Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseKolose 3:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Nxa uKristu ongukuphila kwethu esebonakala, khona nani nizakubonakala kanye naye enkazimulweni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 nxa ebonakaliswa uKristu ongukuphila kwethu, khona-ke nani niyakubonakaliswa kanye naye ekukhazimuleni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 nxa ebonakaliswa uKhristu ongukuphila kwethu, nani-ke niyakubonakaliswa kanye naye enkazimulweni.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Nxa uKristu ongukuphila kwethu esebonakala, khona nani nizakubonakala kanye naye enkazimulweni.

Gade chapit la Kopi




KwabaseKolose 3:4
36 Referans Kwoze  

UJesu wathi kuye: Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efile, wophila.


Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kepha akukabonakali esiyakuba yikho; ngoba sizambona njengoba enjalo.


Ngibethelwe kanye noKristu, nokho ngiyaphila; nokho akumina, kodwa uKristu uphila kimi, nokuphila engikuphila manje enyameni ngikuphila ngokukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.


Ngakho-ke bophani izinkalo zengqondo yenu, nizithibe, nithembele kuze kube sekupheleni umusa ozolethwa kini ekwambulweni kukaJesu Kristu;


Oyakuguqula umzimba wethu odelelekile, ufane nomzimba wakhe wenkazimulo, namandla anamandla okuzehlisa ngawo zonke izinto ngaphansi kwakhe.


Baba, ngithanda ukuba labo onginike bona nabo babe nami lapho ngikhona; ukuze babone inkazimulo yami onginike yona, ngokuba wangithanda kungakasekelwa umhlaba.


Kuyakuthi lapho ebonakala uMalusi omkhulu, niyakwamukeliswa umqhele wenkazimulo ongabuniyo.


Manje, bantwanyana, hlalani kuye; ukuze kuthi, nxa esebonakala, sibe lesibindi, singabi lenhloni phambi kwakhe ekufikeni kwakhe.


Kanjalo noKristu wanikelwa kwaba kanye ukuba athwale izono zabaningi; futhi kulabo abalindele yena uyobonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kube insindiso.


Babusisiwe abagcina imiyalo yakhe, ukuze babe negunya emthini wokuphila, futhi bangene emzini ngamasango.


Kuhlwanyelwa kukude; kuhlwanyelwa kunobuthakathaka; livuswa linamandla;


Yangikhombisa umfula wamanzi okuphila ucwebezela njengekristalu, uphuma esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.


Kuye olamandla okulilinda ekukhubekeni, lokulimisa phambi kwenkazimulo yakhe lingelasici ngentokozo enkulu;


Onayo iNdodana unokuphila; nongenayo iNdodana kaNkulunkulu akanakho ukuphila.


silindele ithemba elibusisiweyo, nokubonakala kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Kristu;


Khona abalungileyo bayakukhanya njengelanga embusweni kaYise wabo. Onezindlebe zokuzwa makezwe.


Kusukela khathesi ngibekelwe umqhele wokulunga, ezanginika wona ngalolosuku iNkosi, umahluleli olungileyo, kungeyisimi ngedwa, kodwa lakubo bonke abathanda ukubonakala kwayo.


Ngokuba usizi lwethu olulula, olungokomzuzwana, luyasisebenzela isisindo esiyinkazimulo emiyo yonke kakhulukazi;


UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.


Futhi uma ngiya nginilungisela indawo, ngobuye ngize, nginemukele kimi; ukuze lapho ngikhona, libe khona lani.


Mina-ke, ngizabubona ubuso bakho ekulungeni; Ngiyokwaneliswa ekuvukeni kwami, ngomfanekiso wakho.


UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu ngokwesithembiso sokuphila okukuKristu Jesu,


Khona thina esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo siyakuba neNkosi njalo.


Ngakho-ke anisileli ngesipho; nilindele ukufika kweNkosi yethu uJesu Kristu;


Kodwa lezi zilotshiwe, ukuze likholwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu; ukuze ngokukholwa nibe nokuphila ngegama lakhe.


Uyakungihola ngesiluleko sakho, ungamukele kamuva enkazimulweni.


Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila, ophakathi kwepharadesi likaNkulunkulu.


ukuze ugcine lomlayo ungelasici, ungelacala, kuze kube sekubonakaleni kweNkosi yethu uJesu Kristu;


Labulala uMbusi wokuphila, uNkulunkulu amvusa kwabafileyo; esingofakazi bakho.


Kuyakuba njalo ngosuku eyakwambulwa ngalo iNdodana yomuntu.


Ngokuba ngithi izinhlupheko zalesi sikhathi azinakulinganiswa nenkazimulo ezakwambulwa kithi.


Ngokuba ukulangatha okudaliweyo kulindele ukuvezwa kwabantwana bakaNkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite