Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseRoma 13:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Akube yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso; Ngoba awekho amandla ngaphandle kukaNkulunkulu: amandla akhona amiswe nguNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Akube yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso, ngokuba akukho mandla ombuso angaveli kuNkulunkulu; lawa akhona amiswe nguNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Akube yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso. Ngokuba akukho mandla ombuso angaveli kuNkulunkulu. Lawa akhona amiswe nguNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Akube yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso; Ngoba awekho amandla ngaphandle kukaNkulunkulu: amandla akhona amiswe nguNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




KwabaseRoma 13:1
25 Referans Kwoze  

Bakhumbuze ukuba bathobele izikhulu namandla, balalele izinduna, balungele yonke imisebenzi emihle;


Uyaguqula izikhathi nezikhathi; ususa amakhosi, abeke amakhosi; Unika abahlakaniphileyo ukuhlakanipha nolwazi kwabakwaziyo ukuqonda.


UJesu waphendula wathi: “Ungeke ube namandla neze phezu kwami, uma ungawanikwanga evela phezulu;


Ngokunjalo lalaba baphuphi abangcolileyo bangcolisa inyama, badelele ukubusa, bakhulume kubi ngabahloniphekayo.


UNkulunkulu wakhuluma kanye; kabili ngizwile; lawo mandla angakaNkulunkulu.


nizithoba omunye komunye ngokwesaba uNkulunkulu.


Uyavusa ompofu othulini, aphakamise isinxibi endundumeni yomquba, ukuze asibeke phakathi kwezikhulu, abenze badle ifa lesihlalo sobukhosi senkazimulo; ngokuba izinsika zomhlaba zingezikaJehova, izwe liphezu kwazo.


Esembathweni sakhe nasethangeni lakhe kunegama lilotshiwe ukuthi: INKOSI YAMAKHOSI, NOMBUSI WABABUSI.


nakuJesu Kristu, ongufakazi othembekileyo, nezibulo kwabafileyo, nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye owasithandayo nowasigeza ezonweni zethu ngegazi lakhe.


Bayokuxosha kubantu, indawo yakho yokuhlala ibe kanye nezilwane zasendle; bayakukudlisa utshani njengezinkomo, kudlule kuwe izikhathi eziyisikhombisa, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa embusweni wabantu, uwunike lowo athanda ukumnika wona.


Laba bayakulwa neWundlu, kepha iWundlu liyakubanqoba, ngokuba liyiNkosi yamakhosi, neNkosi yamakhosi;


Ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi, ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.


Umuntu ofuna ukwenza ngokugabadela futhi angamlaleli umpristi omi lapho ukukhonza phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho noma umahluleli, lowo muntu kufanele afe; futhi kumelwe ususe ububi kwa-Israyeli.


Ndodana yami, yesaba uJehova nenkosi, ungagxambukeli kwabaguqukileyo.


Le ndaba injengomyalo wabalindi nokufunwa yizwi labangcwele ukuba abaphilayo bazi ukuthi oPhezukonke ubusa embusweni wabantu, awunike lowo athanda ukummisa, ammise. Phezu kwawo amadoda aphansi.


Khona abalamukele izwi lakhe ngokuthokoza babhapathizwa, kwenezelwa ngalona lolosuku abantu abangaba yizinkulungwane ezintathu.


Unganqotshwa okubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.


Ngakho-ke omelana namandla umelana nesimiso sikaNkulunkulu;


Ngeyamakhosi, nakubo bonke abakhulu; ukuze siphile impilo ezolileyo lenokuthula kukho konke ukuhlonipha uNkulunkulu lobuqotho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite