Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseRoma 6:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngokunjalo nani zishoni ukuthi ningabafileyo ngempela esonweni, kodwa niphilele uNkulunkulu ngoKristu Jesu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Kanjalo nani manizisho ukuthi ningabafileyo maqondana nesono, kodwa niphilele uNkulunkulu kuKristu Jesu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Kanjalo nani zishoni ukuthi ningabafileyo maqondana nesono, kodwa niphilele uNkulunkulu kuKhristu uJesu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Ngokunjalo nani zishoni ukuthi ningabafileyo ngempela esonweni, kodwa niphilele uNkulunkulu ngoKristu Jesu.

Gade chapit la Kopi




KwabaseRoma 6:11
21 Referans Kwoze  

Ngokuba nathengwa ngenani;


Makube njalo. Thina esifile esonweni singaphinde siphile kanjani kuso na?


Futhi ninganikeli izitho zenu esonweni, zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo bevukile kwabafileyo nezitho zenu kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga.


Nanoma yini eniyenzayo, ngezwi noma ngomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngayo.


Ngokuba ngithi izinhlupheko zalesi sikhathi azinakulinganiswa nenkazimulo ezakwambulwa kithi.


Nani njengamatshe aphilayo nakhiwe nibe yindlu yomoya, ubupristi obungcwele, ukuze ninikele imihlatshelo yomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu ngoJesu Kristu.


ukuze abonakalise ezikhathini ezizayo inotho enkulu yomusa wakhe ngobubele kithi ngoKristu Jesu.


Kodwa lezi zilotshiwe, ukuze likholwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu; ukuze ngokukholwa nibe nokuphila ngegama lakhe.


Uma umuntu ekhuluma, makakhulume njengokwamazwi kaNkulunkulu; uma umuntu ekhonza, makakhonze ngokwamandla awaphiwa nguNkulunkulu, ukuze uNkulunkulu akhazinyuliswe ezintweni zonke ngoJesu Kristu, makube kuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.


nigcwaliswe ngezithelo zokulunga ezingoJesu Kristu, kube yinkazimulo nodumo kuNkulunkulu.


Ngakho lokhu sesilungisisiwe ngokukholwa, sinokuthula kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu;


Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa; kodwa isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.


Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.


KuNkulunkulu ohlakaniphileyo yedwa, kakube ludumo ngoJesu Kristu kuze kube nininini. Amen. (Yabhalelwa amaRoma ivela eKorinte, yathunyelwa nguFebe inceku yebandla laseKenikreya.)


Ngokuba ukufa awafa ngakho, wakufa kanye nje ngesono;


Ngakho-ke, bazalwane bami, nani senabulawa umthetho ngomzimba kaKristu; ukuze libe ngomunye, yena owavuswa kwabafileyo, ukuze sithelele uNkulunkulu izithelo.


Kepha manje sikhululiwe emthethweni, sesifile kulokho esasiboshwe yikho; ukuze sikhonze ngobusha bomoya, kungabi ngobudala bombhalo.


Ngakho-ke uma nafile kanye noKristu kuzo iziqalo zezwe, kungani niphila ezweni nithobela izimiso na?


Yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze thina sesifile ezonweni siphile ekulungeni, omivimbo yakhe naphulukiswa ngayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite