Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseFilipi 2:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kodwa wazenza ongeladumo, wathatha isimo senceku, waba ngomfanekiso wabantu;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 kepha wazidela ethabatha isimo senceku, enziwe ngomfanekiso wabantu;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Kepha wazidela, wathatha isimo senceku, wazalwa waba ngumuntu, wabonakala enesimo somuntu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Kodwa wazenza ongeladumo, wathatha isimo senceku, waba ngomfanekiso wabantu;

Gade chapit la Kopi




KwabaseFilipi 2:7
31 Referans Kwoze  

Ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu Kristu, ukuthi nakuba ecebile waba mpofu ngenxa yenu, ukuze ngobumpofu bakhe nina nicebe.


njengalokhu iNdodana yomuntu ingezanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza, nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.


ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.


Ngoba lokho umthetho owawungekwenze, ngoba ubuthakathaka ngenyama, uNkulunkulu ethuma eyakhe iNdodana ifana lenyama elesono, njalo ngenxa yesono, walahla isono enyameni;


Kodwa kwathi ukuphelela kwesikhathi sekufikile, uNkulunkulu wathuma iNdodana yakhe, eyazalwa ngowesifazana, yazalwa ngaphansi komthetho.


Ngokuba asinaye umpristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu; kodwa walingwa kukho konke njengathi, kodwa engenasono.


Ngokuba noKristu akazithokozisanga yena; kodwa, njengokulotshiweyo ukuthi: Ukuthuka kwabakuthukayo kwehlela phezu kwami.


Uyobona umshikashika womphefumulo wakhe, asuthe; ngokwazi kwakhe uyakuyenza inceku yami elungileyo ilunge kakhulu; ngokuba uyakuthwala ububi babo.


sibheke kuJesu umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu; owathi ngenxa yentokozo eyayibekwe phambi kwakhe wathwala isiphambano, edelela ihlazo, futhi usehlezi ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.


Ngokuba yimuphi omkhulu, ohlezi ekudleni noma okhonzayo? Akusiye ohlezi ekudleni na? kodwa mina ngiphakathi kwenu njengokhonzayo.


Kepha ngithi uJesu Kristu waba yisikhonzi sokusoka ngenxa yeqiniso likaNkulunkulu, ukuze aqinise izithembiso zabobaba;


owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi ukulingana noNkulunkulu kungukuphanga;


Bheka, inceku yami engiyisekelayo; abakhethiweyo bami othokoza ngabo umphefumulo wami; ngibekile uMoya wami phezu kwakhe: uyakuletha ukwahlulela kwabezizwe.


Kepha mina ngiyisibungu, angikho; ihlazo labantu nokudelelwa ngabantu.


Jabula kakhulu, ndodakazi yaseZiyoni! khala, ndodakazi yaseJerusalema! Bheka, iNkosi yakho iza kuwe; Ulungile futhi unensindiso; ithobekile, igibele imbongolo, ithole lethole.


Bheka, inceku yami engiyikhethileyo; othandiweyo wami othokoza kuye umphefumulo wami;


Khumbulani ababoshiweyo ngokungathi niboshiwe kanye nabo; nabaphathwa kabi, njengokuba nani nisemzimbeni.


Mayelana neNdodana yakhe uJesu Kristu iNkosi yethu, owavela enzalweni kaDavide ngokwenyama;


Waphendula, wathi kubo: “Nempela u-Eliya uyeza kuqala, abuyisele zonke izinto; nokuthi kulotshiwe kanjani ngeNdodana yomuntu ukuthi imelwe ukuhlupheka ngokuningi, idelelwe.


Manje yizwa, Joshuwa, mpristi omkhulu, wena nabangane bakho abahlala phambi kwakho, ngoba bangabantu abamangalisayo, ngoba bheka, ngiyoveza inceku yami, iHLUmela.


Futhi emva kwamasonto angamashumi ayisithupha nambili uMesiya uyobhujiswa, kodwa hhayi yena; futhi abantu besikhulu esizayo bayochitha umuzi nendlu engcwele; futhi ukuphela kwawo kuyakuba ngozamcolo, futhi kuze kube sekupheleni kwempi ukuchithwa kumisiwe.


wathi kimi: Uyinceku yami, Israyeli, engizodunyiswa ngayo.


Ngokuba noma wabethelwa esiphambanweni ngobuthakathaka, nokho uphila ngamandla kaNkulunkulu. Ngokuba nathi sibuthakathaka kuye, kepha siyakuphila kanye naye ngamandla kaNkulunkulu kini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite