Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseRoma 7:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngakho siyakuthini? Umthetho uyisono na? UNkulunkulu akakuvumeli. Cha, bengingasazi isono, kodwa ngomthetho;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngakho siyakuthini na? Umthetho uyisono na? Qha nakanye; kepha bengingasazanga isono, uma bekungengomthetho; ngokuba ukufisa bengingakwazanga, uma umthetho ubungashongo ukuthi: “Ungafisi;”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Pho sizakuthini na? Ngabe umthetho uyisono na? Qha nakanye, kepha ngabe angisazanga isono ukuba kwakungekho umthetho, ngokuba ngangingekwazi nokufisa ukuba umthetho awushongo ukuthi: “Ungafisi.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Ngakho siyakuthini? Umthetho uyisono na? UNkulunkulu akakuvumeli. Cha, bengingasazi isono, kodwa ngomthetho;

Gade chapit la Kopi




KwabaseRoma 7:7
30 Referans Kwoze  

Ngakho-ke ngemisebenzi yomthetho akukho nyama eyakulungisiswa phambi kwakhe, ngokuba ngomthetho kukhona ukwazi isono.


Ungafisi indlu yomakhelwane wakho, ungafisi umfazi womakhelwane wakho, nenceku yakhe, nencekukazi yakhe, nenkabi yakhe, nembongolo yakhe, nokunye okomakhelwane wakho.


Ngokuba umthetho uveza ulaka, ngokuba lapho okungekho umthetho khona, akukho ukweqa.


Udosi lokufa yisono; lamandla esono ngumthetho.


Ungafisi umfazi womakhelwane wakho, ungafisi indlu yomakhelwane wakho, nezwe lakhe, nenceku yakhe, nencekukazi yakhe, nenkabi yakhe, nembongolo yakhe, nokunye okomakhelwane wakho.


Ngoba lokhu ukuthi: Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafakazi amanga, ungafi; uma kukhona omunye umyalo, kufinyelelwe kuleli zwi lokuthi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.


Kodwa isono sathola ithuba ngomyalo, sasebenza kimi yonke inkanuko. Ngokuba ngaphandle komthetho isono sasifile.


kungabi ngenkanuko, njengabezizwe abangamazi uNkulunkulu;


Kepha uma ukungalungi kwethu kubonakalisa ukulunga kukaNkulunkulu, siyakuthini na? UNkulunkulu ungalungile yini ophindiselayo? (Ngikhuluma njengendoda.)


Ngakho bulalani amalungu enu asemhlabeni; ubufebe, ukungcola, inkanuko, inkanuko embi, lokuhaha, okuyikukhonza izithombe;


Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nakanye phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele;


Pho okuhle kwaba ngukufa kimi na? UNkulunkulu akakuvumeli. Kepha isono, ukuze sibonakale siyisono, sisebenza ukufa kimi ngalokho okuhle; ukuze isono ngomyalo sibe yisono kakhulu.


Ngokuba isono sathola ithuba ngomyalo, sangikhohlisa, sangibulala ngawo.


Ngokuba lapho sisenyameni, inkanuko yezono eyayingokomthetho yasebenza ezithweni zethu ukuba sithelele ukufa isithelo.


Kuyini pho? Siyakona yini, ngokuba singephansi komthetho kepha phansi komusa na? UNkulunkulu akakuvumeli.


Ngakho siyakuthi u-Abrahama ubaba wethu ufumeneni ngokwenyama na?


Angifisanga isiliva, nagolide, nengubo yomuntu;


Wathi kubo: Qaphelani, nixwaye ukuhaha, ngokuba ukuphila komuntu akumi echichimeni lempahla yakhe.


Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe.


Bafisa amasimu, bawathathe; nezindlu bazithathe; bacindezela umuntu nendlu yakhe, umuntu nefa lakhe.


Ngibonile ukuphela kwakho konke ukuphelela, kepha umyalo wakho ubanzi kakhulu.


Kwathi sekuhlwile, uDavide wavuka embhedeni wakhe, wahamba phezu kophahla lwendlu yenkosi; ephezu kophahla wabona owesifazane emgeza; owesifazane wayemuhle kakhulu ebukeka.


Lapho ngabona empangweni ingubo enhle yaseBhabhiloni namashekeli angamakhulu amabili esiliva nesiphetho segolide esinesisindo esingamashekeli angamashumi amahlanu, ngakufisa, ngathatha; bheka, kuthukusiwe emhlabathini phakathi kwetende lami, nesiliva liphansi kwakho.


Owesifazane ebona ukuthi umuthi wawulungele ukudliwa, nokuthi uyabukeka emehlweni, nomuthi onxanelekayo ukuhlakaniphisa, wathatha isithelo sawo, wadla, wanika indoda yakhe; wadla.


Uzakuza, ababhubhise laba balimi, isivini asinike abanye. Sebezwile bathi: Kakube njalo.


Futhi umthetho wangena, ukuze isiphambeko sande. Kepha lapho kwavama khona isono, umusa wavama kakhulukazi;


Ngokuba umthetho awuphelelisanga lutho, kepha kwangeniswa ithemba elingcono; esisondela ngayo kuNkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite