Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseRoma 5:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngakho njengalokhu ngamuntu munye isono sangena emhlabeni, langesono ukufa; kanjalo ukufa kwedlulela kubantu bonke, lokhu bonke bonile;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngakho-ke njengalokho isono sangena ezweni ngamuntu munye, nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwafikela abantu bonke, lokhu bonke bonile;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Ngakho-ke njengalokhu isono sangena emhlabeni ngamuntu munye, nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwabehlela abantu bonke, ngokuba bonke bonile.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Ngakho njengalokhu ngamuntu munye isono sangena emhlabeni, langesono ukufa; kanjalo ukufa kwedlulela kubantu bonke, lokhu bonke bonile;

Gade chapit la Kopi




KwabaseRoma 5:12
20 Referans Kwoze  

Ngokuba njengalokho ngokungalaleli komuntu munye abaningi benziwa izoni, kanjalo ngokulalela komuntu oyedwa abaningi bayakwenziwa abalungileyo.


Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa; kodwa isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.


Ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu;


Khona lapho inkanuko isithathile, ibeletha isono;


Kodwa ungasidli isithelo somuthi wolwazi lokuhle lokubi, ngoba mhla usidla kuwo uzakufa lokufa.


Bheka, ngabunjwa ebubini; futhi umama wangamukela esonweni.


Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa uze ubuyele emhlabathini; ngoba nathathwa kuwo; ngokuba uluthuli, uyakubuyela othulini.


Owesifazane ebona ukuthi umuthi wawulungele ukudliwa, nokuthi uyabukeka emehlweni, nomuthi onxanelekayo ukuhlakaniphisa, wathatha isithelo sawo, wadla, wanika indoda yakhe; wadla.


ukuze njengalokho isono sabusa kube ngukufa, ngokunjalo nomusa ubuse ngokulunga kube ukuphila okuphakade ngoKristu Jesu iNkosi yethu.


Ngokuba siyakhubeka ngokuningi sonke. Uma umuntu engakhubeki ngezwi, lowo uyindoda epheleleyo, enamandla okulawula nomzimba wonke njengetomu.


Bhekani, yonke imiphefumulo ingeyami; njengomphefumulo kayise, unjalo umphefumulo wendodana yami; umphefumulo owonayo kumelwe ufe.


Ngakho-ke njengalokhu ngesiphambeko esisodwa ukwahlulelwa kwehlela phezu kwabantu bonke, kube ngukulahlwa; ngokunjalo ngokulunga okukodwa isipho sesihle seza phezu kwabantu bonke kube yikulungisiswa kwempilo.


Benazithelo zini ngaleso sikhathi ngalezo eninamahloni ngazo manje na? ngoba isiphetho salezozinto yikufa.


Udosi lokufa yisono; lamandla esono ngumthetho.


Esasihamba phakathi kwabo sonke ezikhathini ezidlule ngezinkanuko zenyama yethu, sifeza izinkanuko zenyama nezengqondo; futhi ngemvelo sasingabantwana bolaka njengabanye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite