Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseRoma 6:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngakho-ke makungabusi isono emizimbeni yenu efayo, nize nilalele izinkanuko zayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngakho makungabusi isono emzimbeni wenu ofayo, nize nilalele izinkanuko zawo;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Ngakho-ke isono masingabusi emzimbeni wenu ofayo, nize nithobele izinkanuko zawo,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Ngakho-ke makungabusi isono emizimbeni yenu efayo, nize nilalele izinkanuko zayo.

Gade chapit la Kopi




KwabaseRoma 6:12
35 Referans Kwoze  

Ngakho ngithi: Hambani ngoMoya, khona aniyikufeza izinkanuko zenyama.


Anazi yini ukuthi lowo enizinikela kuye ukuba nibe yizinceku zokumlalela, niyizinceku zakhe enimlalelayo; loba okwesono kube ngukufa, kumbe ukulalela kube ngukulunga?


Ngokuba uma niphila ngokwenyama, nizakufa; kepha uma nibulala imisebenzi yomzimba ngoMoya, nizakuphila.


AbakaKristu babethele esiphambanweni inyama kanye nokuhuheka nezinkanuko.


Futhi gcina inceku yakho ezonweni zokugabadela; mazingabuse phezu kwami; khona-ke ngizoba qotho futhi ngingabi nacala ecaleni elikhulu.


Ngokuba thina esiphilayo sihlala sinikelwa ekufeni ngenxa kaJesu, ukuze nokuphila kukaJesu kubonakaliswe enyameni yethu efayo.


Kepha balekela izinkanuko zobusha, kepha ulandele ukulunga, nokukholwa, nothando, nokuthula kanye nabakhuleka eNkosini ngenhliziyo emhlophe.


ukuba nikhumule maqondana nenkambo yakuqala umuntu omdala, owonakala ngezinkanuko zenkohliso;


Kodwa kulabo abaphikisanayo njalo bengalaleli iqiniso, kodwa belalela ukungalungi, intukuthelo lolaka;


Bathandekayo, ngiyanincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo;


Isifundisa ukuthi, sidele ukungamesabi uNkulunkulu nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kuleli zwe lamanje;


Esasihamba phakathi kwabo sonke ezikhathini ezidlule ngezinkanuko zenyama yethu, sifeza izinkanuko zenyama nezengqondo; futhi ngemvelo sasingabantwana bolaka njengabanye.


Hamba ezinyathelweni zami ngokwezwi lakho, makungabuswa ububi phezu kwami.


Kepha uma ningabaxoshi abakhileyo ezweni phambi kwenu; khona-ke labo enibayekayo bayakuba ngameva emehlweni enu nameva ezinhlangothini zenu, nihlushwe ezweni enihlala kulo.


ukuthi bathi kini: Ngesikhathi sokugcina kuzakuba khona abahleki bosulu, abahamba ngezinkanuko zabo zokungamesabi uNkulunkulu.


njengabantwana abalalelayo, ningabuki njengezinkanuko zakuqala ekungazini kwenu;


Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, singalaleli, sikhohliswa, sikhonza izinkanuko nezinjabulo ezihlukahlukene, siphila ebubini nomhawu, sizondwa, sizondana.


kungabi ngenkanuko, njengabezizwe abangamazi uNkulunkulu;


Kepha yembathani iNkosi uJesu Kristu, ningakhathaleli inyama ukuba nifeze izinkanuko zayo.


Kepha uma uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, yena owavusa uKristu kwabafileyo uyakuphilisa nemizimba yenu efayo ngoMoya wakhe ohlala kini.


Ngokuba isono asiyikubusa phezu kwenu, ngokuba aniphansi komthetho, kodwa niphansi komusa.


ukuze njengalokho isono sabusa kube ngukufa, ngokunjalo nomusa ubuse ngokulunga kube ukuphila okuphakade ngoKristu Jesu iNkosi yethu.


Ngalokho nami ngathi: Angiyikubaxosha phambi kwakho; kodwa bayakuba njengameva ezinhlangothini zenu, onkulunkulu babo bayakuba lugibe kini.


Lapho uJehova uNkulunkulu wakho ezinikela phambi kwakho; kumelwe ubahlule futhi ubashaye ngesiqalekiso; Ungenzi isivumelwano nabo futhi ungabahawukeli.


Laba ngabakhonondi nabasolayo, behamba ngezabo izinkanuko; nomlomo wabo ukhuluma izikhukhula, betusa ubuso babantu ngenxa yenzuzo.


Ngokuba thina esikuleli dokodo siyabubula sisindwa;


Uma wenza kahle, awuyikwamukeleka na? uma ungenzi okuhle, isono sihlezi ngasemnyango. Futhi emva kwakho kuyoba isifiso sakhe, futhi uyobusa phezu kwakhe.


Umuntu ozinwele zakhe zisukile ekhanda lakhe, uyimpandla; nokho uhlambulukile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite