Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseRoma 10:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngokuba ngiyabafakazela ukuthi banentshiseko ngoNkulunkulu, kodwa kungengokokwazi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngokuba ngiyabafakazela ukuthi bashisekela uNkulunkulu kodwa kungengokuqonda;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Ngokuba ngiyabafakazela ukuthi banayo intshisekelo kaNkulunkulu, kodwa engasuki ekwazini,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Ngokuba ngiyabafakazela ukuthi banentshiseko ngoNkulunkulu, kodwa kungengokokwazi.

Gade chapit la Kopi




KwabaseRoma 10:2
22 Referans Kwoze  

Sebezwile bayidumisa iNkosi, bathi kuye: “Uyabona, mfowethu, ukuthi zingaki izigidi zabakholwayo abaJuda; futhi bonke bashisekela umthetho;


ngokushisekela ngizingela ibandla; mayelana nokulunga okusemthethweni, ngingenacala.


Nalokhu ngiyakhuleka ukuba uthando lwenu luvame kakhulu ekwazini nasekuqondeni konke;


Ngokuba bengakwazi ukulunga kukaNkulunkulu, befuna ukumisa okwabo ukulunga, abazithobanga ekulungeni kukaNkulunkulu.


Futhi ukuthi umphefumulo awunalwazi, akukuhle; futhi onejubane nezinyawo zakhe uyona.


futhi enkolweni yobuJuda ngadlula abaningi abayintanga yami esizweni sakithi, ngishisekela kakhulu amasiko awobaba.


okukubo unkulunkulu walelizwe uphuphuthekisile ingqondo yabangakholwayo, ukuze kungasi kubo ukukhanya kwevangeli lenkazimulo kaKristu ongumfanekiso kaNkulunkulu.


Wathi: “Hamba nami, ubone ukushisekela kwami uJehova.” Base bemvumela ukuba agibele enqoleni yakhe.


Ngokuba uNkulunkulu owathi ukukhanya kukhanye ebumnyameni, nguyena okhanyile ezinhliziyweni zethu, ukuze kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaJesu Kristu.


Mina-ke ngingumuntu ongumJuda, owazalelwa eTarsu, umuzi waseKhilikhiya, nokho ngakhulela kulo muzi ngasezinyaweni zikaGamaliyeli, ngifundisiwe ngomthetho wawoyise opheleleyo, ngishisekela uNkulunkulu, njengoba ninjalo nonke namuhla.


Bonke abenzi bokubi abanakwazi na? abadla abantu bami njengalokhu bedla isinkwa, bengakhuleki kuJehova.


Ngokuba ngokwamandla abo ngiyafakaza, yebo, nangaphezu kwamandla abo bazinikela ngokuzithandela;


ememeza esithi: Madoda akwaIsrayeli, sizani! Lona nguye umuntu ofundisa bonke ezindaweni zonke okuphambene nabantu, nomthetho, nalendawo, futhi engenisa namaGreki ethempelini, wayingcolisa le ndawo engcwele.


Pho-ke iphi isibusiso enakhuluma ngaso na? ngokuba ngiyanifakazela ukuthi, uma bekungenzeka, beniyakukhupha amehlo enu, ninginike wona.


Ngokuba ngiyamfakazela ukuthi unentshiseko enkulu ngani, nabaseLawodikeya, nabaseHiyerapholi.


Basebemlalela kwaze kwaba kulelolizwi, basebephakamisa amazwi abo besithi: Msuseni onjalo emhlabeni, ngoba kakufanelanga ukuthi aphile.


Ngalolo suku uJehova uyakuhambela ngenkemba yakhe enzima nenkulu nenamandla phezu kukaLeviyathani, inyoka ehlabayo, noLeviyathani inyoka eyisigwegwe; futhi iyobulala udrako osolwandle.


Bazalixotsha emasinagogeni; yebo, isikhathi siyeza, lapho wonke olibulalayo uzakuthi ukhonza uNkulunkulu.


Bazalwane, isifiso senhliziyo yami nomkhuleko wami kuNkulunkulu ngo-Israyeli kuwukuba basindiswe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite