Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 4:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ukulingwa kwami okwakusenyameni yami anikudelelanga, anikuyekanga; kodwa nangamukela njengengelosi kaNkulunkulu, njengoKristu Jesu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 nokulingwa kwenu ngenyama yami anikudelelanga, aninengwanga yikho, kodwa nangamukela ngokungathi ngiyingelosi kaNkulunkulu, ngokungathi nginguKristu Jesu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 nanxa ubuthaka bami babuyijoka kini, kodwa anizange ningicunukele noma ningenyanye. Nangamukela ngokungathi ngiyingelosi kaNkulunkulu, kwangathi nginguKhristu uqobo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Ukulingwa kwami okwakusenyameni yami anikudelelanga, anikuyekanga; kodwa nangamukela njengengelosi kaNkulunkulu, njengoKristu Jesu.

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 4:14
23 Referans Kwoze  

Onamukela nina uyangamukela mina, nowamukela mina wemukela ongithumileyo.


Ngalokho nathi siyambonga uNkulunkulu singaphezi, ngokuba, lapho namukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu, kodwa njengezwi likaNkulunkulu elisebenzayo ngokweqiniso. Nakini enikholwayo.


Lingakhohlwa ukwamukela izihambi; ngoba ngalokho abanye bangenisa izingilosi bengazi.


Ngakho singamanxusa kaKristu ngokungathi uNkulunkulu unxusa ngathi;


Ngokuba izindebe zompristi kumelwe zigcine ulwazi, futhi kumelwe bafune umthetho emlonyeni wakhe, ngoba uyisithunywa sikaJehova Sebawoti.


Ngalolo suku uJehova uyobavikela abakhileyo eJerusalema; obuthakathaka phakathi kwabo ngalolo suku uyakuba njengoDavide; indlu kaDavide ibe njengoNkulunkulu, njengengelosi kaJehova phambi kwabo.


Wahleba inceku yakho enkosini yami, inkosi; kodwa inkosi yami, inkosi, injengengilosi kaNkulunkulu; khona-ke yenza okuhle emehlweni akho.


Inceku yakho yathi: ‘Izwi lenkosi yami, inkosi, makube elinokuthula, ngokuba njengengelosi kaNkulunkulu, injalo inkosi yami, inkosi, ukwahlukanisa okuhle nokubi; ngalokho uJehova uNkulunkulu wakho uyakuba nawe.


Ngakho-ke owalayo akali umuntu, kepha wala uNkulunkulu osinikile noMoya wakhe oNgcwele.


Niyazi ukuthi ngobuthakathaka benyama ngashumayela ivangeli kini ekuqaleni.


Thina siyiziwula ngenxa kaKristu, kepha nina nihlakaniphile kuKristu; thina sibuthakathaka, kodwa nina ninamandla; niyadunyiswa, kepha thina sidelelekile.


Lezinto eziphansi zomhlaba lezinto ezidelelwayo uNkulunkulu uzikhethile, lezinto ezingekho, ukuthi achithe izinto ezikhona.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Owamukela engimthumayo uyangamukela mina; nowamukela mina wemukela ongithumileyo.


Ya le utlwang o a nkutlwa; mme ya le nyatsang, o a nyedisa nna; mme ya nnyatsang, o nyedisa ya nthomileng.


Inkosi iyakuphendula, ithi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Njengoba nikwenzile komunye walaba bafowethu abancane, nikwenzile nakimi.


Nalowo owemukela umntwana omncane onje ngegama lami uyangamukela mina.


Ngase ngithi: “Ukuhlakanipha kungcono kunamandla; nokho ukuhlakanipha kompofu kuyadelelwa, namazwi akhe awezwakali.


Ngimncane, ngidelelekile; nokho angikhohlwa imiyalo yakho.


Olungele ukushelela ngezinyawo unjengesibani esidelelekile engqondweni yabanokuthula.


Ngokuba nina nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuKristu Jesu.


Akakho umJuda namGreki, akakho oboshiweyo nokhululekileyo, akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu.


Pho-ke iphi isibusiso enakhuluma ngaso na? ngokuba ngiyanifakazela ukuthi, uma bekungenzeka, beniyakukhupha amehlo enu, ninginike wona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite