Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseRoma 2:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 kodwa inkazimulo, nodumo, nokuthula kubo bonke abenza okuhle, kumJuda kuqala, nakumGreki;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 kepha inkazimulo nodumo nokuthula kubo bonke abenza okuhle, kumJuda kuqala, nakumGreki futhi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Kepha inkazimulo, udumo, nokuthula kuyakuba kubo bonke abenza okuhle, kumJuda kuqala, nakumGriki futhi.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 kodwa inkazimulo, nodumo, nokuthula kubo bonke abenza okuhle, kumJuda kuqala, nakumGreki;

Gade chapit la Kopi




KwabaseRoma 2:10
45 Referans Kwoze  

Futhi umsebenzi wokulunga uyoba ukuthula; kanye nemiphumela yobulungisa ukuthula nesiqiniseko kuze kube phakade.


Nkosi, uyakusimisela ukuthula, ngokuba wena wenze yonke imisebenzi yethu kithi.


INkosi izakuphakamisa ubuso bayo phezu kwakho, ikuphe ukuthula.


ukuze ukuvivinywa kokholo lwenu, okuligugu kakhulu kunegolide elibhubhayo, nakuba livivinywa ngomlilo, kufunyanwe kube yindumiso nodumo nenkazimulo ekubonakaleni kukaJesu Kristu;


Ngubani phakathi kwenu indoda ehlakaniphileyo njalo enolwazi? Makabonise ngenkambo enhle imisebenzi yakhe ngobumnene bokuhlakanipha.


Ngokuba ukunaka kwenyama kungukufa; kepha ukunaka okomoya kungukuphila nokuthula.


Kulabo abathi ngokubekezela ekwenzeni okuhle badinga inkazimulo lodumo lokungabhubhi, impilo elaphakade;


Ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa, ukuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula.


Jayelana naye manje, ube nokuthula; ngalokho okuhle kuyakwehlela phezu kwakho.


Uyabona ukuthi ukukholwa kwasebenza kanye nemisebenzi yakhe, nokuthi ukholo lwapheleliswa ngemisebenzi?


Ngokuba kuKristu Jesu ukusoka nokungasoki akulutho; kodwa ukholo olusebenza ngothando.


Ngakho lokhu sesilungisisiwe ngokukholwa, sinokuthula kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu;


Usizi nosizi phezu kwawo wonke umphefumulo womuntu owenza okubi, kumJuda kuqala, nakumGreki;


Lezizinto ngizikhulume kini ukuze libe lokuthula kimi. Ezweni niyakuba nosizi, kepha yimani isibindi; mina ngilinqobile izwe.


Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.


Kodwa isithelo sikaMoya siluthando, intokozo, ukuthula, ukubekezela, ubumnene, ukulunga, ukholo,


UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.


Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awusikho ukudla nokunatha; kodwa ukulunga, lokuthula, lenjabulo kuMoya oNgcwele.


ukuze enze yaziwe ingcebo yenkazimulo yakhe ezitsheni zomusa, azilungisele ngaphambili inkazimulo;


Umbumbi akanalo yini igunya phezu kobumba ukuba ngenhlama efanayo enze isitsha esihloniphekayo nesinye esingahloniphekiyo na?


Kodwa ezizweni zonke omesabayo lowenza ukulunga uyamukeleka kuye.


Uma umuntu engikhonza, makangilandele; nalapho ngikhona, iyakuba khona nenceku yami; uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumdumisa yena.


Selifikile ihora, wahlala phansi, nabaphostoli abayishumi nambili kanye naye.


esithi: Aluba ubusazi lawe ngalolusuku lwakho, izinto zokuthula kwakho! kepha manje zifihliwe emehlweni akho.


Zibusisiwe lezozinceku, okuyakuthi inkosi, nxa ifika, izifumane zilindile;


Wathi kubo: “Yilowo nalowo owamukela lo mntwana egameni lami uyangamukela mina;


Uma indlu ifanele, ukuthula kwenu makube phezu kwayo; kepha uma ingafanele, ukuthula kwenu makubuyele kini.


Bheka, ngiyakubalethela ukuphila nokuphulukiswa, ngibaphulukise, ngibambulele ukuchichima kokuthula neqiniso.


Ngiyadala isithelo sezindebe; Ukuthula, ukuthula kuye okude nakuye oseduze,” usho uJehova; ngiyakumphulukisa.


Akukho ukuthula kwababi,” usho uJehova.


O, ukube ubuyilalele imiyalo yami! ukuthula kwakho kwaba njengomfula, nokulunga kwakho njengamagagasi olwandle;


Omubi wenza umsebenzi wenkohliso, kepha ohlwanyela ukulunga unomvuzo omisiwe.


Ingcebo nodumo kukimi; yebo, ingcebo ehlala njalo nokulunga.


Bheka umuntu opheleleyo, umbone oqotho, ngokuba isiphetho salowo muntu kungukuthula.


UJehova uyakunika abantu bakhe amandla; uJehova uyakubusisa abantu bakhe ngokuthula.


Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza ubulungisa nokhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe.


Ngalokho usho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Ngishilo nokusho ukuthi indlu yakho nendlu kayihlo iyakuhamba phambi kwami kuze kube phakade; kepha Jehova muntu, makube kude nami; Ngokuba abangidumisayo ngiyakubadumisa, nabangidelelayo bayakuba-delelekile.


Kuyakuthi lapho ebonakala uMalusi omkhulu, niyakwamukeliswa umqhele wenkazimulo ongabuniyo.


Ukuthula ngikushiya kini, ukuthula kwami ngininika khona; angininiki njengokupha kwezwe. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi;


Ngokuba niyakuphuma ngokujabula, niholwe ngokuthula; izintaba namagquma kuyakuqhuma phambi kwenu ngokujabula, nemithi yonke yasendle ishaye ihlombe.


Kuyo iNkosi yaphakade, engabhubhiyo, engabonakali, uNkulunkulu yedwa, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


Wamenza waba mncinyane kunezingelosi; wamthwesa umqhele wenkazimulo nodumo, wammisa phezu kwemisebenzi yezandla zakho;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite