Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseRoma 12:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngoba ngomusa engiwuphiweyo, ngithi kuwo wonke umuntu ophakathi kwenu ukuthi angazicabangeli ngaphezu kwalokho afanele ukukucabanga; kodwa acabange ngokuqonda, njengalokho uNkulunkulu abele yilowo nalowo isilinganiso sokukholwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngokuba ngomusa engiwuphiweyo ngisho kulowo nalowo phakathi kwenu ukuthi angacabangi athi mkhulu kunalokho afanele ukukucabanga, kodwa acabange kube ngokuqonda, njengalokho uNkulunkulu abele lowo nalowo isilinganiso sokukholwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Ngokuba ngomusa engiwuphiweyo ngithi kulowo nalowo kini akangazicabangi ukuthi mkhulu, kunalokho afanele ukukucabanga; kodwa acabange kube ngokuqonda, njengalokhu uNkulunkulu abele yilowo nalowo isilinganiso sokukholwa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Ngoba ngomusa engiwuphiweyo, ngithi kuwo wonke umuntu ophakathi kwenu ukuthi angazicabangeli ngaphezu kwalokho afanele ukukucabanga; kodwa acabange ngokuqonda, njengalokho uNkulunkulu abele yilowo nalowo isilinganiso sokukholwa.

Gade chapit la Kopi




KwabaseRoma 12:3
47 Referans Kwoze  

Ngokuba uma umuntu ezishaya utho, engelutho, uyazikhohlisa.


Uyambona umuntu ohlakaniphileyo emehlweni akhe na? kukhona ithemba ngesiwula kunaso.


Ngokunjalo, nina basha, thobelani abadala. Yebo, nonke thobelani omunye komunye, nembathe ukuthobeka, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.


Yibani nomqondo munye omunye komunye. Ningagxili ezintweni eziphakeme, kodwa zehliseni kwabaphansi. Ningahlakaniphi ngokwenu.


Zithibeni, niqaphe; ngokuba isitha senu uSathane, njengengonyama ebhongayo, siyahamba sifuna engamshwabadela;


Ungabi olungileyo ngokuningi; futhi musa ukubukisa. Kungani uzibhubhisa?


Kepha ukuphela kwakho konke sekusondele;


Kodwa ubapha umusa owengeziwe. Ngalokho uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.


Uma umuntu ekhuluma, makakhulume njengokwamazwi kaNkulunkulu; uma umuntu ekhonza, makakhonze ngokwamandla awaphiwa nguNkulunkulu, ukuze uNkulunkulu akhazinyuliswe ezintweni zonke ngoJesu Kristu, makube kuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.


Ukwazisile wena muntu, okuhle; UJehova ufunani kuwe ngaphandle kokuba wenze ukulunga nokuthanda uthando, uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka na?


Kodwa njengalokho uNkulunkulu emabele yilowo nalowo, njengalokho iNkosi imbizile yilowo nalowo, makahambe kanjalo. Ngiyala kanjalo emabandleni onke.


Isifundisa ukuthi, sidele ukungamesabi uNkulunkulu nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kuleli zwe lamanje;


ukuze amadoda amadala abe ahluzekile, ahloniphekile, aqondileyo, aphilile ekukholweni, othandweni, nasekubekezeleni.


Futhi ukuze ngingaziphakamisi ngokungaphezu kwesilinganiso ngobuningi bezambulo, nganikwa iva enyameni, ingelosi kaSathane ukuba ingishaye, ukuze ngingaziphakamisi kakhulu.


Yebo; ngenxa yokungakholwa aphulwa, wena umi ngokukholwa. Ungazikhukhumezi, kodwa yesaba;


esamukele ngaye umusa nobuphostoli, kube ngukulalela ekukholweni phakathi kwezizwe zonke ngenxa yegama lakhe;


Ngakho-ke bophani izinkalo zengqondo yenu, nizithibe, nithembele kuze kube sekupheleni umusa ozolethwa kini ekwambulweni kukaJesu Kristu;


ukuze bafundise abesifazane abasha ukuba nezithiyo, bathande abayeni babo, bathande abantwana babo,


Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, nomusa wakhe kimi awubanga yize; kodwa ngisebenze kakhulu kakhulu kunabo bonke;


Ngokuba lowo uNkulunkulu amthumileyo ukhuluma amazwi kaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu akamniki uMoya ngesilinganiso.


okuvela kuye ukuthi umzimba wonke uhlanganiswe ngokufaneleyo, ubumbane, ngalokho okunikezwa yilelo nalelolunga, ngokokusebenza esilinganisweni sazo zonke izitho, ukhulisa umzimba kuze kuzakheka othandweni.


UmFarisi wema wazikhulekela ngokuthi: “Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuba ngingenjengabanye abantu, abaphangi, abangalungile, iziphingi, nanjengalo mthelisi.


Ngokunjalo amajaha ayale ukuthi ahluze.


Nokho uyakusindiswa ngokuzala abantwana, uma behlala ekukholweni nasothandweni nasebungcweleni kanye nokuqonda.


Kanjalo nabesifazane mabagqoke izingubo ezifaneleyo, bazihlobise ngokuhlonipha nokuqonda; kungabi ngezinwele ezalukiweyo, negolide, namaparele, nezambatho ezinenani elikhulu;


Kepha umusa weNkosi yethu wavama kakhulu kanye nokukholwa nothando olukuKristu Jesu.


okungalokho, nxa nifunda, nibe nokuqonda ukwazi kwami emfihlakalweni kaKristu;


Ngokuba kuyini enaba phansi ngakho kunamanye amabandla, ngaphandle kokuthi mina ngokwami angibanga ngumthwalo kini na? ngithethelele okubi.


Ngokomusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo, njengomakhi ohlakaniphileyo ngabeka isisekelo, omunye wakha phezu kwaso. Kodwa yilowo nalowo makaqaphele ukuthi wakha kanjani phezu kwaso.


Ngokuba angithandi, bazalwane, ukuba ningayazi le mfihlakalo, funa nizishaye abahlakaniphileyo; ukuthi ukuphuphutheka kwehlele uIsrayeli ngokwengxenye, kuze kungene ukugcwala kwabezizwe.


Ukudla izinyosi eziningi akukuhle; ngakho kakuhlonipheki ukuthi abantu bazihlolele okwabo udumo.


Ngalobela ibandla, kodwa uDiyotrefe othanda ukuba mkhulu phakathi kwabo akasamukeli.


Nani enifile ezonweni zenu nokungasoki kwenyama yenu, uniphilise kanye naye, esenithethelele zonke iziphambeko;


Nami ngiyakukhandlekela lokho, ngilwa ngokokusebenza kwakhe okusebenza kimi ngamandla.


Uma nizwile ngokwesimiso somusa kaNkulunkulu engiwuphiwe kini;


Kepha thina kasiyikuzibonga ngokungaphezu kwesilinganiso, kodwa ngokwesilinganiso sesimiso uNkulunkulu asibekele sona, isilinganiso sokuba sifinyelele nakini.


Ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini nokuthanda nokwenza njengentando yakhe enhle.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite