Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseRoma 1:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kepha angithandi ukuba ningazi, bazalwane, ukuthi ngazimisela kaningi ukuza kini, ngavinjwa kuze kube manje, ukuze ngibe nesithelo naphakathi kwenu, nanjengakwabanye abezizwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Angithandi, bazalwane, ukuba ningazi ukuthi ngazimisela kaningi ukuza kini, kepha ngathiyeka kuze kube manje ukuba nakini ngibe nezithelo njengakwezinye izizwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Angithandi bazalwane, ukuba ningazi ukuthi kukangakanani ngihlela ukuza kini, kodwa ngithiyeka kuze kube manje ukuba nakini ngibe nesithelo phakathi kwenu njengalokhu nginaso kwezinye izizwe.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Kepha angithandi ukuba ningazi, bazalwane, ukuthi ngazimisela kaningi ukuza kini, ngavinjwa kuze kube manje, ukuze ngibe nesithelo naphakathi kwenu, nanjengakwabanye abezizwe.

Gade chapit la Kopi




KwabaseRoma 1:13
38 Referans Kwoze  

Kwathi seziphelile lezi zinto, uPawulu wazimisela emoyeni, esedabulile iMakedoniya ne-Akhaya, ukuya eJerusalema, wathi: “Emva kokufika kwami khona ngimelwe ukubona neRoma.


Kungesikho ukuthi ngifuna ukuphiwa, kodwa ngifuna isithelo esingavama esibalweni senu.


Nokho iNkosi yema nami, yangiqinisa; ukuze ngami ivangeli laziwe ngokugcwele, nezizwe zonke zizwe; ngakhululwa emlonyeni wengonyama.


Kepha angithandi, bazalwane, ukuba ningabi nakwazi ngabalalayo, ukuze ningadabuki njengabanye abangenathemba.


Ngalokho besifisa ukuza kini, mina Pawulu, kanye nakabili; kodwa uSathane wasivimbela.


Ngokuba asithandi, bazalwane, ukuba ningazi ngosizi lwethu olwasehlela e-Asiya, ukuthi sasicindezelekile ngaphezu kwamandla ethu, saze salahlekelwa nayithemba lokuphila.


Kepha mayelana nezipho zomoya, bazalwane, angithandi ukuba ningazi.


Phezu kwalokho, bazalwane, angithandi ukuba ningazi, ukuthi obaba bonke babephansi kwefu, badabula ulwandle bonke;


elifikile kini, njengasezweni lonke; lithela isithelo, njengalokhu lisenza lakini, kusukela osukwini elakuzwa ngalo, lawazi umusa kaNkulunkulu ngeqiniso;


Ngokuba angithandi, bazalwane, ukuba ningayazi le mfihlakalo, funa nizishaye abahlakaniphileyo; ukuthi ukuphuphutheka kwehlele uIsrayeli ngokwengxenye, kuze kungene ukugcwala kwabezizwe.


Aningikhethanga mina, kodwa mina nginikhethile, nganimisela ukuba nihambe, nithele isithelo, nesithelo senu sihlale, ukuze noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona.


Ovunayo wemukela inkokhelo, abuthe isithelo ekuphileni okuphakade, ukuze ohlwanyelayo athokoze kanye novunayo.


Ngokuba imfihlakalo yokungalungi isiyasebenza;


Makabongwe uNkulunkulu osihola njalo ekunqobeni kuKristu, ebonakalisa ngathi iphunga lokwazi kwakhe ezindaweni zonke.


Uma ngingesiye umphostoli kwabanye, nokho kinina nginguye, ngokuba uphawu lobuphostoli bami eNkosini yinina.


Wababingelela, wabalandisa ngazo zonke izinto uNkulunkulu abezenzile phakathi kwabezizwe ngenkonzo yakhe.


Isixuku sonke sathula, sabalalela oBarnaba noPawulu belandisa ukuthi yiziphi izimangaliso nezimangaliso uNkulunkulu ayezenze ngabo kwabezizwe.


Sebefikile, balibuthela ndawonye ibandla, balandisa ngakho konke uNkulunkulu abekwenzile ngabo, nokuthi uvulele abezizwe umnyango wokukholwa.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma uhlamvu lukakolweni luwela emhlabathini futhi lufe, luhlala lodwa; kepha uma lufa, luthela isithelo esiningi.


Uzakwenza labo abavela kuJakhobe bamile izimpande: uIsrayeli uzaqhakaza, ahlume, agcwalise ubuso bomhlaba ngesithelo.


Ngalezo zinsuku uPetru wasukuma phakathi kwabafundi, (isibalo samagama ndawonye sasingaba yikhulu namashumi amabili).


lapho sathola abazalwane, sancengwa ukuthi sihlale labo insuku eziyisikhombisa; ngokunjalo saya eRoma.


okuyikuthi ngiduduzeke kanye lani ngokholo lomunye wenu lolwami.


Anazi yini, bazalwane, ngokuba ngikhuluma kwabawaziyo umthetho, ukuthi umthetho uyabusa phezu komuntu ngesikhathi sonke esaphila na?


Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume nto-nye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu; kodwa ukuze nihlanganiswe ngokugcwele emqondweni munye nasekuboneni kunye.


Bazalwane, ningabi ngabantwana ngokuqonda, nokho ebubini nibe ngabantwana, kepha ekuqondeni nibe ngamadoda.


Kunjani-ke, bazalwane? Lapho nibuthana, yilowo nalowo unehubo, noma isifundiso, unolimi, noma isambulo, unokuhumusha. Konke makwenziwe kube ngukwakha.


Bazalwane, ngikhuluma ngokwabantu; Noma kuyisivumelwano somuntu, nokho siqinisekiswa, akakho ongasichithayo nonganezela kuso.


Bazalwane, umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nomoya wenu. Amen. (KwabaseGalathiya kulotshiwe eRoma.)


Kepha uma ngiphila enyameni, lokhu kuyizithelo zomsebenzi wami;


ukuze nihambe ngokufanele iNkosi ngokuthokozisa konke, nithela kuyo yonke imisebenzi emihle, nikhule ekwazini uNkulunkulu;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite