Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 3:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngisho lokhu ukuthi isivumelwano esaqiniswa ngaphambili nguNkulunkulu kuKristu, umthetho owaba khona emva kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, awunakuchithwa, ukuze usenze ize isithembiso.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Kepha ngisho lokhu ukuthi isivumelwano esaqiniswa nguNkulunkulu ngaphambili, umthetho owavela emva kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, awusesuli, uze usichithe isithembiso;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Yilokhu engikushoyo ukuthi isivumelwano esaqiniswa phambilini nguNkulunkulu, akukho mthetho obekwe emva kweminyaka engama-430 ongasesula noma usiqede, sona kanye nesithembiso.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Ngisho lokhu ukuthi isivumelwano esaqiniswa ngaphambili nguNkulunkulu kuKristu, umthetho owaba khona emva kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, awunakuchithwa, ukuze usenze ize isithembiso.

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 3:17
39 Referans Kwoze  

Wathi ku-Abrama: “Yazi nokwazi ukuthi inzalo yakho iyakuba ngabafokazi ezweni elingesilo elayo, ibakhonze; bayakubacindezela iminyaka engamakhulu amane;


Ngokuba zonke izithembiso zikaNkulunkulu kuye zinguyebo, futhi kuyena zingu-Amen, kube inkazimulo kaNkulunkulu ngathi.


Ngokuba kuthiwani uma abanye bengakholwanga? Ukungakholwa kwabo kuyakwenza ize ukukholwa kukaNkulunkulu na?


Ngikusho lokhu, ukuze kungabikho muntu onikhohlisayo ngamazwi ahungayo.


UKristu uye waba yize kini, nina enilungisiswa ngomthetho; niwile emseni.


Bazalwane, ngikhuluma ngokwabantu; Noma kuyisivumelwano somuntu, nokho siqinisekiswa, akakho ongasichithayo nonganezela kuso.


Ngokuba uKristu akangithumanga ukuba ngibhapathize, kodwa ukuba ngishumayele ivangeli, kungabi ngokuhlakanipha kwamazwi, funa isiphambano sikaKristu senziwa ize.


Ngokuba umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kwavela ngoJesu Kristu.


Ngokuba uJehova Sebawoti ukuhlosile, ngubani oyakuchitha na? nesandla sakhe seluliwe, ngubani ongasibuyisela emuva?


Owamiselwa ngaphambili ngaphambi kokusekelwa kwezwe, kodwa wabonakaliswa kulezikhathi zokugcina ngenxa yenu;


Bonke laba bafela ekukholweni, bengazamukelanga izithembiso, kodwa bazibona zikude, bakholiswa ngazo, bavuma ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni.


Ngokuba umthetho owandulelayo uyachithwa ngenxa yobuthakathaka nokungasizi kwawo.


Ngakho-ke lokhu ngiyakusho, ngifakaza eNkosini, ukuthi ningabe nisahamba njengabanye abezizwe ebuzeni bengqondo yabo;


Ngakho-ke umthetho uphambene nezithembiso zikaNkulunkulu na? Makube njalo, ngokuba uma wawunikiwe umthetho owawungaphilisa, isibili ukulunga ngabe kuvela ngomthetho.


Kepha lokhu ngithi: Ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana; nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu.


Ngithini-ke? ukuthi isithombe siyinto, noma lokho okuhlatshelwe izithombe kuyizinto na?


Kodwa ngitsho lokhu, bazalwane, ukuthi isikhathi sifitshane;


Kepha ngisho lokhu ukuthi yilowo nalowo kini uthi: Mina ngingokaPawulu; mina ngingoka-Apholo; mina ngingokaKhefase; futhi mina ngikaKristu.


ammisileyo uNkulunkulu, abe yinhlawulo ngokukholwa egazini lakhe, ukuze kubonakaliswe ukulunga kwakhe ngenxa yokuthethelelwa kwezono ezenziwe ngaphambili, ngokubekezela kukaNkulunkulu;


UNkulunkulu wakhuluma kanje, wathi: “Inzalo yakhe iyakuba ngabafokazi ezweni lezizwe; nokuthi babenze izigqila, babaphathe kabi iminyaka engamakhulu amane.


Futhi isivumelwano senu nokufa siyochithwa, futhi isivumelwano senu nesihogo ngeke sibe khona; uma isishayo esibi sidlula, niyakunyathelwa yiso.


UJehova uyachitha icebo lezizwe; Uchitha amacebo abantu.


Niyakuchitha nokwahlulela kwami na? Uzangilahla yini, ukuze ulunge?


Kepha uma indoda yakhe imalela ngosuku ekuzwa ngalo; khona-ke kumelwe enze isithembiso sakhe athembisa ngaso, nasikhulumile ngezindebe zakhe, abophe ngaso umphefumulo wakhe, asinakuchithwa; uJehova uyakumthethelela.


UNkulunkulu akasiye umuntu ukuba aqambe amanga; nendodana yomuntu ukuba iphenduke; wathi futhi ngeke? noma ukhulumile angalungisi na?


UNkulunkulu wathi: Impela umkakho uSara uzakukuzalela indodana; uyakuqamba igama layo ngokuthi u-Isaka, ngimise isivumelwano sami naye, sibe yisivumelwano esiphakade nenzalo yakhe emva kwakhe.


Ngalolo suku uJehova wenza isivumelwano no-Abrama, wathi: “Inzalo yakho ngiyinike leli zwe, kusukela emfuleni waseGibhithe kuze kufike emfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe.


Ngakho ngithi: Hambani ngoMoya, khona aniyikufeza izinkanuko zenyama.


Isiphi isivumelwano asenza loAbrahama lesifungo sakhe kuIsaka;


Ngalesosikhathi naningenaye uKristu, ningaphandle kombuso ka-Israyeli, ningabafokazi ezivumelwaneni zesithembiso, ningenathemba, ningenaNkulunkulu ezweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite