Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 5:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngakho yimani niqinile enkululekweni uKristu asikhulule ngayo, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UKristu wasikhulula ukuba sibe nenkululeko; ngakho-ke yimani niqine, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 UKhristu wasikhulula ukuze sibe ngabakhululekileyo. Ngakho-ke yimani niqine, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Ngakho yimani niqinile enkululekweni uKristu asikhulule ngayo, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 5:1
42 Referans Kwoze  

Kepha iNkosi inguMoya; kepha lapho uMoya weNkosi ekhona, kukhona inkululeko.


Ngokuba nina, bazalwane, nabizelwa enkululekweni; Kuphela ningasebenzisi inkululeko ibe yithuba enyameni, kodwa khonzanani ngothando.


njengabakhululekileyo, njalo lingasebenzisi inkululeko yenu njengesigubuzelo sobubi, kodwa njengezinceku zikaNkulunkulu.


Ngokuba isono asiyikubusa phezu kwenu, ngokuba aniphansi komthetho, kodwa niphansi komusa.


Ngokuba umthetho kaMoya wokuphila kuKristu Jesu ungikhululile emthethweni wesono nokufa.


Kepha manje lokhu senimazi uNkulunkulu, noma kunalokho naziwa nguNkulunkulu, senibuyela kanjani ezimisweni ezibuthakathaka neziwubala, enithanda ukubuye nibe yizigqila zazo na?


Masibambe isivumo sokholo lwethu, singantengantengi; (ngokuba uthembekile lowo owethembisayo;)


futhi ngenxa yabazalwane bamanga abangeniswa bengazi, abangena ngokunyenya ukuze bahlole ukukhululeka kwethu esilakho kuKristu Jesu, ukuze basenze izigqili;


Ngakho-ke, bazalwane, asisibo abantwana besigqilakazi, kodwa singabokhululekileyo.


Ngakho khumbula ukuthi wamukele wezwa njani, ubambelele, uphenduke. Ngakho uma ungalindi, ngizakuza kuwe njengesela, njalo kawusoze walazi ihola engizakuza ngalo phezu kwakho.


Bebathembisa inkululeko, bona ngokwabo bayizigqila zokubhubha;


Lindani, nime niqinile ekukholweni, nibe ngamadoda, nibe namandla.


Kepha manje sikhululiwe emthethweni, sesifile kulokho esasiboshwe yikho; ukuze sikhonze ngobusha bomoya, kungabi ngobudala bombhalo.


Senikhululiwe esonweni, naba yizigqila zokulunga.


UMoya kaJehova uphezu kwami; ngokuba uJehova ungigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabathotshisiweyo; Wangithuma ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo, ukumemezela ukukhululwa kwabathunjwa nokuvulelwa itilongo;


Manje nimlingelani uNkulunkulu ngokubeka ijoka entanyeni yabafundi, obaba nathi esingenamandla okulithwala na?


Ngokuba obiziweyo yiNkosi eyisigqila, ungokhululekile weNkosi;


Ngibuyisele intokozo yensindiso yakho; futhi ungisekele ngomoya wakho okhululekile.


Thenga iqiniso, ungalithengisi; nokuhlakanipha nesiyalo nokuqondisisa.


Bathandekayo, ngisenza inkuthalo yonke ukulibhalela ngensindiso esihlanganyelo ngayo, kwadingeka ukuba nginilobele, nginikhuthaze ukuba nilulwele kanzima ukholo olwanikelwa kwabangcwele kanye.


Kuphela ukuhamba kwenu makube njengokufanele ivangeli likaKristu, ukuze kuthi noma ngiza nginibona, noma ngingekho, ngizwe izindaba zenu, ukuthi nime niqinile emoyeni munye, nganhliziyonye nilwela ukukholwa kweNkosi ivangeli;


Ngakho yimani izinkalo zenu ziboshiwe ngeqiniso, nifake isivikelo sesifuba sokulunga;


Kepha lokho eninakho kubambisiseni ngize ngifike.


Ngakho lokhu silompristi omkhulu odabule emazulwini, uJesu iNdodana kaNkulunkulu, masibambe isivumo sethu.


Ngokuba senziwe abahlanganyeli bakaKristu, uma sibambelela ngokuqinile ekuqaleni kwethemba lethu kuze kube sekupheleni;


Kodwa uKristu njengendodana phezu kwendlu yakhe; esiyindlu yakhe thina, uma sibambisisa isibindi nokuzibonga kwethemba kuze kube sekupheleni.


Ngakho-ke, bazalwane, yimani niqine, nibambe amasiko enawafundiswa, noma ngezwi noma ngencwadi yethu.


Ngokuba manje siyaphila, uma nina nimi niqinile eNkosini.


Kodwa iJerusalema eliphezulu likhululekile, elingumama wethu sonke.


Kodwa ngemva kokuba ukholo selufikile, asisekho ngaphansi komfundisi.


Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.


Ngokuba babopha imithwalo enzima, bayibeke emahlombe abantu; kodwa bona ngokwabo abafuni ukuwanyakazisa nangomunwe wawo.


Ngakho-ke uma umyeni wakhe esekhona, uyakuthiwa isifebe, uma eba ngowenye indoda; ukuze angabi sisiphingi, noma engendela kwenye indoda.


Ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe; kodwa namukele uMoya wobuntwana, esimemeza ngaye sithi: Aba, Baba.


Ngokuba niyakubekezelela, uma umuntu enenza izigqila, uma umuntu enidla, uma umuntu ethatha kini, uma eziphakamisa, uma umuntu enishaya ebusweni.


Kodwa iwayini elisha limelwe ukuthelwa ezimvabeni ezintsha; futhi zombili ziyalondolozwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite