Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseRoma 9:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 abangababo obaba, avela kubo uKristu ngokwenyama, uNkulunkulu ophezu kwakho konke, obongekayo kuze kube phakade. Amen.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 abangababo okhokho avela kubo uKristu ngokwenyama, yena onguNkulunkulu ophezu kwakho konke, obongekayo kuze kube phakade. Amen.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 okungababo okhokho, nadabuka kubo uKhristu ngokwenyama, Yena onguNkulunkulu ophezu kwakho konke, obongekayo kuze kube phakade. Amen.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 abangababo obaba, avela kubo uKristu ngokwenyama, uNkulunkulu ophezu kwakho konke, obongekayo kuze kube phakade. Amen.

Gade chapit la Kopi




KwabaseRoma 9:5
45 Referans Kwoze  

abaguqule iqiniso likaNkulunkulu libe ngamanga, bakhuleka, bakhonza okudaliweyo kunoMdali obongekayo kuze kube phakade. Amen.


Siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda, ukuze simazi oqinisileyo, sikuye oweqiniso, eNdodaneni yakhe uJesu Kristu. Lona unguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.


Mina noBaba simunye.


Futhi ngokungangabazeki inkulu imfihlakalo yokumesaba uNkulunkulu: UNkulunkulu wabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa kwabezizwe, wakholeka emhlabeni, wemukelwa enkazimulweni.


Mayelana neNdodana yakhe uJesu Kristu iNkosi yethu, owavela enzalweni kaDavide ngokwenyama;


Mina ngingophilayo, futhi ngangifile; futhi bheka, ngiyaphila kuze kube phakade, Amen; futhi nginezihluthulelo zesihogo nezokufa.


Kuyakuphuma intonga esizweni sakwaJese, kuhlume ihlumela ezimpandeni zakhe;


Mina Jesu ngithumile ingelosi yami ukufakaza kini lezi zinto emabandleni. Mina ngiyimpande nenzalo kaDavide, inkanyezi yokusa ekhanyayo.


UNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, obongeka kuze kube phakade, uyazi ukuthi angiqambi amanga.


Okwevangeli bayizitha ngenxa yenu;


Ngokuba akukho mehluko phakathi komJuda nomGreki, ngokuba iNkosi eyodwa phezu kwabo bonke inothile kubo bonke abakhuleka kuyo.


Kepha wena, Betlehema Efrata, noma umncane phakathi kwezinkulungwane zakwaJuda, uyakuphuma kuwe eze kimi, oyakuba ngumbusi kwa-Israyeli; okuphuma kwawo kwakusukela endulo, kwaphakade.


Ngakho-ke iNkosi uqobo izakunika isibonakaliso; Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, iyibize ngokuthi u-Imanuweli.


Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli kusukela phakade kuze kube phakade, bathi bonke abantu: Amen! Dumisani uJehova.


UJehova umisile isihlalo sakhe sobukhosi ezulwini; nombuso wakhe ubusa phezu kwakho konke.


Futhi igama lakhe elikhazimulayo malituswe ingunaphakade, futhi umhlaba wonke mawugcwaliswe ngenkazimulo yakhe; Amen, futhi Amen.


Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu, singesaphakade naphakade; intonga yombuso Wakho iyintonga yangempela.


Makabongwe uJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli, kusukela phakade kuze kube phakade. Amen, futhi Amen.


Ofakaza ngalezi zinto uthi: “Nempela ngiyeza masinyane. Amen. Noma kunjalo, woza, Nkosi Jesu.


Khumbula ukuthi uJesu Kristu wavuswa kwabafileyo, wenzalo kaDavide ngokwevangeli lami;


Eyakuyibonakalisa ngezikhathi zayo, obusisiweyo nowedwa uMbusi, iNkosi yamakhosi, noMbusi wababusi;


Uma kungenjalo, nxa ubonga ngomoya, lowo ohlezi endaweni yongafundile angasho kanjani ukuthi Amen ekubongeni kwakho, lokhu engakwazi okushoyo na?


nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe. Amen.


Makabongwe uJehova kuze kube phakade. Amen, futhi Amen.


Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli kuze kube phakade naphakade. Bonke abantu bathi: “Amen,” futhi bamdumisa uJehova.


UBenaya indodana kaJehoyada wayiphendula inkosi, wathi: “Amen, usho kanje uJehova uNkulunkulu wenkosi yami, inkosi, naye.


Izidalwa ezine eziphilayo zathi: Ameni. Abadala abangamashumi amabili nane bawa phansi, bakhuleka kuye ophilayo kuze kube phakade naphakade.


Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeke kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe ngababonisi bokwelusa ibandla likaNkulunkulu azithengele lona ngegazi lakhe.


Ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi, ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.


Umprofethi uJeremiya wathi: “Amen, uJehova uyakwenza lokhu: uJehova uyakugcwalisa amazwi akho owaprofethayo ukubuyisela izitsha zendlu kaJehova nakho konke okwathunjwa eBhabhiloni kuyiswe kule ndawo.


UJehova wathanda kuphela oyihlo ukuba abathande, wakhetha inzalo yabo emva kwabo nina phakathi kwezizwe zonke, njenganamuhla.


Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nomniki-mthetho phakathi kwezinyawo zakhe aze afike uShilo; futhi kuyakuba kuye ukubuthwa kwabantu.


Ngiyakubusisa okubusisayo, ngiqalekise okuqalekisayo; futhi ziyobusiswa ngawe zonke izizukulwane zomhlaba.


UNkulunkulu ka-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, uNkulunkulu wawokhokho bethu, uyikhazimulisile iNdodana yakhe uJesu; enamkhaphela nina, namphika phambi kukaPilatu, yena esenqumile ukumkhulula.


Kepha yena, ngokuba ehlala phakade unobupristi obungenakuguquleka.


Ngakho uDavide umbiza ngokuthi iNkosi, pho uyindodana yakhe kanjani na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite