Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseFilipi 3:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 ukuze ngimazi yena, namandla okuvuka kwakhe, nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngifaniswe nokufa kwakhe;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 ukuze ngimazi yena, namandla okuvuka kwakhe, nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngimfuze ngokufa kwakhe,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 ukuze ngimazi Yena, namandla okuvuka kwakhe, ngibe nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngimfuze nangokufa kwakhe,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 ukuze ngimazi yena, namandla okuvuka kwakhe, nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngifaniswe nokufa kwakhe;

Gade chapit la Kopi




KwabaseFilipi 3:10
34 Referans Kwoze  

Ngibethelwe kanye noKristu, nokho ngiyaphila; nokho akumina, kodwa uKristu uphila kimi, nokuphila engikuphila manje enyameni ngikuphila ngokukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.


Njalo uba singabantwana, siyizindlalifa; izindlalifa zikaNkulunkulu, lezindlalifa kanye loKristu; uma kambe sihlupheka kanye naye, ukuze siphiwe inkazimulo futhi kanye naye.


Yebo, impela, konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi uKristu Jesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi, ukuze ngizuze uKristu;


Ngalokho siyazi ukuthi siyamazi yena, uma sigcina imiyalo yakhe.


Ngakho-ke uma navuswa kanye noKristu, funani okwaphezulu, lapho ehlezi khona uKristu ngakwesokunene sikaNkulunkulu.


engithokozayo khathesi ekuhluphekeni kwami ngenxa yenu, njalo enyameni yami ngigcwalisa okusilele kwezinhlupheko zikaKristu ngenxa yomzimba wakhe, oyibandla;


Ngokuba njengalokhu izinhlupheko zikaKristu zivama kithi, kanjalo nenduduzo yethu kuvama ngoKristu.


Makabongwe uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu, obuye wasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu ukuba sibe nethemba eliphilayo ngokuvuka kukaJesu Kristu kwabafileyo.


Ngokuba noma wabethelwa esiphambanweni ngobuthakathaka, nokho uphila ngamandla kaNkulunkulu. Ngokuba nathi sibuthakathaka kuye, kepha siyakuphila kanye naye ngamandla kaNkulunkulu kini.


Kepha ogcina izwi lakhe, uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe kuye impela; ngalokho siyazi ukuthi sikuye.


Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa weqiniso, noJesu Kristu omthumileyo.


Ngokuba labo ayebazi ngaphambili wabamisa ngaphambili bafane nomfanekiso weNdodana yakhe, ukuze yona ibe yizibulo phakathi kwabazalwane abaningi.


Mina ngingophilayo, futhi ngangifile; futhi bheka, ngiyaphila kuze kube phakade, Amen; futhi nginezihluthulelo zesihogo nezokufa.


Nani enifile ezonweni zenu nokungasoki kwenyama yenu, uniphilise kanye naye, esenithethelele zonke iziphambeko;


size sifike sonke ebunyeni bokukholwa, lobolwazi lweNdodana kaNkulunkulu, endodeni epheleleyo, esilinganisweni sobukhulu bokugcwala kukaKristu.


Owasikhulula ekufeni okungaka, njalo uyasikhulula;


Akakho ongangamuka mina, kodwa mina ngidela ngokwami. Nginamandla okukubeka phansi, nginamandla okubuye ngikuthabathe; lomlayo ngiwamukele kuBaba.


Wathi kubo: “Impela nizakuphuza indebe yami, nibhapathizwe ngombhapathizo engibhapathizwa ngawo mina; kulabo abakulungiselweyo nguBaba.


Usho kanje uJehova, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazibongi ngokuhlakanipha kwakhe, nonamandla makangazigabisi ngamandla akhe, nocebileyo makangazibongi ngenotho yakhe.


Njengokulotshiweyo ukuthi: Ngenxa yakho sibulawa usuku lonke; sibalwa njengezimvu zokuhlatshwa.


Kusukela manje makungabikho muntu ongihluphayo, ngokuba nginezimpawu zeNkosi uJesu emzimbeni wami.


Yebo, ngibona kufanele ukuthi, nxa ngisekuleli dokodo, nginivuse ngokunikhumbuza;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite