Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseGalathiya 2:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Nabanye abaJuda bazenzisa kanye naye; waze wathatheka noBarnabasi ngokuzenzisa kwabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Nabanye abaJuda futhi bazenzisa kanye naye, waze wathatheka noBarnaba ngokuzenzisa kwabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Nabanye abaJuda bazenzisa njengaye, noBharnabha waze wathatheka ngokuzenzisa kwabo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Nabanye abaJuda bazenzisa kanye naye; waze wathatheka noBarnabasi ngokuzenzisa kwabo.

Gade chapit la Kopi




KwabaseGalathiya 2:13
17 Referans Kwoze  

Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.


Ukuze singabe sisaba abantwana, sijikijelwa ngapha nangapha, siqhutshwa yiwo wonke umoya wemfundiso, ngobuqili babantu, nobuqili bobuqili abaqamekela ukudukisa ngabo;


Ningahujwa yizimfundiso eziyizinhlobonhlobo nezingaziwayo. Ngokuba kuhle ukuthi inhliziyo iqiniswe ngomusa; kungeyisikho ngokudla, abangazuzanga ngakho abahlezi kukho.


Kepha qaphelani, funa lelo lungelo lenu libe yisikhubekiso kwababuthakathaka.


Ukuzigqaja kwenu akukuhle. Anazi yini ukuthi imvubelo encane ibilisa inhlama yonke na?


LoJosefa owathiwa ngabaphostoli isibongo esithi nguBarnabasi, okuyikuthi ngokuphendulelwa, indodana yenduduzo, umLevi, welizwe leKhupro,


Izimpukane ezifileyo zenza amafutha omgcobo akhiphe iphunga elibi; kanjalo nobuwula obuncane kowaziwa ngokuhlakanipha nodumo.


Kwathi emva kweminyaka eyishumi nane ngabuye ngenyukela eJerusalema kanye noBarnaba, ngathatha noThithu.


Niyazi ukuthi naholwa ningabezizwe, nayiswa kuzo izithombe eziyizimungulu.


Ngoba kakho umuntu olungileyo emhlabeni owenza okuhle njalo angoni.


Wathi: “Wena uyindodana yami u-Esawu na?” Wathi: “Nginguye.”


Inhliziyo yakho ikuthathelani na? lapho amehlo akho ecwayiza.


Kanjalo nani ngaphandle nibonakala kubantu nilungile, kepha ngaphakathi nigcwele ukuzenzisa nobubi.


Kwathi oJakobe, noKhefase, noJohane, ababebonakala beyizinsika, bebona umusa engiwuphiweyo, banika mina noBarnaba isandla sokunene sokuhlangana; ukuze siye kwabezizwe, bona baye kwabasokile.


Futhi ngizakhonza bani? angiyikukhonza phambi kwendodana yakhe na? njengalokho ngakhonza phambi kukayihlo, ngiyakuba njalo phambi kwakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite