Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseRoma 2:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Usizi nosizi phezu kwawo wonke umphefumulo womuntu owenza okubi, kumJuda kuqala, nakumGreki;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Usizi nokubandezeka kuyakwehlela imiphefumulo yabantu bonke abenza okubi, umJuda kuqala, nomGreki futhi;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Usizi nobuhlungu kuyakubehlela bonke abantu abenza okubi, umJuda kuqala, nomGriki.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Usizi nosizi phezu kwawo wonke umphefumulo womuntu owenza okubi, kumJuda kuqala, nakumGreki;

Gade chapit la Kopi




KwabaseRoma 2:9
35 Referans Kwoze  

Ngokuba isikhathi sesifikile sokuba ukwahlulela kuqale endlini kaNkulunkulu; uma kuqala kithi, kuyakuba yini ukuphela kwabangalaleli ivangeli likaNkulunkulu na?


Ngokuba anginamahloni ngevangeli likaKristu, ngokuba lingamandla kaNkulunkulu kube yinsindiso kulowo nalowo okholwayo; kumJuda kuqala, nakumGreki futhi.


Bhekani, yonke imiphefumulo ingeyami; njengomphefumulo kayise, unjalo umphefumulo wendodana yami; umphefumulo owonayo kumelwe ufe.


lokhu kuyinto elungileyo kuNkulunkulu ukuphindisela ukuhlupheka kwabanihluphayo;


ngitsho thina, asibizayo, kungeyisikho kumaJuda kuphela, kodwa lakwabezizwe?


kodwa inkazimulo, nodumo, nokuthula kubo bonke abenza okuhle, kumJuda kuqala, nakumGreki;


UNkulunkulu eseyivusile iNdodana yakhe uJesu, wayithuma kini kuqala, ukuze anibusise ngokuniphendula yilowo nalowo ebubini bakhe.


Kutshunyayelwe ebizweni lakhe ukuphenduka lokuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema.


lapho kungekho khona umGreki nomJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe, umSkithe, isigqila noma okhululekile, kepha uKristu uyikho konke, ukubo bonke.


Akakho umJuda namGreki, akakho oboshiweyo nokhululekileyo, akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu.


Ngokuba akukho mehluko phakathi komJuda nomGreki, ngokuba iNkosi eyodwa phezu kwabo bonke inothile kubo bonke abakhuleka kuyo.


Ngakho-ke makwazeke kini ukuthi usindiso lukaNkulunkulu luthunyelwa kwabezizwe, futhi bayakuzwa.


Kwathi emva kwezinsuku ezintathu uPawuli wabizela ndawonye izikhulu zabaJuda; nokho nganikelwa eJerusalema ngiyisiboshwa ezandleni zamaRoma.


kodwa ngabika kuqala kwabaseDamaseku, naseJerusalema, nakuzo zonke izindawo zaseJudiya, nakwabezizwe, ukuba baphenduke, baphendukele kuNkulunkulu, benze imisebenzi efanele ukuphenduka.


ngifakaza kubaJuda nakumaGreki ukuphendukela kuNkulunkulu, nokukholwa eNkosini yethu uJesu Kristu.


Madoda, bazalwane, bantwana bozalo lukaAbrahama, labo phakathi kwenu abamesabayo uNkulunkulu, ilizwi lale nsindiso lithunyelwe kini.


Sebezwile lezizinto bathula, bamdumisa uNkulunkulu, besithi: Ngakho uNkulunkulu unikile labezizwe ukuphendukela ekuphileni.


Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, onakalelwe ukuphila kwakhe, na? Yingabe uyakukhiphani umuntu, kube yisihlengo sokuphila kwakhe, na?


Ngazi wena wedwa ezizukulwaneni zonke zomhlaba; ngalokho ngiyakunihambela ngabo bonke ububi benu.


Yizwa usezulwini, wenze, wahlulele izinceku zakho ngokuphindisela omubi, ubuyisele indlela yakhe phezu kwekhanda lakhe; nangokulungisisa olungileyo, ngokumnika njengokulunga kwakhe.


Ziningi izinsizi zomubi, kepha othembela kuJehova, umusa uyakumhaqa.


Isifiso sabalungileyo sihle kuphela, kodwa ithemba lababi liwulaka.


Ngase ngithulula ukufutheka kwami phezu kwabo; Ngabaqeda ngomlilo wokufutheka kwami; Ngehlisele indlela yabo phezu kwekhanda labo, isho iNkosi uJehova.


Ngubani oyakusahlukanisa nothando lukaKristu na? Noma usizi, noma ukucindezeleka, noma ukuzingelwa, noma indlala, noma ukuhamba-ze, noma ingozi, noma inkemba?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite