Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 5:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngakho ngithi: Hambani ngoMoya, khona aniyikufeza izinkanuko zenyama.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Kepha ngithi: Hambani ngoMoya, khona aniyikufeza izinkanuko zenyama.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Kepha ngithi: hambani ngoMoya, khona aniyukuzifeza izinkanuko zemvelo yenu eyonakeleyo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Ngakho ngithi: Hambani ngoMoya, khona aniyikufeza izinkanuko zenyama.

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 5:16
22 Referans Kwoze  

Ngokuba ohlwanyelela enyameni yakhe uyakuvuna ukonakala enyameni; kodwa ohlwanyelela kuMoya uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.


Bathandekayo, ngiyanincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo;


Ngakho-ke, lokhu sinalezi zithembiso, bathandekayo, masizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelisa ubungcwele ngokwesaba uNkulunkulu.


Ngakho-ke makungabusi isono emizimbeni yenu efayo, nize nilalele izinkanuko zayo.


Esasihamba phakathi kwabo sonke ezikhathini ezidlule ngezinkanuko zenyama yethu, sifeza izinkanuko zenyama nezengqondo; futhi ngemvelo sasingabantwana bolaka njengabanye.


njengabantwana abalalelayo, ningabuki njengezinkanuko zakuqala ekungazini kwenu;


Ngoba ngenxa yalokhu ivangeli latshunyayelwa lakwabafileyo, ukuze bahlulelwe ngokwabantu enyameni, kodwa baphile ngokukaNkulunkulu emoyeni.


Njengoba selihlambulule imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso ngoMoya kuze kube sothandweni olungazenzisi lwabazalwane, thandanani kakhulu ngenhliziyo emhlophe;


Enisokwa kuye futhi ngokusoka okwenziwa ngaphandle kwezandla, ngokukhumula umzimba wezono zenyama ngokusoka kukaKristu.


Ngisho lokhu ukuthi isivumelwano esaqiniswa ngaphambili nguNkulunkulu kuKristu, umthetho owaba khona emva kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, awunakuchithwa, ukuze usenze ize isithembiso.


Ngakho-ke akusekho ukulahlwa kwabakuKristu Jesu, abangahambi ngokwenyama kodwa ngokukaMoya.


Kodwa ngitsho lokhu, bazalwane, ukuthi isikhathi sifitshane;


INkosi yathi: UMoya wami awuyikubusa njalo kumuntu, ngoba futhi uyinyama; kepha izinsuku zakhe ziyakuba yiminyaka eyikhulu namashumi amabili.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite