Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseKolose 1:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngalokho nathi, kusukela osukwini esakuzwa ngalo, asiphezi ukunikhulekela, nokunxusa ukuba nigcwaliswe ukwazi intando yakhe kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda kokomoya;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngalokho nathi, kusukela osukwini esezwa ngalo, asiyeki ukunikhulekela nokuninxusela ukuba nigcwaliswe ngokwazi intando yakhe ngokuhlakanipha konke nokuqonda okungomoya,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Ngakho-ke nathi, kusukela ngosuku esezwa ngalo, asiyeki ukunikhulekela sicela ukuba nigcwaliswe ngolwazi lwentando yakhe kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda okungokomoya,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Ngalokho nathi, kusukela osukwini esakuzwa ngalo, asiphezi ukunikhulekela, nokunxusa ukuba nigcwaliswe ukwazi intando yakhe kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda kokomoya;

Gade chapit la Kopi




KwabaseKolose 1:9
35 Referans Kwoze  

Kepha ukuhlakanipha kwaphezulu okokuqala kuhlanzekile, bese kuba-nokuthula, nokumnene, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle, akunabandlululo, nokungazenzisi.


Uma noma ubani kini entula ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu opha bonke ngobuhle, engasoli; njalo uzakuphiwa.


Hambani ngokuhlakanipha kwabangaphandle, nithengisise isikhathi.


Makaniphelelise emisebenzini yonke emihle ukuze nenze intando yakhe, esebenza kini lokho okubongekayo emehlweni akhe ngoJesu Kristu; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


Ngokuba injalo intando kaNkulunkulu, ukuba ngokwenza okuhle nithulise ukungazi kwabantu abayiziwula;


Kepha mina, kwangathi uNkulunkulu angangivimbela ukuba ngoni kuJehova ngokuyeka ukunithandazela; kodwa ngizonifundisa indlela enhle nelungile.


Ngakho futhi siyanikhulekela njalo, ukuba uNkulunkulu wethu anibale njengabakufanelekele ukubizwa, agcwalise ngamandla onke okumthokozisayo okuhle, nomsebenzi wokukholwa;


Ngifundise ukwenza intando yakho; ngoba wena unguNkulunkulu wami. Umoya wakho muhle; ngiholele ezweni lobuqotho.


Siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda, ukuze simazi oqinisileyo, sikuye oweqiniso, eNdodaneni yakhe uJesu Kristu. Lona unguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.


Izwi likaKristu malihlale kini ngokucebile kukho konke ukuhlakanipha; nifundisana, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nihubele ngomusa ezinhliziyweni zenu iNkosi.


Ngokuba nidinga ukubekezela, ukuze kuthi, seniyenzile intando kaNkulunkulu, namukele isithembiso.


njalo kukho konke ekukhulekeleni kwami ngenxa yenu lonke ngininxusela ngentokozo;


Ngiyambonga uNkulunkulu wami njalo ngikukhumbula emikhulekweni yami;


kungabi ngokukhonza kwamehlo, njengabathokozisa abantu; kodwa njengezinceku zikaKristu, zenza intando kaNkulunkulu ngenhliziyo;


Ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibentsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu enhle, neyamukelekayo, nepheleleyo.


sikhumbula ngokungaphezi umsebenzi wenu wokholo, nomshikashika wothando, nokubekezela kwethemba eNkosini yethu uJesu Kristu phambi kukaNkulunkulu uBaba wethu;


Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo, kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.


ukuze isikhathi esiseleyo enyameni angabe esaphila ezinkanukweni zabantu, kodwa ngentando kaNkulunkulu.


Uyakhonza kini u-Ephafra ongomunye wakini, inceku kaKristu, enilwela njalo emikhulekweni, ukuze nime niphelele niphelele entandweni yonke kaNkulunkulu.


elifikile kini, njengasezweni lonke; lithela isithelo, njengalokhu lisenza lakini, kusukela osukwini elakuzwa ngalo, lawazi umusa kaNkulunkulu ngeqiniso;


Ngakho ningabi ngabangahlakaniphileyo, kodwa niqonde okuyintando yeNkosi.


nihlola ukuthi kuyini okwamukelekayo eNkosini.


okukhona uye waphuphuma kithi ngokuhlakanipha konke nokuqonda;


Uma umuntu ethanda ukwenza intando yakhe, uzokwazi ngemfundiso ukuthi ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela mina ngokwami.


Ngiyaqonda kunabo bonke abafundisi bami, ngokuba izifakazelo zakho ziyikuzindla kwami.


ukuthi ezintweni zonke nicetshisiwe kuye, ekukhulumeni konke, nasekwazini konke;


Ngakho uPetru wagcinwa etilongweni, kepha ibandla lamkhulekela kuNkulunkulu ngokungaphezi.


ukuze ukuhlanganyela kokukholwa kwakho kube nempumelelo ekwazini konke okuhle okukini kuKristu Jesu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite