Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseRoma 2:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngosuku uNkulunkulu azakwahlulela ngalo izimfihlo zabantu ngoJesu Khristu ngokwevangeli lami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 ngosuku uNkulunkulu ayakwahlulela ngalo okufihliweyo kwabantu ngokwevangeli lami ngoKristu Jesu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 ngosuku lapho uNkulunkulu eyakwehlulela izimfihlo zabantu ngokwevangeli lami ngoKhristu uJesu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Ngosuku uNkulunkulu azakwahlulela ngalo izimfihlo zabantu ngoJesu Khristu ngokwevangeli lami.

Gade chapit la Kopi




KwabaseRoma 2:16
31 Referans Kwoze  

Ngokuba uNkulunkulu uyakuyisa yonke imisebenzi ekwahlulelweni kanye nakho konke okufihliweyo, kungakhathaliseki ukuthi kuhle noma kubi.


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ize ifike iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihliweyo kobumnyama, iveze obala amacebo ezinhliziyo, khona-ke yilowo nalowo uyakuba nodumo kuNkulunkulu.


Ngokuba umisile usuku, ayokwahlulela ngalo izwe ngokulunga ngalowo muntu ammisile; enike bonke isiqinisekiso ngokumvusa kwabafileyo.


Wasiyala ukuba sishumayele kubantu, sifakaze ukuthi nguye omiswe nguNkulunkulu ukuba abe nguMahluleli wabaphilayo nabafileyo.


Ngokuba akukho okusithekile okungayikubonakaliswa; futhi okufihliweyo okungayikwaziwa nokuphumela obala.


abayakulandisa kuye olungele ukwahlulela abaphilayo nabafileyo.


Makube njalo, ngokuba uma kunjalo uNkulunkulu uyakulahlulela kanjani izwe na?


phambi kukaJehova; ngoba Uyeza ukwahlulela umhlaba; Uyakwahlulela izwe ngobulungisa, nezizwe ngobuqotho.


INkosi iyakwazi ukukhulula ezilingweni abamesabayo, nokugcinela abangalungile usuku lokwahlulelwa, bajeziswe;


Ngakho ngiyakuyala phambi kukaNkulunkulu neNkosi uJesu Kristu ozakwahlulela abaphilayo nabafileyo ngokubonakala kwakhe nombuso wakhe;


Khumbula ukuthi uJesu Kristu wavuswa kwabafileyo, wenzalo kaDavide ngokwevangeli lami;


ngokwevangeli lenkazimulo kaNkulunkulu obongekayo, engiphathiswe lona.


Kuye onamandla okuniqinisa ngokwevangeli lami nentshumayelo kaJesu Kristu ngokokwambulwa kwemfihlakalo ebifihliwe kwasekuqaleni;


Ongalayo, engawamukeli amazwi ami, unomahlulelayo;


Njengalokhu kumiselwe abantu ukuba bafe kanye, emva kwalokhu ukwahlulelwa;


Kusukela khathesi ngibekelwe umqhele wokulunga, ezanginika wona ngalolosuku iNkosi, umahluleli olungileyo, kungeyisimi ngedwa, kodwa lakubo bonke abathanda ukubonakala kwayo.


Ngokuba sonke simelwe ukubonakala phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu; ukuze yilowo nalowo amukele izinto ezenziwe ngomzimba wakhe, njengalokho akwenzileyo, noma kuhle noma kubi.


Kepha ngobulukhuni bakho nenhliziyo engaphendukiyo uzibekelela ulaka ngosuku lolaka nolokwambulwa kokwahlulela okulungileyo kukaNkulunkulu;


Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.


Jabula, nsizwa, ebusheni bakho; inhliziyo yakho mayikuthokozise emihleni yobusha bakho, uhambe ezindleleni zenhliziyo yakho nangokubona kwamehlo akho; kepha yazi ukuthi uNkulunkulu uyakukuyisa ekulungeni ngazo zonke lezi zinto.


Ngathi enhliziyweni yami: “UNkulunkulu uyakwahlulela olungileyo nomubi, ngokuba kukhona isikhathi sawo wonke umqondo nawo wonke umsebenzi.


Phambi kobuso bukaJehova, ngokuba uyeza, ngokuba uyeza ukwahlulela umhlaba; Uyakwahlulela izwe ngobulungisa, nezizwe ngeqiniso lakhe.


Amazulu ayakumemezela ukulunga kwakhe, ngokuba uNkulunkulu ungumahluleli. Sela.


Makube kude nawe ukwenza kanjalo, ukubulala olungileyo kanye nomubi, nokuba olungileyo abe njengomubi, okude nawe; umahluleli womhlaba wonke akayikwenza ubulungisa na?


Kepha ngiyanazisa, bazalwane, ukuthi ivangeli elashunyayelwa yimina aliveli kubantu.


Phezu kwalokho, bazalwane, ngimemezela kini ivangeli engalishumayela kini, enalamukela futhi, enimi kulo;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite