Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseKolose 1:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 elifikile kini, njengasezweni lonke; lithela isithelo, njengalokhu lisenza lakini, kusukela osukwini elakuzwa ngalo, lawazi umusa kaNkulunkulu ngeqiniso;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 elifikile kini, njengalokhu likhona ezweni lonke lithela izithelo, landa, njengokuba kunjalo naphakathi kwenu, kusukela osukwini enezwa ngalo, nazi umusa kaNkulunkulu ngeqiniso,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 elifikile kini, njengalokhu likhona ezweni lonke, lithela izithelo, landa, njengalokhu kwenzeka naphakathi kwenu, kusukela ngosuku enalizwa ngalo, nawazi umusa kaNkulunkulu ngeqiniso,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 elifikile kini, njengasezweni lonke; lithela isithelo, njengalokhu lisenza lakini, kusukela osukwini elakuzwa ngalo, lawazi umusa kaNkulunkulu ngeqiniso;

Gade chapit la Kopi




KwabaseKolose 1:6
36 Referans Kwoze  

Aningikhethanga mina, kodwa mina nginikhethile, nganimisela ukuba nihambe, nithele isithelo, nesithelo senu sihlale, ukuze noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona.


nigcwaliswe ngezithelo zokulunga ezingoJesu Kristu, kube yinkazimulo nodumo kuNkulunkulu.


NgoSilvanu umzalwane othembekileyo njengokucabanga kwami, ngilobele kini kafushane, ngikhuthaza, ngifakaza ukuthi lo ngumusa oqinisileyo kaNkulunkulu;


Uma nihlala ekukholweni nisekelwe niqinile, ningasuswa ethembeni levangeli enalizwa, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu; mina Pawulu ngenziwa isikhonzi sakho;


Kodwa khathesi isibonakalisiwe, langemibhalo yabaprofethi, ngokomlayo kaNkulunkulu ophakade wenziwe waziwa ezizweni zonke ukuze balalele ngokukholwa;


Kepha angithandi ukuba ningazi, bazalwane, ukuthi ngazimisela kaningi ukuza kini, ngavinjwa kuze kube manje, ukuze ngibe nesithelo naphakathi kwenu, nanjengakwabanye abezizwe.


Kodwa isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abakhulekayo abaqinisileyo beyakukhuleka kuBaba ngomoya nangeqiniso, ngokuba uBaba ufuna abakhuleka kuye abanjalo.


Wathi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.


Enye yawela emhlabathini omuhle, yathela isithelo, yakhula, yanda; yazala, enye ngamashumi amathathu, enye ngamashumi ayisithupha, enye ikhulu.


Lelivangeli lombuso liyakutshunyayelwa emhlabeni wonke kube ngubufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.


Wakhumbula umusa wakhe nokuthembeka kwakhe kuyo indlu yakwa-Israyeli; yonke imikhawulo yomhlaba iyibonile insindiso kaNkulunkulu wethu.


Kepha thina simelwe ukubonga njalo kuNkulunkulu ngani, bazalwane abathandwa yiNkosi, ngokuba kwasekuqaleni uNkulunkulu wanikhethela ukusindiswa ngokungcweliswa kukaMoya nangokukholwa yiqiniso;


Ngalokho nathi siyambonga uNkulunkulu singaphezi, ngokuba, lapho namukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu, kodwa njengezwi likaNkulunkulu elisebenzayo ngokweqiniso. Nakini enikholwayo.


Ngokuba ivangeli lethu alifikanga kini ngezwi kuphela, kodwa nangamandla, nangoMoya oNgcwele, nangokuqiniseka okukhulu; njengokuba nazi ukuthi sasinjani phakathi kwenu ngenxa yenu.


ukuze nihambe ngokufanele iNkosi ngokuthokozisa konke, nithela kuyo yonke imisebenzi emihle, nikhule ekwazini uNkulunkulu;


Kungesikho ukuthi ngifuna ukuphiwa, kodwa ngifuna isithelo esingavama esibalweni senu.


(Ngokuba isithelo sikaMoya sikubo bonke ubuhle nokulunga neqiniso;)


nenziwe basha emoyeni wengqondo yenu;


uma-ke nimuzwile, nafundiswa nguye, njengokuba iqiniso likuJesu;


Ngoba kasizeluli okwedlula isilinganiso sethu ngokungathi kasifikanga kini, ngoba sesifikile lakini ngokutshumayela ivangeli likaKristu.


Ngakho-ke esiyizisebenzi kanye naye siyanincenga ukuba ningawamukeli ize umusa kaNkulunkulu.


ngezibonakaliso zamandla lezimangaliso, ngamandla kaMoya kaNkulunkulu; kangangokuthi kusukela eJerusalema nangazungeza kuze kufike e-Iliriku ngishumayele ngokugcwele ivangeli likaKristu.


Ukuze uvule amehlo abo, basuke ebumnyameni, baye ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baye kuNkulunkulu, ukuze bamukele ukuthethelelwa kwezono, nefa phakathi kwabangcwelisiweyo ngokukholwa kimi.


Owesifazane othile ogama lakhe linguLidiya, engumthengisi wezibubende, womuzi waseThiyathira, okhonza uNkulunkulu, wasizwa, onhliziyo yakhe iNkosi yayivula ukuba alalele okwakhulunywa nguPawulu.


Kodwa izwi likaNkulunkulu lakhula, landa.


Sebezwile lezizinto bathula, bamdumisa uNkulunkulu, besithi: Ngakho uNkulunkulu unikile labezizwe ukuphendukela ekuphileni.


Ngakho hambani nifundise izizwe zonke, nibabhapathize egameni likaYise, neleNdodana, nelikaMoya oNgcwele;


Abantu bakho bayakuvuma ngosuku lwamandla akho, ebuhleni bobungcwele kwasesizalweni; unamazolo obusha bakho.


Uma nizwile ngokwesimiso somusa kaNkulunkulu engiwuphiwe kini;


Ngakho nxa sengikufezile lokho, sengibaphawulele lesi sithelo, ngizakudlula ngakini ngiye eSpaniya.


Nangenxa yabo ngiyazingcwelisa, ukuze nabo bangcweliswe ngeqiniso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite