Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseFilipi 3:20 - Contemporary Zulu Bible 2024

20 Ngokuba indaba yethu isezulwini; lapho futhi silindele khona uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Kepha thina singabombuso wasezulwini, lapho futhi silindela khona ukuba kuvele uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 Kepha thina singabombuso wezulu, lapho futhi silangazelele khona ukubona uMsindisi, iNkosi uJesu Khristu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

20 Ngokuba indaba yethu isezulwini; lapho futhi silindele khona uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu.

Gade chapit la Kopi




KwabaseFilipi 3:20
36 Referans Kwoze  

Ngakho-ke aniseyibo abezizwe nezihambi, kodwa niyizakhamuzi ezikanye nabangcwele, ningabendlu kaNkulunkulu;


Thina singabheki okubonwayo kodwa okungabonwayo, ngokuba okubonwayo kungokwesikhashana; kodwa okungabonwayo kungokwaphakade.


Kepha nize entabeni yaseSiyoni, nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, naseviyo lezingelosi ezingenakubalwa.


Ngokuba ithemba enibekelwe lona ezulwini, enalizwa ngaphambili ngezwi leqiniso levangeli;


Wasivusa kanye naye, wasihlalisa kanye naye ezindaweni zasezulwini kuKristu Jesu;


Sinesibindi, ngithi, sithanda kakhulu ukuba kude nomzimba, sibe khona neNkosi.


Kusukela khathesi ngibekelwe umqhele wokulunga, ezanginika wona ngalolosuku iNkosi, umahluleli olungileyo, kungeyisimi ngedwa, kodwa lakubo bonke abathanda ukubonakala kwayo.


nokulinda iNdodana yakhe ivela ezulwini, ayivusa kwabafileyo, uJesu osikhulula olakeni oluzayo.


Kanjalo noKristu wanikelwa kwaba kanye ukuba athwale izono zabaningi; futhi kulabo abalindele yena uyobonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kube insindiso.


Kodwa iJerusalema eliphezulu likhululekile, elingumama wethu sonke.


silindele ithemba elibusisiweyo, nokubonakala kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Kristu;


Ngakho-ke anisileli ngesipho; nilindele ukufika kweNkosi yethu uJesu Kristu;


Athi futhi: Madoda aseGalile, nimeleni nigqolozele ezulwini na? UJesu lo, onyuswe kini enyuselwa ezulwini, uyakuza kanjalo njengalokho nimbonile eya ezulwini.


UJesu wathi kuye: “Uma uthanda ukuphelela, hamba uthengise ngalokho onakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.


Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngokumemeza, ngezwi lengelosi enkulu, nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala;


Wena uyakubusiswa; ngokuba abanakukubuyisela, ngokuba uyakuvuzwa ekuvukeni kwabalungileyo.


Bheka, uyeza namafu; namehlo onke ayakumbona, nabamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Noma kunjalo Amen.


Indlela yokuphila iphezulu kohlakaniphileyo ukuze asuke esihogweni esingaphansi.


ukuze nivume izinto ezinhle kakhulu; ukuze nibe msulwa, ningabi nacala, kuze kufike usuku lukaKristu;


Mina-ke, ngizabubona ubuso bakho ekulungeni; Ngiyokwaneliswa ekuvukeni kwami, ngomfanekiso wakho.


Uzangitshengisa indlela yokuphila; phambi kobuso Bakho kugcwele intokozo; ngakwesokunene sakho kukhona okuthokozisayo kuze kube phakade.


Unjalo oziqongelelela ingcebo, engacebile kuNkulunkulu.


Njengoba enjalo ongowenhlabathi, banjalo labo abangabenhlabathi;


Kuphela ukuhamba kwenu makube njengokufanele ivangeli likaKristu, ukuze kuthi noma ngiza nginibona, noma ngingekho, ngizwe izindaba zenu, ukuthi nime niqinile emoyeni munye, nganhliziyonye nilwela ukukholwa kweNkosi ivangeli;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite