Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 3:29 - Contemporary Zulu Bible 2024

29 Uma ningabakaKristu, niyinzalo ka-Abrahama, niyizindlalifa ngokwesithembiso.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Kepha uma ningabakaKristu, seniyinzalo ka-Abrahama, niyizindlalifa ngokwesithembiso.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

29 Kepha uma ningabakaKhristu, seningabolibo luka-Abhrahama, niyizindlalifa ngokwesithembiso.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

29 Uma ningabakaKristu, niyinzalo ka-Abrahama, niyizindlalifa ngokwesithembiso.

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 3:29
26 Referans Kwoze  

ukuze abezizwe babe yizindlalifa kanye nami, futhi babe umzimba ofanayo, futhi abahlanganyeli sesithembiso sakhe kuKristu ngevangeli.


Ngakho yazini ukuthi abangabokukholwa yibona abangabantwana bakaAbrahama.


Njalo uba singabantwana, siyizindlalifa; izindlalifa zikaNkulunkulu, lezindlalifa kanye loKristu; uma kambe sihlupheka kanye naye, ukuze siphiwe inkazimulo futhi kanye naye.


ukuze sesilungisisiwe ngomusa wakhe, sibe yizindlalifa ngokwethemba lokuphila okuphakade.


Onqobayo uyakudla ifa lakho konke; ngiyakuba nguNkulunkulu wayo, yona ibe yindodana yami.


Ngakho-ke awuseyona inceku, kodwa indodana; uma uyindodana, uyindlalifa kaNkulunkulu ngoKristu.


Lalelani, bazalwane bami abathandekayo: UNkulunkulu kabakhethanga yini abampofu balumhlaba ukuba bacebe ekukholweni, lezindlalifa zombuso awuthembisayo abamthandayo?


Izinto nizibheka ngokubonakala kwangaphandle na? Uma umuntu ezithemba ukuthi ungokaKristu, makabuye acabange lokhu ngokwakhe, ukuthi njengoba yena engokaKristu, kanjalo nathi singabakaKristu.


Ngakho uNkulunkulu, ethanda kakhulu kakhulu ukubonisa izindlalifa zesithembiso ukungaguquleki kwecebo lakhe, wakuqinisa ngesifungo;


Manje izithembiso zenziwa ku-Abrahama nasenzalweni yakhe. Akasho ukuthi: Nasezinzalweni, kungathi ngeziningi; kodwa kungathi ngeyodwa: Nasenzalweni yakho enguKristu.


Okwathiwa ngaye: NgoIsaka inzalo yakho iyakubizwa;


Ngokukholwa uNowa, exwayisiwe nguNkulunkulu ngezinto ebezingakabonwa, ngokwesaba wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe; ngalo walahla umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okungokukholwa.


Azisibo yini zonke omoya abakhonzayo, abathunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayakuba yizindlalifa zensindiso na?


AbakaKristu babethele esiphambanweni inyama kanye nokuhuheka nezinkanuko.


Akakho umJuda namGreki, akakho oboshiweyo nokhululekileyo, akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu.


Kodwa ngulowo lalowo esigabeni sakhe: UKristu ulibo; ngasemuva abangabakaKristu ekufikeni kwakhe.


Ningacabangi ukusho phakathi kwenu ukuthi: ‘Sinobaba u-Abrahama;’ ngokuba ngithi kini: UNkulunkulu angamvusela u-Abrahama abantwana kulawa matshe.


Ngokuba uma ifa lingokomthetho, alikho ngesithembiso, kepha uNkulunkulu walinika u-Abrahama ngesithembiso.


Kepha ngithi indlalifa iseyingane, kayahlukanga ngalutho encekwini, nakuba iyinkosi yakho konke;


Nabo bonke abahamba ngalo mthetho, makube kubo ukuthula nesihawu, naku-Israyeli kaNkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite