Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseRoma 4:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngakho-ke kungokholo, ukuze kube ngomusa; ukuze isithembiso siqiniseke kuyo yonke inzalo; kungeyisikho lokho okungokomthetho kuphela, kodwa nakulokho okungokukholwa kuka-Abrahama; ongubaba wethu sonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ngalokho kuya ngokukholwa ukuba kube ngokomusa, ukuze isithembiso siqiniseke enzalweni yonke, kungabi kweyomthetho yodwa kodwa nakuleyo engeyokukholwa kuka-Abrahama ongubaba wethu sonke,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Ngalokho, kuya ngokukholwa ukuba kube ngokomusa, ukuze isithembiso siqiniseke enzalweni yonke, kungabi kweyomthetho kuphela, kodwa nakuleyo engeyokukholwa kuka-Abhrahama ongubaba wethu sonke,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Ngakho-ke kungokholo, ukuze kube ngomusa; ukuze isithembiso siqiniseke kuyo yonke inzalo; kungeyisikho lokho okungokomthetho kuphela, kodwa nakulokho okungokukholwa kuka-Abrahama; ongubaba wethu sonke.

Gade chapit la Kopi




KwabaseRoma 4:16
18 Referans Kwoze  

Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu;


Kepha umbhalo uvalile konke phansi kwesono, ukuze isithembiso ngokukholwa nguJesu Kristu siphiwe abakholwayo.


Okungukuthi, labo abangabantwana benyama abasibo abantwana bakaNkulunkulu, kodwa abantwana besithembiso babalwa inzalo.


ukuze sesilungisisiwe ngomusa wakhe, sibe yizindlalifa ngokwethemba lokuphila okuphakade.


Nalapho sasifile ezonweni, wasiphilisa kanye noKristu, (ngomusa nisindisiwe;)


Kepha ngithi uJesu Kristu waba yisikhonzi sokusoka ngenxa yeqiniso likaNkulunkulu, ukuze aqinise izithembiso zabobaba;


Ngakho lokhu sesilungisisiwe ngokukholwa, sinokuthula kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu;


Bheka uyihlo u-Abrahama noSara owakuzalayo, ngokuba ngambiza eyedwa, ngambusisa, ngamandisela.


Ngakho-ke, bazalwane, khuthalelani kakhulu ukwenza kuqiniseke ukubizwa nokukhethwa kwenu;


Wasesemukela isibonakaliso sokusoka, uphawu lokulunga kokukholwa ayelakho engakasoki, ukuze abe nguyise wabo bonke abakholwayo lanxa bengasokile; ukuze ukulunga kubalelwe nakubo;


UJesu wathi kuye: “Namuhla insindiso isifikile kule ndlu, lokhu naye eyindodana ka-Abrahama.


Ngisho ukulunga kukaNkulunkulu okungokukholwa kuJesu Kristu kubo bonke naphezu kwabo bonke abakholwayo, ngokuba akukho mehluko;


lokhu uNkulunkulu emunye, ozalungisisa abasokileyo ngokukholwa, lokungasoki ngokholo.


ukuze isibusiso sika-Abrahama sibe phezu kwabezizwe ngoKristu Jesu; ukuze samukele isithembiso sikaMoya ngokukholwa.


Manje izithembiso zenziwa ku-Abrahama nasenzalweni yakhe. Akasho ukuthi: Nasezinzalweni, kungathi ngeziningi; kodwa kungathi ngeyodwa: Nasenzalweni yakho enguKristu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite