Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseRoma 1:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kuqala, ngibonga uNkulunkulu wami ngoJesu Kristu ngani nonke, ngokuba ukukholwa kwenu kukhulunywa ngakho emhlabeni wonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kuqala-ke ngibonga uNkulunkulu wami ngoJesu Kristu ngani nonke, ngokuba ukukholwa kwenu kunconywa ezweni lonke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Kuqala, ngibonga uNkulunkulu wami ngoJesu Khristu ngani nonke, ngokuba ukukholwa kwenu kukhulunywa ngakho emhlabeni wonke.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Kuqala, ngibonga uNkulunkulu wami ngoJesu Kristu ngani nonke, ngokuba ukukholwa kwenu kukhulunywa ngakho emhlabeni wonke.

Gade chapit la Kopi




KwabaseRoma 1:8
25 Referans Kwoze  

Ngokuba ukulalela kwenu sekufinyelele kubantu bonke. Ngakho-ke ngiyathokoza ngani, kepha ngithanda ukuba nihlakaniphe kokuhle, nibe abangenalwazi kokubi.


Ngibonga uNkulunkulu wami njalo ngani ngenxa yomusa kaNkulunkulu eniwuphiwe kuKristu Jesu;


Kepha makabongwe uNkulunkulu, ngokuba naniyizigqila zesono, nalalela ngokusuka enhliziyweni leyo ndlela yesifundiso enanikelwa ngayo.


Uma umuntu ekhuluma, makakhulume njengokwamazwi kaNkulunkulu; uma umuntu ekhonza, makakhonze ngokwamandla awaphiwa nguNkulunkulu, ukuze uNkulunkulu akhazinyuliswe ezintweni zonke ngoJesu Kristu, makube kuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.


Nani njengamatshe aphilayo nakhiwe nibe yindlu yomoya, ubupristi obungcwele, ukuze ninikele imihlatshelo yomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu ngoJesu Kristu.


Ngakho masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.


Sibonga uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu, sinikhulekela njalo,


Ngiyambonga uNkulunkulu wami kukho konke ukunikhumbula;


Ngalokho nami, sengizwile ngokukholwa kwenu eNkosini uJesu, nothando kubo bonke abangcwele,


nigcwaliswe ngezithelo zokulunga ezingoJesu Kristu, kube yinkazimulo nodumo kuNkulunkulu.


nimbonga njalo uNkulunkulu uBaba ngakho konke egameni leNkosi yethu uJesu Kristu;


Lelivangeli lombuso liyakutshunyayelwa emhlabeni wonke kube ngubufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.


Makube kuye udumo ebandleni ngoKristu Jesu ezizukulwaneni zonke zaphakade naphakade. Amen.


Kwasekusukuma omunye wabo obizo lakhe lingu-Agabu, watshengisa ngoMoya ukuthi kuzakuba khona indlala enkulu emhlabeni wonke;


Kwathi ngalezo zinsuku kwaphuma isimemezelo kuKesari Awugustu sokuba kubalwe izwe lonke.


Kepha sithanda ukuzwa ngawe ukuthi yini oyicabangayo, ngokuba ngaleli hlelo siyazi ukuthi liyaphikiswa ezindaweni zonke.


Kodwa ngithi: Kabezwanga yini? Yebo, impela, izwi labo liphumele emhlabeni wonke, namazwi abo emikhawulweni yomhlaba.


Makabongwe uNkulunkulu osihola njalo ekunqobeni kuKristu, ebonakalisa ngathi iphunga lokwazi kwakhe ezindaweni zonke.


angiyeki ukubonga ngenxa yenu, nginikhumbula emikhulekweni yami;


Sibonga uNkulunkulu njalo ngani nonke, sinikhumbula emikhulekweni yethu;


Ngalokho nathi siyambonga uNkulunkulu singaphezi, ngokuba, lapho namukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu, kodwa njengezwi likaNkulunkulu elisebenzayo ngokweqiniso. Nakini enikholwayo.


Simelwe ukubonga uNkulunkulu njalo ngani, bazalwane, ngokufaneleyo, ngokuba ukholo lwenu lukhula kakhulu, nothando lwenu nonke ngabanye luyevama;


Ngiyambonga uNkulunkulu engimkhonzayo kokhokho ngonembeza omhlophe, ngokuba ngingaphezi ukukukhumbula emikhulekweni yami ubusuku nemini;


Ngiyambonga uNkulunkulu wami njalo ngikukhumbula emikhulekweni yami;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite