Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 4:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngokunjalo lathi, siseyizingane, sasisezigqilini ngaphansi kokucathula kwezwe;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kanjalo nathi, lapho siseyizingane, sasisebugqileni phansi kwezifundiso zobungane zezwe;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Nathi ngokunjalo, siseyizingane, sasiyizigqila phansi kwezimfundiso zomhlaba.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Ngokunjalo lathi, siseyizingane, sasisezigqilini ngaphansi kokucathula kwezwe;

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 4:3
20 Referans Kwoze  

Ngakho-ke uma nafile kanye noKristu kuzo iziqalo zezwe, kungani niphila ezweni nithobela izimiso na?


Xwayani funa kube khona oniphanga ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize, ngokwesiko labantu, ngezifundiso zokucathula zezwe, kungengokukaKristu.


Kepha manje lokhu senimazi uNkulunkulu, noma kunalokho naziwa nguNkulunkulu, senibuyela kanjani ezimisweni ezibuthakathaka neziwubala, enithanda ukubuye nibe yizigqila zazo na?


futhi ngenxa yabazalwane bamanga abangeniswa bengazi, abangena ngokunyenya ukuze bahlole ukukhululeka kwethu esilakho kuKristu Jesu, ukuze basenze izigqili;


Ngakho-ke, bazalwane, asisibo abantwana besigqilakazi, kodwa singabokhululekileyo.


Manje nimlingelani uNkulunkulu ngokubeka ijoka entanyeni yabafundi, obaba nathi esingenamandla okulithwala na?


Ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe; kodwa namukele uMoya wobuntwana, esimemeza ngaye sithi: Aba, Baba.


Khona uJesu wathi kumaJuda akholwe kuye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili;


Ongenziwanga ngokomthetho womyalo wenyama, kodwa ngokwamandla okuphila okungenasiphelo.


Ngokuba u-Agari lo uyintaba yaseSinayi e-Arabiya, imelela iJerusalema elikhona manje, lisebugqileni kanye nabantwana bayo.


Pho kungani ukhonza umthetho? Wenezelwa ngenxa yeziphambeko, kuze kufike inzalo okwakwenziwe kuyo isithembiso; wamiswa ngezingelosi ngesandla somlamuleli.


Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.


Ngokuba siyazi ukuthi umthetho ungowomoya, kepha mina ngingowenyama, othengisiwe phansi kwesono.


Ngokuba niyakubekezelela, uma umuntu enenza izigqila, uma umuntu enidla, uma umuntu ethatha kini, uma eziphakamisa, uma umuntu enishaya ebusweni.


kodwa iphansi kwabaphathi nababusi kuze kufike isikhathi esamiswa nguyise.


Kepha-ke, lapho ningamazi uNkulunkulu, nanikhonza labo abangesibo onkulunkulu ngokwemvelo.


Okuyizinto eziyisifanekiso; ngokuba laba bayizivumelwano ezimbili; omunye uvela entabeni yaseSinayi, ozalela ubugqila, ongu-Agari.


Ngokuba nakuba benifanele ukuba ngabafundisi, kuze kube manje, nisadinga futhi ukuba kube khona onifundisa iziqalo zamazwi kaNkulunkulu; seniba njengabadinga ubisi, hhayi okokudla okuqinileyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite