Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseRoma 1:25 - Contemporary Zulu Bible 2024

25 abaguqule iqiniso likaNkulunkulu libe ngamanga, bakhuleka, bakhonza okudaliweyo kunoMdali obongekayo kuze kube phakade. Amen.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 baguqule iqiniso likaNkulunkulu, balenza amanga; bahlonipha, bakhonza okudaliweyo kunoMdali ongobongekayo kuze kube phakade. Amen.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 Baguqula iqiniso likaNkulunkulu, balenza amanga, badumisa futhi bakhonza okudaliweyo kunoMdali odumisekayo kuze kube phakade. Amen.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

25 abaguqule iqiniso likaNkulunkulu libe ngamanga, bakhuleka, bakhonza okudaliweyo kunoMdali obongekayo kuze kube phakade. Amen.

Gade chapit la Kopi




KwabaseRoma 1:25
22 Referans Kwoze  

Sinenzuzoni isithombe esibaziweyo esisikiwe umenzi waso; isithombe esibunjiweyo nomfundisi wamanga, ukuthi umenzi wemisebenzi yakhe athembe ukwenza izithombe eziyizimungulu na?


Lokhu kuyinkatho yenu, isabelo senu esilinganiselwe esivela kimi, usho uJehova; ngoba ningikhohliwe Mina, lethemba amanga.


Ukhuphula umlotha; inhliziyo ekhohlisayo imjikisile, ukuze angakwazi ukusindisa umphefumulo wakhe futhi angasho ukuthi: Akukho manga esandleni sami sokunene na?


Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaJuda, nangenxa yezine, angiyikukubuyisa ukujeziswa kwakhe; ngokuba badelela umthetho kaJehova, kabagcinanga imiyalo yakhe, amanga abo abadukisa njengalokho abahamba oyise.


UNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, obongeka kuze kube phakade, uyazi ukuthi angiqambi amanga.


abangababo obaba, avela kubo uKristu ngokwenyama, uNkulunkulu ophezu kwakho konke, obongekayo kuze kube phakade. Amen.


Siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda, ukuze simazi oqinisileyo, sikuye oweqiniso, eNdodaneni yakhe uJesu Kristu. Lona unguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.


Futhi baguqula inkazimulo kaNkulunkulu ongabhubhiyo yaba ngumfanekiso womuntu obhubhayo, nezinyoni, nezilwane ezinezinyawo ezine, nezilwanyana ezinwabuzelayo.


Abakhapheli, abalukhuni, abakhukhumeleyo, abathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu;


Ngokuba ulaka lukaNkulunkulu luyabonakaliswa luvela ezulwini phezu kwakho konke ukungamesabi uNkulunkulu nokungalungi kwabantu abaphatha iqiniso ngokungalungi;


Akakho ongakhonza amakhosi amabili, ngokuba uyakuzonda enye, athande enye; noma ibambelele kwenye, idelele enye. Anikwazi ukukhonza uNkulunkulu noMamona.


Ngokuba bona uqobo babika ngathi ukungena kwethu kini, nokuthi naphendukela kanjani kuNkulunkulu, niphuma ezithombeni, nikhonza uNkulunkulu ophilayo noweqiniso;


Kuyo iNkosi yaphakade, engabhubhiyo, engabonakali, uNkulunkulu yedwa, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


ngokwevangeli lenkazimulo kaNkulunkulu obongekayo, engiphathiswe lona.


Othanda uyise noma unina kunami kangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami kangifanele.


Jehova, mandla ami, nenqaba yami, nesiphephelo sami ngosuku lwenhlupheko, abezizwe bayakuza kuwe bevela emikhawulweni yomhlaba, bathi: Obaba badla ifa lamanga, okuyize, nezinto ezingenakusiza.


Makube kuye udumo ebandleni ngoKristu Jesu ezizukulwaneni zonke zaphakade naphakade. Amen.


Futhi igama lakhe elikhazimulayo malituswe ingunaphakade, futhi umhlaba wonke mawugcwaliswe ngenkazimulo yakhe; Amen, futhi Amen.


Wathi kubo: “Yikhani manje, niyise kumphathi wokudla; Base beyithwala.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite