Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseFilipi 3:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngokuba singabokusoka thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizibonga kuKristu Jesu, singathembi enyameni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngokuba singukusoka thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizibonga kuKristu Jesu, singethembi enyameni,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Ngokuba singabasokile thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizigqaja kuKhristu uJesu, asilibekile ithemba lethu enyameni,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Ngokuba singabokusoka thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizibonga kuKristu Jesu, singathembi enyameni.

Gade chapit la Kopi




KwabaseFilipi 3:3
32 Referans Kwoze  

Enisokwa kuye futhi ngokusoka okwenziwa ngaphandle kwezandla, ngokukhumula umzimba wezono zenyama ngokusoka kukaKristu.


Kepha manje sikhululiwe emthethweni, sesifile kulokho esasiboshwe yikho; ukuze sikhonze ngobusha bomoya, kungabi ngobudala bombhalo.


UJehova uNkulunkulu wakho uyakusoka inhliziyo yakho nenhliziyo yenzalo yakho ukuba uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho, ukuze uphile.


Uma siphila ngoMoya, masihambe futhi ngoMoya.


Ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe; kodwa namukele uMoya wobuntwana, esimemeza ngaye sithi: Aba, Baba.


Zisokeleni kuJehova, nisuse ijwabu lezinhliziyo zenu, madoda akwaJuda nabakhileyo eJerusalema, ukuze ulaka lwami lungaphumi njengomlilo, luvuthe kungekho ongawucima, ngenxa yobubi bezenzo zenu.


Zibongeni egameni lakhe elingcwele; mayijabule inhliziyo yabafuna uJehova.


Ngakho-ke sokani ijwabu lenhliziyo yenu, ningabe nisaba yisijaka.


ngokukhuleka konke nokunxusa nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya, nikulinde ngokubekezela okukhulu nokunxusela abangcwele bonke;


iGibithe, noJuda, no-Edomi, nabantwana bakwa-Amoni, nabakwaMowabi, nabo bonke abasemagumbini ahlala ehlane; ngoba zonke lezi zizwe azisokile, futhi yonke indlu ka-Israyeli isokile enhliziyweni.


Ngokuba uNkulunkulu engimkhonza ngomoya wami evangelini leNdodana yakhe ungufakazi wami wokuthi angiphezi ukunikhumbula emikhulekweni yami;


Ngoba kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekutshoneni kwalo ibizo lami lizakuba likhulu phakathi kwezizwe; nasezindaweni zonke kuyoshiselwa igama lami umnikelo ohlanzekile, ngokuba igama lami liyakuba likhulu phakathi kwezizwe,” usho uJehova Sebawoti.


NgoJehova yonke inzalo ka-Israyeli iyakulungisiswa futhi ikhazinyuliswe.


Kepha nina bathandekayo, zakheni ekukholweni kwenu okungcwelengcwele, nikhuleke ngoMoya oNgcwele;


Ngakho nginokuzibonga ngoKristu Jesu ezintweni ezikaNkulunkulu.


nakuphakama, nakujula, nanto enye edaliweyo akuyikuba-namandla okusahlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.


Kungesikho ukuthi ilizwi likaNkulunkulu lehlulekile. Ngokuba abasibo bonke abakwa-Israyeli abaphuma ku-Israyeli;


Njengoba abaningi bezincoma ngokwenyama, nami ngiyakuzibonga.


Nabo bonke abahamba ngalo mthetho, makube kubo ukuthula nesihawu, naku-Israyeli kaNkulunkulu.


UPawulu noThimothewu, izinceku zikaJesu Kristu, kubo bonke abangcwele abakuKristu Jesu abaseFilipi, kanye nababonisi namadiyakoni;


Kungabi njengokuba sengikutholile, noma sengiphelele, kodwa ngiphuthuma ukuba ngikubambe lokho nami engibanjelwe kona nguKristu Jesu.


ngijonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okuphezulu kukaNkulunkulu kuKristu Jesu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite