Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseRoma 4:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngokuba isithembiso sokuthi uyakuba yindlalifa yezwe asifikanga ku-Abrahama nenzalo yakhe ngomthetho, kodwa ngokulunga kokukholwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Ngokuba isithembiso sokuthi uyakuba yindlalifa yezwe asinikwanga u-Abrahama nenzalo yakhe ngawo umthetho kodwa ngokulunga kokukholwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Ngokuba isithembiso sokuthi uyakuba yindlalifa yezwe asenziwanga ku-Abhrahama nasolibeni lwakhe ngomthetho, kodwa ngokulunga kokukholwa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Ngokuba isithembiso sokuthi uyakuba yindlalifa yezwe asifikanga ku-Abrahama nenzalo yakhe ngomthetho, kodwa ngokulunga kokukholwa.

Gade chapit la Kopi




KwabaseRoma 4:13
15 Referans Kwoze  

Uma ningabakaKristu, niyinzalo ka-Abrahama, niyizindlalifa ngokwesithembiso.


Okungukuthi, labo abangabantwana benyama abasibo abantwana bakaNkulunkulu, kodwa abantwana besithembiso babalwa inzalo.


Futhi inzalo yakho iyoba njengothuli lomhlaba, futhi uyosakazekela entshonalanga, nasempumalanga, nasenyakatho, naseningizimu; futhi ziyakubusiswa kuwe nangenzalo yakho zonke izizukulwane zomhlaba.


Cela kimi, ngikunike izizwe zibe yifa lakho, nemikhawulo yomhlaba ibe yimpahla yakho.


Ngizambusisa njalo ngikunike indodana evela kuye; yebo, ngiyakumbusisa, abe ngunina wezizwe; amakhosi ezizwe ayophuma kuyo.


Ngiyakubusisa okubusisayo, ngiqalekise okuqalekisayo; futhi ziyobusiswa ngawe zonke izizukulwane zomhlaba.


Yebo, onke amakhosi ayakuwa phambi kwakhe; zonke izizwe ziyakumkhonza.


Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nomniki-mthetho phakathi kwezinyawo zakhe aze afike uShilo; futhi kuyakuba kuye ukubuthwa kwabantu.


Lathi sitshumayela izindaba ezinhle kini, ukuthi isithembiso esenziwa kubokhokho.


noyise wokusoka kwabangasibo abokusoka kuphela, kodwa abahamba futhi ezinyathelweni zokholo lukababa wethu u-Abrahama ayenalo engakasoki.


Kodwa yena ongabalelwa ozalweni lwabo uthathile okwetshumi kuAbrahama, wambusisa lowo owayelezithembiso.


Ngokukholwa uNowa, exwayisiwe nguNkulunkulu ngezinto ebezingakabonwa, ngokwesaba wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe; ngalo walahla umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okungokukholwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite