonyama nebhere, futhi lo mFilisti ongasokile uyakuba njengenye yazo, ngoba udelele amabutho kaNkulunkulu ophilayo.


Ngakho-ke uma ongasokile egcina ukulunga komlayo, ukungasoki kwakhe akuyikubalwa yini njengokusoka na?


Nongasokile ngokwemvelo, uma egcina umthetho, uyakukwahlulela wena oweqa umthetho ngokomthetho nokusoka na?


Uma amanye amagatsha aphulwa, wena-ke ongumnqumo wasendle waxhunyelelwa kuwo, uhlanganyele kanye nawo empandeni yokukhuluphala komnqumo;


enanihamba kuzo endulo ngokwendlela yaleli zwe, ngokombusi wamandla omkhathi, ongumoya osebenza manje kubantwana bokungalaleli;


Bathi kuye: Ngoba akukho muntu osiqashile. Wathi kubo: Hambani nani, niye esivinini; futhi noma yini efanele, lokho niyokwamukela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite