Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 4:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kodwa kwathi ukuphelela kwesikhathi sekufikile, uNkulunkulu wathuma iNdodana yakhe, eyazalwa ngowesifazana, yazalwa ngaphansi komthetho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 kepha lapho sekufikile ukuphelela kwesikhathi, uNkulunkulu wathuma iNdodana yakhe, izelwe ngowesifazane, izelwe phansi komthetho,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Kepha lapho sesifikile isikhathi esimisiweyo, uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe, eyazalwa ngowesifazane, izelwe phansi komthetho,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Kodwa kwathi ukuphelela kwesikhathi sekufikile, uNkulunkulu wathuma iNdodana yakhe, eyazalwa ngowesifazana, yazalwa ngaphansi komthetho.

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 4:4
44 Referans Kwoze  

Ngakho-ke iNkosi uqobo izakunika isibonakaliso; Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, iyibize ngokuthi u-Imanuweli.


Mayelana neNdodana yakhe uJesu Kristu iNkosi yethu, owavela enzalweni kaDavide ngokwenyama;


ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.


Wathi: “Isikhathi sigcwalisekile, nombuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe ivangeli.


Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.


Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, bayiqambe igama lokuthi u-Emanuweli, okungukuthi ngokuhunyushwa, uNkulunkulu unathi.


Nathi sibonile, siyafakaza ukuthi uYise wayithuma iNdodana ibe nguMsindisi womhlaba.


ukuze ekuhleleni kokuphelela kwezikhathi abuthele ndawonye zonke izinto kuKristu, ezisezulwini nezisemhlabeni; nakuye:


Wazala izibulo lakhe, wayisonga ngezindwangu, walilalisa emkhombeni; ngoba kwakungelandawo yabo endlini yezihambi.


Ngoba lokho umthetho owawungekwenze, ngoba ubuthakathaka ngenyama, uNkulunkulu ethuma eyakhe iNdodana ifana lenyama elesono, njalo ngenxa yesono, walahla isono enyameni;


Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, namandla oPhezukonke akusibekele;


Ngoba ngehle ezulwini, kungeyisikho ukuthi ngenze intando yami, kodwa intando yalowo ongithumileyo.


Koze kube nini uzulazula, ndodakazi ehlubukayo? ngokuba uJehova udale okusha emhlabeni: owesifazane uyakuhaqa owesilisa.


Ngakho lokhu abantwana bahlanganyela igazi lenyama, laye uqobo wahlanganyela khona lokho; ukuze ngokufa ambhubhise lowo owayenamandla okufa, okungukuthi, uSathane;


Nina nisho ngaye uBaba amngcwelisayo, wamthuma ezweni, ukuthi: Uyahlambalaza; ngoba ngithe: Mina ngiyiNdodana kaNkulunkulu?


Khuluma kuye, uthi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Nansi indoda egama layo linguLuthe; futhi uyokhula endaweni yakhe futhi akhe ithempeli likaJehova.


Sondelani kimi, nizwe lokhu; Angikhulumanga ekusithekeni kwasekuqaleni; kusukela kwaba khona, ngikhona; manje iNkosi uJehova noMoya wayo ingithumile.


Ngiyakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe; yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.


Futhi ngokungangabazeki inkulu imfihlakalo yokumesaba uNkulunkulu: UNkulunkulu wabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa kwabezizwe, wakholeka emhlabeni, wemukelwa enkazimulweni.


Kepha ngithi uJesu Kristu waba yisikhonzi sokusoka ngenxa yeqiniso likaNkulunkulu, ukuze aqinise izithembiso zabobaba;


Wathi kubo: “Akusikhona okwenu ukwazi izikhathi nezinkathi uBaba azimise ngamandla akhe.


Bheka, uzakukhulelwa, uzale indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu.


UJesu waphendula wathi kuye: Vuma kalokhu, ngokuba kusifanele ukugcwalisa kanjalo ukulunga konke. Wase emvumela.


Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nomniki-mthetho phakathi kwezinyawo zakhe aze afike uShilo; futhi kuyakuba kuye ukubuthwa kwabantu.


Yazini uMoya kaNkulunkulu ngalokhu: Bonke omoya abavuma ukuthi uJesu Kristu uzile enyameni bangabakaNkulunkulu;


ababemi kuphela ekudleni lekuphuzweni, lokugezisa izinhlobonhlobo, lezimiso zenyama, ababekwe phezu kwabo kuze kufike isikhathi sokuguqulwa.


Wesula umbhalo wesandla wemithetho owawumelene nathi, owawumelene nathi, wawususa endleleni, wawubethela esiphambanweni sakhe;


abangababo obaba, avela kubo uKristu ngokwenyama, uNkulunkulu ophezu kwakho konke, obongekayo kuze kube phakade. Amen.


UJesu wathi kubo: “Uma uNkulunkulu ebenguYihlo, beniyakungithanda mina, ngokuba mina ngaphuma ngivela kuNkulunkulu; futhi angizizelanga ngokwami, kodwa yena ungithumile.


Ningacabangi ukuthi ngize ukuchitha umthetho noma abaprofethi; angizanga ukuchitha, kodwa ukugcwalisa.


Bheka, ngiyathuma isithunywa sami, futhi siyakulungisa indlela phambi kwami; iNkosi eniyifunayo iyakufika ngokuzuma ethempelini layo, isithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso; bheka, uyeza, usho uJehova Sebawoti.


Nembuzi eyodwa ibe ngumnikelo wesono wokunenzela ukubuyisana.


Ngoba lapho sisebuthakathaka, ngesikhathi esifaneleyo uKristu wafela abangamesabi uNkulunkulu.


owazinikela abe yinhlawulo yabo bonke, kube ngubufakazi ngesikhathi esifaneleyo.


Ngakho uDavide umbiza ngokuthi iNkosi, pho uyindodana yakhe kanjani na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite