Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseKolose 3:22 - Contemporary Zulu Bible 2024

22 Nina zinceku, lalelani ezintweni zonke amakhosi enu ngokwenyama; kungabi ngokukhonza kwamehlo njengabathokozisa abantu; kodwa ngobuqotho benhliziyo, ngokwesaba uNkulunkulu;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Zinceku, lalelani ezintweni zonke labo abangamakhosi enu ngokwenyama, kungengokuthenga amehlo njengabathokozisa abantu kodwa ngobuqotho benhliziyo, niyesabe iNkosi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Zinceku, lalelani ezintweni zonke labo abangamakhosi enu, ngokwemvelo, kungabi ngokuthenga amehlo njengabathokozisa abantu, kodwa ngenhliziyo eqotho, nesabe iNkosi.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

22 Nina zinceku, lalelani ezintweni zonke amakhosi enu ngokwenyama; kungabi ngokukhonza kwamehlo njengabathokozisa abantu; kodwa ngobuqotho benhliziyo, ngokwesaba uNkulunkulu;

Gade chapit la Kopi




KwabaseKolose 3:22
22 Referans Kwoze  

Ngokuba manje ngiyabancenga abantu noma uNkulunkulu na? noma ngifuna ukujabulisa abantu na? ngoba uma ngisathokozisa abantu, ngabe angisiyo inceku kaKristu.


Kodwa njengoba sivunyiwe nguNkulunkulu ukuthi siphathiswe ivangeli, sikhuluma ngokunjalo; kungenjengokuthokozisa abantu, kodwa uNkulunkulu ohlola izinhliziyo zethu.


Bantwana, lalelani abazali benu ezintweni zonke, ngokuba lokho kuyathandeka eNkosini.


Ningibizelani ngokuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ kodwa ningakwenzi engikushoyo na?


Ngokuba lapho kukhona amaphupho amaningi namazwi amaningi kukhona okuyize okuyizinhlobonhlobo; kodwa yesaba uNkulunkulu.


Engabi njengenceku, kodwa ongaphezu kwenceku, engumzalwane othandekayo, ikakhulukazi kimi, kodwa kakhulu kangakanani kuwe, enyameni naseNkosini.


Ngakho-ke, lokhu sinalezi zithembiso, bathandekayo, masizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelisa ubungcwele ngokwesaba uNkulunkulu.


Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa endlini ngendlu, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo.


Ngokuba nami ngingumuntu ophansi kwegunya, nginamasosha phansi kwami, ngithi kwelinye: ‘Hamba,’ lihambe; futhi kwenye: Woza, futhi uyeza; nasencekwini yami, Yenza lokhu, ikwenze.


Ngokuba nami ngingumuntu ophansi kwegunya, nginamasosha phansi kwami; futhi kwenye: Woza, futhi uyeza; nasencekwini yami, Yenza lokhu, ikwenze.


Isibani somzimba yiso; ngakho uma iso lakho lilihle, umzimba wakho wonke uyakuba nokukhanya.


Indodana ihlonipha uyise, nenceku inkosi yayo; uma ngingubaba, kuphi ukudunyiswa kwami? uma ngiyinkosi, kuphi ukwesatshwa kwami na? usho uJehova Sebawoti kini, nina bapristi, enidelela igama lami. Futhi nithi: Silidelele ngani igama lakho?


Ake sizwe isiphetho sayo yonke lendaba: Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokhu kuyimfanelo yomuntu wonke.


Bheka, njengalokho amehlo ezinceku ebuka isandla samakhosi azo, nanjengamehlo entombi esandleni senkosikazi yayo; ngalokho amehlo ethu abheke kuJehova uNkulunkulu wethu, aze abe nomusa kithi.


Kodwa ababusi bangaphambili ababengaphambi kwami bahlambalaza abantu, bathatha kubo isinkwa newayini, ngaphandle kwamashekeli angamashumi amane esiliva; yebo, ngisho nezinceku zabo zibusa phezu kwabantu; kepha angikwenzanga lokho ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


UJosefa wayesethi kubo ngosuku lwesithathu: “Yenzani lokhu, niphile; ngokuba ngiyamesaba uNkulunkulu;


Noma isoni senza okubi izikhathi eziyikhulu, izinsuku zaso zande, nokho ngiyazi ukuthi kuyakuba kuhle kwabamesabayo uNkulunkulu, abamesabayo;


Futhi ngathi: Kakukuhle ukuthi nenze lokhu; Aniyikuhamba yini ekwesabeni uNkulunkulu wethu ngenxa yehlazo labezizwe, izitha zethu?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite