Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseKolose 2:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Nangcwatshwa kanye naye embhapathizweni, okungawo futhi navuswa kanye naye ngokholo lwamandla kaNkulunkulu owamvusa kwabafileyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 nimbelwe kanye naye ngombhapathizo, okungawo futhi navuswa kanye naye ngokukholwa ngamandla kaNkulunkulu owamvusa kwabafileyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 nimbelwe kanye naye ngombhabhadiso, okungawo futhi navuswa kanye naye ngokukholwa ngamandla kaNkulunkulu owamvusa kwabafileyo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Nangcwatshwa kanye naye embhapathizweni, okungawo futhi navuswa kanye naye ngokholo lwamandla kaNkulunkulu owamvusa kwabafileyo.

Gade chapit la Kopi




KwabaseKolose 2:12
31 Referans Kwoze  

Umfanekiso onjengawo umbhapathizo osusisindisa ngawo manje, kungesikho ukususa insila yenyama, kodwa impendulo kanembeza omuhle kuNkulunkulu, ngokuvuka kukaJesu Kristu;


Ngoba lina lonke elabhabhathizelwa kuKristu lembethe uKristu.


uNkulunkulu amvusayo, esethukululile iminjunju yokufa, ngoba kwakungenzeki ukuthi abanjwe yikho.


ukuze uKristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngokukholwa; ukuze nina, nigxilile, nisekelwe othandweni;


Kodwa nakithi, esizakubalelwa, uma sikholwa kuye owavusa uJesu iNkosi yethu kwabafileyo;


yinye iNkosi, yinye inkolo, munye umbhapathizo,


Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu;


Kodwa kalokhu uKristu uvusiwe kwabafileyo, elulibo lwabaleleyo.


sibheke kuJesu umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu; owathi ngenxa yentokozo eyayibekwe phambi kwakhe wathwala isiphambano, edelela ihlazo, futhi usehlezi ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.


Eyemfundiso yemibhabhadiso, nokubeka izandla, nokuvuka kwabafileyo, nokwahlulelwa okuphakade.


Ngokuba niphiwe nina ngenxa kaKristu, kungesikho ukukholwa kuye kuphela, kepha nokuhlupheka ngenxa yakhe;


Ngakho uthi: Vuka wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKristu uzakukukhanyisa.


Engaba khona isikhonzi sakho ngokwesipho somusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo ngokusebenza kwamandla akhe.


Ngokuba ngaMoya munye thina sonke sabhapathizwa sibe mzimba munye, noma singabaJuda noma singamaGreki, noma siyizigqila noma sikhululekile; futhi sonke sinathiswa uMoya munye.


Ngakho-ke, bazalwane bami, nani senabulawa umthetho ngomzimba kaKristu; ukuze libe ngomunye, yena owavuswa kwabafileyo, ukuze sithelele uNkulunkulu izithelo.


Sebefikile, balibuthela ndawonye ibandla, balandisa ngakho konke uNkulunkulu abekwenzile ngabo, nokuthi uvulele abezizwe umnyango wokukholwa.


Abaphostoli bathi eNkosini: Yandisa ukukholwa kwethu.


LoJesu uNkulunkulu wamvusa, esingofakazi bakho thina sonke.


Nami ngiyakukhandlekela lokho, ngilwa ngokokusebenza kwakhe okusebenza kimi ngamandla.


Nani enifile ezonweni zenu nokungasoki kwenyama yenu, uniphilise kanye naye, esenithethelele zonke iziphambeko;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite