Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseKolose 1:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngokuba ithemba enibekelwe lona ezulwini, enalizwa ngaphambili ngezwi leqiniso levangeli;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 ngenxa yethemba enibekelwe lona ezulwini, enezwa ngalo ngaphambili ngezwi leqiniso levangeli

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 ngenxa yethemba enibekelwe lona ezulwini, enezwa ngalo phambilini ngezwi leqiniso levangeli,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Ngokuba ithemba enibekelwe lona ezulwini, enalizwa ngaphambili ngezwi leqiniso levangeli;

Gade chapit la Kopi




KwabaseKolose 1:5
33 Referans Kwoze  

Enimethembayo nani, seselizwile izwi leqiniso, ivangeli lokusindiswa kwenu;


Kusukela khathesi ngibekelwe umqhele wokulunga, ezanginika wona ngalolosuku iNkosi, umahluleli olungileyo, kungeyisimi ngedwa, kodwa lakubo bonke abathanda ukubonakala kwayo.


ethembeni lokuphila okuphakade, uNkulunkulu ongenakuqamba amanga akuthembisa kungakabikho umhlaba;


kubo uNkulunkulu athanda ukubazisa ukuthi iyini ingcebo yenkazimulo yale mfihlakalo phakathi kwabezizwe; onguKristu phakathi kwenu, ithemba lenkazimulo;


Njengezingane ezisanda kuzalwa langazelelani ubisi lwezwi olungenakonakala, ukuze nikhule ngalo;


Uma nihlala ekukholweni nisekelwe niqinile, ningasuswa ethembeni levangeli enalizwa, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu; mina Pawulu ngenziwa isikhonzi sakho;


Uma sithembela kuKristu kulokhu kuphila kuphela, singabokudabuka kunabantu bonke.


Ngokuba umthetho awuphelelisanga lutho, kepha kwangeniswa ithemba elingcono; esisondela ngayo kuNkulunkulu.


Ngalokho nathi siyambonga uNkulunkulu singaphezi, ngokuba, lapho namukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu, kodwa njengezwi likaNkulunkulu elisebenzayo ngokweqiniso. Nakini enikholwayo.


Laye wonke umuntu onalelithemba kuye, uyazihlambulula, njengalokhu yena ehlambulukile.


Ngokuba thina ngoMoya silindele ithemba lokulunga ngokukholwa.


okuwukuthi uNkulunkulu ekuKristu, enza izwe libuyisane naye, engababaleli iziphambeko zabo; futhi ubeke kithi izwi lokubuyisana.


Kodwa uPawuli esekwazi ukuthi enye ingxenye ingabaSadusi lelinye ingabaFarisi, wamemeza emphakathini wathi: Madoda, bazalwane, mina ngingumFarisi, indodana yomFarisi; umbuzo.


Kodwa ngcwelisani iNkosi uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu, njalo lilungele ukuphendula wonke umuntu olibuza ngesizatho sethemba elikini, ngobumnene langokwesaba;


Manje-ke kumi ukukholwa, nokwethemba, nothando, lokho kokuthathu; kodwa okukhulu kukho konke uthando.


nginethemba kuNkulunkulu, abalibekayo nabo uqobo, lokuthi kuyakuba khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungileyo nabangalungile.


Yeka ubukhulu bobuhle bakho obubekele abakwesabayo; lokho okwenzile kulabo abathembela Kuwe phambi kwabantwana babantu!


Likholekile leli zwi, lifanele ukwamukelwa konke, ukuthi uKristu Jesu weza ezweni ukusindisa izoni; engiyinduna yabo.


Kepha iNkosi yethu uJesu Kristu uqobo, noNkulunkulu uBaba wethu owasithandayo nowasipha ngomusa induduzo yaphakade nethemba elihle;


Izwi likaKristu malihlale kini ngokucebile kukho konke ukuhlakanipha; nifundisana, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nihubele ngomusa ezinhliziyweni zenu iNkosi.


Kodwa lithini? Izwi liseduze nawe, emlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho, okungukuthi, izwi lokukholwa, esilishumayelayo;


Ilizwi uNkulunkulu alithumela kubantwana bakoIsrayeli, etshumayela ukuthula ngoJesu Kristu, yena oyiNkosi yabo bonke;


Thengisani ngempahla yenu, niphe izipho; zilungiseleni izikhwama ezingagugiyo, ingcebo engapheli ezulwini, lapho kungasondeli sela, kungoni nundu.


Madoda, bazalwane, bantwana bozalo lukaAbrahama, labo phakathi kwenu abamesabayo uNkulunkulu, ilizwi lale nsindiso lithunyelwe kini.


Ngezwi leqiniso, ngamandla kaNkulunkulu, ngezikhali zokulunga ngakwesokunene nangakwesokhohlo;


esabanika ngokuzithoba, hatshi okwehola; ukuze iqiniso levangeli lihlale kini.


Kodwa kuthe ngibona ukuthi kabahambanga ngokuqondileyo njengokweqiniso levangeli, ngathi kuPetro phambi kwabo bonke: Uba wena ongumJuda uphila ngendlela yabezizwe, hatshi eyamaJuda, ubacindezela ngani abaJuda? AbeZizwe ukuba baphile njengamaJuda?


uma-ke nimuzwile, nafundiswa nguye, njengokuba iqiniso likuJesu;


Ngakho-ke angiyikuyekela ukunikhumbuza njalo ngalezi zinto, nakuba nizazi, niqiniswa eqinisweni elikhona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite