Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseRoma 2:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

19 njalo uyaqiniseka ukuthi wena ungumholi weziphofu, ukukhanya kwabasebumnyameni;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 uzethembile wena ukuthi ungumholi wezimpumputhe, ungukukhanya kwabasebumnyameni,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 uzethembile wena ukuthi ungumholi wezimpumputhe; ungukukhanya kwalabo abasebumnyameni,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 njalo uyaqiniseka ukuthi wena ungumholi weziphofu, ukukhanya kwabasebumnyameni;

Gade chapit la Kopi




KwabaseRoma 2:19
23 Referans Kwoze  

Thina siyiziwula ngenxa kaKristu, kepha nina nihlakaniphile kuKristu; thina sibuthakathaka, kodwa nina ninamandla; niyadunyiswa, kepha thina sidelelekile.


Baphendula, bathi kuye: Wena wazalelwa ezonweni kanye, wena usifundisa yini? Basebemkhiphela phandle.


Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe. Uma impumputhe ihola impumputhe, ziyakuyela emgodini zombili.


Kepha uma iso lakho lilibi, umzimba wakho wonke uyakuba mnyama. Ngakho uma ukukhanya okukuwe kungubumnyama, bukhulu kangakanani lobo bumnyama!


Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi ophezu kwentaba awunakufihlakala.


Abalindi bakhe bayizimpumputhe, bonke abanalwazi, bonke bayizinja eziyizimungulu, azikwazi ukukhonkotha; lala, qamba amanga, uthanda ukulala.


Wathi: “Kuyinto elula ukuba ube yinceku yami ukuvusa izizwe zakwaJakobe nokubuyisela abalindi bakwa-Israyeli; ngizakukunika ube ngukukhanya kwabezizwe, ukuze ube yinsindiso yami. Ekupheleni komhlaba.


Maye kulabo abahlakaniphileyo emehlweni abo futhi bahlakaniphile kwawabo amehlo!


Uyambona umuntu ohlakaniphileyo emehlweni akhe na? kukhona ithemba ngesiwula kunaso.


ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala, abantwana bakaNkulunkulu abangenacala phakathi kwesizwe esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso ezweni;


Makungabikho ozikhohlisayo. Uma umuntu phakathi kwenu ethi uhlakaniphile kuleli zwe, akabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe.


Ukuze uvule amehlo abo, basuke ebumnyameni, baye ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baye kuNkulunkulu, ukuze bamukele ukuthethelelwa kwezono, nefa phakathi kwabangcwelisiweyo ngokukholwa kimi.


Ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa, ukuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula.


Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana, kasoze angena kuwo.


Abantu ababehlezi ebumnyameni babona ukukhanya okukhulu; nabahlezi ezweni nasethunzini lokufa ukukhanya kuye kwaphumela obala.


iyayazi intando yakhe, ivuma izinto ezinhle kakhulu, ifundiswe ngomthetho;


Umfundisi weziwula, umfundisi wezingane, onesimo solwazi neseqiniso emthethweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite