Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseRoma 13:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngokuba uyisikhonzi sikaNkulunkulu kuwe kube kuhle. Kepha uma wenza okubi, yesaba; ngokuba ayiphatheli ize inkemba, ngokuba iyisikhonzi sikaNkulunkulu, umphindiseli wokubuyisela ulaka kowenza okubi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 ngokuba uyisikhonzi sikaNkulunkulu, kube kuhle kuwe. Kepha uma wenza okubi, yesaba; ngokuba awuyiphatheli ize inkemba; ngokuba uyisikhonzi sikaNkulunkulu, umphindiseli wokwehlisela ulaka kowenza okubi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 ngokuba uyisikhonzi sikaNkulunkulu, ukuze sikwenzele okuhle. Kepha uma wenza okubi, yesaba, ngokuba akayiphatheli ize inkemba, phela uyisikhonzi sikaNkulunkulu, nophindisela ulaka kulowo owenza okubi.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Ngokuba uyisikhonzi sikaNkulunkulu kuwe kube kuhle. Kepha uma wenza okubi, yesaba; ngokuba ayiphatheli ize inkemba, ngokuba iyisikhonzi sikaNkulunkulu, umphindiseli wokubuyisela ulaka kowenza okubi.

Gade chapit la Kopi




KwabaseRoma 13:4
23 Referans Kwoze  

Bathandekayo, ningaziphindiseli nina, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: Ngokwami ukuphindisela; ngiyakubuyisela mina, isho iNkosi.


Ukwesaba inkosi kunjengokubhonga kwengonyama; omgconayo wona umphefumulo wakhe.


Ulaka lwenkosi lunjengezithunywa zokufa, kodwa umuntu ohlakaniphileyo uyaluthulisa.


Wathi kubahluleli: “Qaphelani enikwenzayo, ngokuba anahluleli abantu, kodwa uJehova onani ekwahluleleni.”


ukuze kungabi khona oweqa umfowabo kunoma iyiphi indaba, ngokuba iNkosi ingumphindiseli wakho konke lokho, njengalokho sanixwayisa futhi safakaza.


Ngokuba ngenxa yalokho nithela futhi, ngokuba bayizikhonzi zikaNkulunkulu ezikhuthalela khona lokho.


Yizwani lokhu nina zinhloko zendlu kaJakobe nababusi bendlu ka-Israyeli eninengwa yikulunga, niphendukezela konke ukulunga.


Ngiyakubuyisela impindiselo yami ku-Edomi ngesandla sabantu bami u-Israyeli, benze kwa-Edomi njengokwentukuthelo yami nanjengokufutheka kwami; futhi bayokwazi impindiselo yami, isho iNkosi uJehova.


Izikhulu zalo phakathi kwawo zinjengezimpisi ezidwengula impango, ukuchitha igazi nokubhubhisa imiphefumulo, ukuze zithole inzuzo yokungathembeki.


Bakhuluphele, bayakhazimula, yebo, badlula imisebenzi yababi; futhi ilungelo labampofu abalahluleli.


Fundani ukwenza okuhle; funani ukwahlulelwa, nisize abacindezelweyo, yahluleleni intandane, nimele umfelokazi.


Inkosi ehlakaniphileyo iyahlakaza ababi futhi ilethe isondo phezu kwabo.


Inkosi ehlezi esihlalweni sokwahlulela ihlakaza bonke ububi ngamehlo ayo.


Makabongwe uJehova uNkulunkulu wakho owathanda ukukubeka esihlalweni sobukhosi sika-Israyeli, ngokuba uJehova wamthanda u-Israyeli kuze kube phakade, ngalokho wakubeka inkosi ukwenza ukwahlulela nokulunga.


Lena yayiyimizi emiselwe bonke abantwana bakwa-Israyeli nomfokazi ogogobele phakathi kwabo, ukuze noma ubani obulala umuntu engazi abalekele khona futhi angafi ngesandla somphindiseli wegazi, aze ame phambi kwenhlangano.


Uma umphindiseli wegazi emxosha, abanakumnikela umbulali esandleni sakhe; ngoba watshaya umakhelwane wakhe ngokungazi njalo kazange amzonde ngaphambili.


noma kubabusi njengabathunywe nguye ukujezisa abenzi bokubi, batuswe abenza okuhle.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite