Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseKolose 1:29 - Contemporary Zulu Bible 2024

29 Nami ngiyakukhandlekela lokho, ngilwa ngokokusebenza kwakhe okusebenza kimi ngamandla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 engikusebenzelayo futhi, ngilwa ngokusebenza kwakhe okusebenza kimi ngamandla.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

29 engiyisebenzelayo futhi ngokukhandleka, ngilwa ngokusebenza kwakhe okusebenza kimi ngamandla.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

29 Nami ngiyakukhandlekela lokho, ngilwa ngokokusebenza kwakhe okusebenza kimi ngamandla.

Gade chapit la Kopi




KwabaseKolose 1:29
28 Referans Kwoze  

Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, nomusa wakhe kimi awubanga yize; kodwa ngisebenze kakhulu kakhulu kunabo bonke;


futhi buyini ubukhulu obudlulele bamandla akhe kithi esikholwayo ngokokusebenza kwamandla akhe amakhulu;


Engaba khona isikhonzi sakho ngokwesipho somusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo ngokusebenza kwamandla akhe.


Ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini nokuthanda nokwenza njengentando yakhe enhle.


Makaniphelelise emisebenzini yonke emihle ukuze nenze intando yakhe, esebenza kini lokho okubongekayo emehlweni akhe ngoJesu Kristu; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


Ngokuba ngithanda ukuba nazi ukuthi kungakanani ukulwa enginakho ngenxa yenu, nangenxa yabaseLawodikeya, nabo bonke abangabubonanga ubuso bami enyameni;


Asidlanga sinkwa samuntu mahhala; kodwa sisebenza ngokukhandleka nangomshikashiko ubusuku nemini, ukuze singabi mthwalo kunoma yimuphi kini.


Ngokuba niyakhumbula, bazalwane, umshikashika wethu nokushikashikeka kwethu, sisebenza ubusuku nemini, ukuze singasindi muntu kini, sashumayela ivangeli likaNkulunkulu kini.


Uyakhonza kini u-Ephafra ongomunye wakini, inceku kaKristu, enilwela njalo emikhulekweni, ukuze nime niphelele niphelele entandweni yonke kaNkulunkulu.


nibambelele ezwini lokuphila; ukuze ngizibonge ngosuku lukaKristu, ukuthi angigijimelanga ize, futhi angisebenzelanga ize.


Kepha konke lokho kusebenza yena lowo Moya munye, ebabela yilowo nalowo ngokunye ngokuthanda kwakhe.


Yebo, ngokunjalo ngazama ukushumayela ivangeli, kungeyisikho lapho uKristu abizwa khona, ukuze ngingakhi phezu kwesisekelo somunye;


wabekezela, wabekezela, ngenxa yebizo lami wakhandleka, kawuphela amandla.


Ngakho ngibekezelela izinto zonke ngenxa yabakhethiweyo, ukuze labo bazuze usindiso olukuKristu Jesu, kanye lenkazimulo yaphakade.


Nilokulwa okufanayo enakubona kimi, nezwa manje ukuthi ukimi.


Kuphela ukuhamba kwenu makube njengokufanele ivangeli likaKristu, ukuze kuthi noma ngiza nginibona, noma ngingekho, ngizwe izindaba zenu, ukuthi nime niqinile emoyeni munye, nganhliziyonye nilwela ukukholwa kweNkosi ivangeli;


Kuye yena onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo nesikucabangayo ngokwamandla asebenza kithi.


njengokuba nifuna ubufakazi bokuthi uKristu okhuluma kimi, ongebuthakathaka kini, kodwa unamandla kini.


Bayizikhonzi zikaKristu na? (Ngikhuluma njengesiwula) mina kakhulu; ekukhandlekeni okuchichima kakhulu, ngemivimbo engaphezu kwesilinganiso, ematilongweni kaningi, nasekufeni kaningi.


Emivimbo, etilongweni, esiphithiphithini, ekukhandlekeni, nasekulindeni, nasekuzila ukudla;


Ngakho sisebenza nzima ukuthi, loba sikhona kumbe singekho, sibe ngabamukelekayo kuye.


Futhi kukhona izinhlobonhlobo zemisebenzi, kodwa nguNkulunkulu oyedwa osebenza konke kubo bonke.


Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngenxa yeNkosi uJesu Kristu, nangenxa yothando lukaMoya, ukuba nikhuthale kanye nami emikhulekweni yenu kuNkulunkulu ngenxa yami;


Phikelelani ukungena ngesango elincane; ngokuba ngithi kini: Abaningi bayakufuna ukungena, kodwa bahluleke.


Anikalwi kuze kube segazini nilwa nesono.


Nangcwatshwa kanye naye embhapathizweni, okungawo futhi navuswa kanye naye ngokholo lwamandla kaNkulunkulu owamvusa kwabafileyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite