Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseRoma 3:22 - Contemporary Zulu Bible 2024

22 Ngisho ukulunga kukaNkulunkulu okungokukholwa kuJesu Kristu kubo bonke naphezu kwabo bonke abakholwayo, ngokuba akukho mehluko;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 ngisho ukulunga kukaNkulunkulu ngokukholwa nguJesu Kristu kubo bonke abakholwayo; ngokuba akukho mahluko;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 ukulunga kukaNkulunkulu okuvela ngokukholwa nguJesu Khristu kubo bonke abakholwayo, ngokuba akukho mehluko.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

22 Ngisho ukulunga kukaNkulunkulu okungokukholwa kuJesu Kristu kubo bonke naphezu kwabo bonke abakholwayo, ngokuba akukho mehluko;

Gade chapit la Kopi




KwabaseRoma 3:22
30 Referans Kwoze  

Ngokuba akukho mehluko phakathi komJuda nomGreki, ngokuba iNkosi eyodwa phezu kwabo bonke inothile kubo bonke abakhuleka kuyo.


Akakho umJuda namGreki, akakho oboshiweyo nokhululekileyo, akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu.


sisazi ukuthi umuntu kalungisiswa ngemisebenzi yomthetho, kodwangokholo lukaJesu Kristu, lathi sakholwa kuKristu Jesu, ukuze silungisiswe ngokukholwa kuKristu, njalo kungeyisikho ngemisebenzi yomlayo; ngoba ngemisebenzi yomthetho kakulanyama ezalungisiswa.


Ngakho-ke akusekho ukulahlwa kwabakuKristu Jesu, abangahambi ngokwenyama kodwa ngokukaMoya.


lapho kungekho khona umGreki nomJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe, umSkithe, isigqila noma okhululekile, kepha uKristu uyikho konke, ukubo bonke.


njalo ngifunyanwe kuye, ngingelakho okwami ukulunga okuvela emthethweni, kodwa lokho okungokholo lukaKristu, ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa;


Ngakho awunakuzilandulela, wena muntu, noma ungubani owahlulelayo; ngokuba ngalokho owahlulela ngakho omunye, uyazilahla wena; ngoba wena owahlulelayo uyakwenza okufanayo.


Ngizakwethaba kakhulu kuJehova, umphefumulo wami uzakwethaba ngoNkulunkulu wami; ngoba ungigqokise izembatho zensindiso, wangembesa ngesambatho sokulunga, njengomyeni ehloba ngezivunulo, lanjengomakoti ezihloba ngobucwebe bakhe.


Kwase kugcwaliseka umbhalo othi: U-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga, wabizwa ngokuthi uMngane kaNkulunkulu.


Akabekanga umehluko phakathi kwethu nabo, ehlambulula izinhliziyo zabo ngokholo.


Ngokuba ngubani okwenza uhluke komunye na? futhi yini onayo ongayamukelanga? manje uma wamukele, uzibongelani kungathi awukayamukeliswanga na?


Ngakho siyakuthini? Ukuthi abezizwe ababengadingisisi ukulunga, sebekutholile ukulunga, ukulunga okuvela ekukholweni.


Kodwa uyise wathi ezincekwini zakhe: Khuphani nikhiphe ingubo enhle kunazo zonke, niyembathise; wafaka indandatho esandleni sakhe, nezicathulo ezinyaweni zakhe;


Ezinsukwini zayo uJuda uyohlengwa no-Israyeli ahlale elondekile; nanti igama lakhe ayobizwa ngalo: INKOSI UBULUNGISA BETHU.


Amasonto angamashumi ayisikhombisa amiselwe phezu kwabantu bakini naphezu komuzi wakho ongcwele ukuba afeze isiphambeko, aphelelise izono, enze ukubuyisana ngobubi, angenise ukulunga okuphakade, anamathelise umbono nesiprofetho, agcobe ibandla. Ngcwelengcwele.


Negama layo ngokukholwa egameni layo liyiqinisile le ndoda eniyibonayo neniyaziyo;


UMoya wayesethi kimi ngihambe nawo, ngingangabazi ngalutho. Bahamba nami nalaba bazalwane abayisithupha, sangena endlini yalowo muntu;


Ngokuba ukulunga kukaNkulunkulu kwembulwa kulo, kuvela ekukholweni kuye ekukholweni, njengokulotshiweyo ukuthi: Olungileyo uyakuphila ngokukholwa.


lokhu uNkulunkulu emunye, ozalungisisa abasokileyo ngokukholwa, lokungasoki ngokholo.


Ngakho-ke kungokholo, ukuze kube ngomusa; ukuze isithembiso siqiniseke kuyo yonke inzalo; kungeyisikho lokho okungokomthetho kuphela, kodwa nakulokho okungokukholwa kuka-Abrahama; ongubaba wethu sonke.


Ngokuba uKristu uyisiphetho somthetho kube ngukulunga kubo bonke abakholwayo.


Ngokuba ngaMoya munye thina sonke sabhapathizwa sibe mzimba munye, noma singabaJuda noma singamaGreki, noma siyizigqila noma sikhululekile; futhi sonke sinathiswa uMoya munye.


Ngibethelwe kanye noKristu, nokho ngiyaphila; nokho akumina, kodwa uKristu uphila kimi, nokuphila engikuphila manje enyameni ngikuphila ngokukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.


Kepha umbhalo uvalile konke phansi kwesono, ukuze isithembiso ngokukholwa nguJesu Kristu siphiwe abakholwayo.


esilesibindi kuye lokungena ngesibindi ngokholo lwakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite